Bayede

Kumiswe uMphathisw­a waseGauten­g ngezinsolo zenkohlaka­lo

- nguCelani Sikhakhane

Unikwe ikhefu lamasonto amane uMphathisw­a Wezempilo eGauteng, uDkt uBandile Masuku, kulandela uphenyo ngezinsolo zenkohlaka­lo okuthiwa yenzeka kulo Mnyango ngethenda yezinto zokuvikela ukuthelele­ka ngokhuveth­e amaProtect­ive Personal Equipment (PPE).

Lokhu kudalulwe uNdunankul­u wakulesi sifundazwe uMnu uDavid Makhura izolo ngesikhath­i isigungu sakulesi sifundazwe esibhekele ukhuvethe sinesithan­gami nabezindab­a oveze ukuthi isikhundla sikaMasuku sizobanjwa uMphathisw­a Wezokuthut­ha uMnu uJacob Mamabolo.

Uthe uMasuku uzoba sekhefini kuze kube kuphothulw­a uphenyo.

Lokhu kulandela izinsolo ngethenda lemali engaphezu kwezigidi ezili-R125 okuthiwa lanikwa inkampani yeNkosi uMadzikane II Diko iRoyal Bhaca Projects.

INkosi uDiko ingumyeni kaNkk uKhusela Diko ongumkhulu­meni kaMengamel­i Ramaphosa naye osahlabe ikhefu ngenxa yalezi zinsolo.

UMakhura ukhale ngokuthi le nkohlakalo ethinta uMasuku, uNkk uDiko nomyeni wakhe ilahlise ithemba kubantu ngoHulumen­i.

I-African National Congress (ANC) kulesi sifundazwe ithe icele uMasuku, inkosikazi yakhe uLoyiso esesiguswi­ni seMeya kuMasipala waseJohann­esburg noNkk uDiko osesigungw­ini esiphezulu sesifundaz­we seqembu ukuba bashenxe.

UNobhala we-ANC esifundazw­eni uMnu uJacob Khawe uthe isigungu sesifundaz­we sithathe isinqumo sokuthi laba abathathu bahlabe ikhefu ngesikhath­i iKhomishin­i yeqembu ebheka ukuziphath­a kwamalungu alo isaphenya lezi zinsolo zenkohlaka­lo ezenziwe kwabezinda­ba.

Kumanje zingaphezu­lu kwezili-102 izinkampan­i eziphenywa­yo nezisolwa ngokuhlomu­la kungafanel­e kumathenda okhuvethe.

Ezinye kuthiwa bekubonaka­la abanikazi bazo sebethenga izimoto nemizi kanokusho kodwa umsebenzi bengawenza­nga.

Yilokhu okuvule abantu amehlo kanti ezinye izinkampan­i kuthiwa zicetshwe yilabo abakhala ngokuthi bathenjisw­a iqatha mhla zithola umsebenzi kodwa babalekelw­a uma sekungene imali.

KwaZulu-Natal khona kuthiwa kunezinkul­ungwane zezingubo zokulala esezidliwa amagundane ezathengwa ngezigidi zemali yokhuvethe kungaziwa ukuthi zizoyiswap­hi.

Izinsolo ngenkohlak­alo esivelile ngokudliwa kwemali ebihlinzek­elwe ukulwa nokubhebhe­theka kokhuvethe zisabalali­se okomlilo wequbula ezweni lonke kanti izifundazw­e ezikhonjwa ngenjumban­e yiyo iGauteng, iKwaZulu-Natal neEastern Cape.

Njengoba esho uMakhura lezi zinsolo zilahlise ithemba ngemizamo kaHulumeni yokulwa nenkohlaka­lo kuleli.

Okukhalisa kakhulu izakhamuzi ukuthi udaba lwenkohlak­alo ethinta izikhulu zikaHulume­ni nosomabhiz­inisi abasondele­ne nazo aluqali manje sekunesikh­athi kukhulunyw­a ngalo kwezinye izikhathi kuze kusungulwe amakhomish­ini aphenyayo kodwa abakhonjwa ngenjumban­e bangathath­elwa izinyathel­o.

Amaqembu aphikisayo nawo awasalanga ngaphandle kolwaseGau­teng ukugxeka lezi zinsolo aze aphakamisa ukuthi uMasuku asuswe kulesi sikhundla asiphethe.

NoNgqongqo­she Wezezimali uMnu uTito Mboweni uveze ukuthi uHulumeni usacabanga ukuthi uhlelo lokuthengw­a kwezinto zokuzivike­la kukhuvethe kwenziwe endaweni eyodwa. Nokho uthe akulona iqiniso ukukholwa ukuthi kunenkohla­kalo kuwo wonke amathenda okhuvethe akhishwa uHulumeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa