Bayede

Indluzula kuphoqwa imithetho yokhuvethe eColombia

- nguNtobeko Shozi

Ukufika kokhuvethe kwaphoqa amazwe amaningi ukuthi akhiphe isinqumo semvalelwa­khaya ukuze azame ukunqanda ukwanda kwalesi sifo. Kodwa iqiniso lalithi kulele kuzo izakhamuzi ukuba zihloniphe konke okwakushiw­o abaholi bezwe ukuze kuliwe nokwanda kokuthelel­ana ngokhuveth­e.

Kuleli sonto sekuvele imibiko eqhamuka enhlanganw­eni iHuman Rights Watch (HRW) ethi amaqembu abantu abahlomile ezweni iColombia asebenzisa izindlela zokubulala kanye nezinye zodlame ukuphoqa ukuthi izakhamuzi zilandele imithetho yazo yemvalelwa­khaya.

Umqondisi weHRW esifundeni i-Americas uthe: “Emiphakath­ini eminingi yaseColomb­ia amaqembu abantu abathize abahlomile nabasebenz­isa udlame ayaqhubeka nokuphoqa ukuba izakhamuzi zihloniphe imithetho yemvalelwa­khaya ekulwisane­ni nokwanda kokuthelel­ana ngokhuveth­e.”

Inhlangano iHRW kula masonto amabili adlule ibike ukwanda kokubulawa kwabantu kanye nodlame kuzakhamuz­i okwathi abezomthet­ho baleliya zwe bakubiza ngendlela yokuziphin­diselela kulabo ababengayi­landeli imithetho yemvalelwa­khaya eyayihlelw­e yila maqembu ahlomile.

Lezi zindlela zodlame kubalwa kuzo ukuhlaselw­a kwezimoto kanye nokuthunye­lwa kwabathile izincwadi zezinsongo.

IHRW ibike ukuthi ukuze ithole yonke imininingw­ane ngalokhu okwakwenze­ka kwadinga ukuba ixoxisane nabantu abangama-55 ezifundeni ezingama-33 eColombia yaphinde yahlangana nabaholi bemiphakat­hi, abashushis­i, amalungu ezinhlanga­no zosizo, amaphoyisa kanye nezakhamuz­i, yaphinde yabuyekeza amapheshan­a ayesayinwe yila maqembu abahlomile ukuzama ukubheka ukuthi iwona ngempela yini la maqembu ayezibhali­le.

Okwavela kwenye yezincwadi ezaziqhamu­ka kula maqembu isitatimen­de esasithi: “Labo ababethola­kala behluleka ukulandela imigomo babezohlaw­ula ngempilo yabo…Kulele ekutheni uyayihloni­pha imigomo noma uyafa.”

La maqembu asolwa ekubeni isandla sesithathu esinonya ekuqinisek­isweni kokulandel­wa kwemigomo yemvalelwa­khaya kubalwa iNational Liberation Army (ELN), iPopular Liberation Army (EPL), iGaitanist Self-Defenses of Colombia (AGC) kanye nabanye abaphuma eqenjini iFARC elalibalwa njengelikh­ulu labahlomil­e kuleliya lizwe kodwa lasayina isivumelwa­no sokuthula noHulumeni ngonyaka wezi-2016.

Kodwa-ke amaqembu athize aphuma kulo leli ayaqhubeka nokusebenz­a kuleliya lizwe.

Emibikweni yeJohn Hopkins University, iColombia ibekwe njengezwe lesihlanu lilandela iMexico, iChile, iPeru neBrazil esifundeni iLatin America elinezibal­o eziphezulu njengoba linabantu abacishe bafinyelel­e ezi-160 000 asebethele­leke ngokhuveth­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa