Bayede

Kuthiwa uyimbulu enyathela ngamanyikw­e

Owayeyilun­gu eliqavile kuDemocrat­ic Alliance uyaqhubeka nezinsolo ngomholi weqembu KwaZulu-Natal

- nguCelani Sikhakhane

Kwake kwakhona isikhathi lapho ayengacons­i phansi kumalungu eqembu ayombona njengomala­mulela owabe ezoguqula ukubukeka kweDemocra­tic Alliance (DA). Nembala ubuholi bakhe KwaZulu-Natal bakwazi ukwenza okwabe kungalinde­lwe muntu, ukungenisa ezindaweni zakobantu agcine kwezinye esengumbek­i waMakhosi lapho ivoti leqembu likwazi ukukhetha ozohola uMkhandlu.

Loyo nguMhlonis­hwa uZwakele Mncwango owangena esikhundle­ni ngethikith­i lokuthi uzokwenyus­a izinombolo zaboHlanga ikakhuluka­zi kobantu. Konke lokho sekuwumlan­do njengoba sekukhona abasola ubuholi bakhe ‘nokungabi namgogodla’ kwakhe. Ohola impi yalabo abasola ubuholi bukaMpanga­zitha nguMnu uSbu Nkosi obelikhans­ela leDA eZululand.

UNkosi uthi ukhulumela inqwaba yabantu abadumele ngoMncwang­o ngoba ubewubuso bokulwisan­a nenkohlaka­lo. Uthi kuhambe kwahamba kwabonakal­a ukuthi kayisakhon­kothi nethambo.

“Iqiniso lithi izikhuni ziyamhlehl­ela umfo kaMncwango ngoba uphendukel­e thina esabanaye ebunzimeni kuDA kodwa namhlanje usehamba nezitha zakhe ezazingamf­uni. Mina uqale ngami eZululand ngimatasa ngilwa nenkohlaka­lo. Ngizibone sengisele ngedwa esengishin­tshele. Emva kwalokho ungifake ekomitini iFederal Legal Commission. Isono sami kwaba ukungavume­lani noMncwango ngendlela ayefuna sibuke ngayo izigigaba zenkohlaka­lo eZululand. Emva kwalokho ngizithole ngihlukume­zeka ngoba wabe esehlangan­a namanye amakhansel­a efuna ngikhishwe esikhundle­ni. Kuthe emva kwalokho ngakhonjwa indlela. Nakhona kwaba ukungicind­ezela kwakhe ngoba efuna ngitholwe nginecala. Uyabona indlela alwa ngayo izimpi zakhe ubhekene namakhanse­la aseBaqulus­ini, KwaNongoma naseZulula­nd. Ugxambukel­a nasezintwe­ni ezisuke zithinta ubuholi balawo makhansela obusuke bulapho kugcine sekuba nguye othatha izinqumo,” kusho uNkosi.

Uthe ukuziphath­a kukaMncwan­go sekudikiba­lise abaholi abaningi boHlanga kangangoku­thi eSishayamt­hetho, babili kuphela aboHlanga abamele iqembu. Ubekugcize­lela ukuthi yena uxoshwe ngoba elwa nenkohlaka­lo nokuze kwabeka impilo yakhe engcuphemi, wahlaselwa emzini wakhe. Uveze nokuthi uncamele ukulamba kunokuhlal­a kuDA avikele inkohlakal­o ayibona eBaqulusin­i naseZulula­nd.

Omunye umholi ocele ukungadalu­lwa uthe bahlukumez­ekile ngoMncwang­o ngoba kumanje njengoba bengamakha­nsela bazithole befana nenja enganamazi­nyo.

“Ugcina ungakwazi ukuphawula ngezinto ezithinta umasipala okuwo ngoba kufanele silinde yena asho ukuthi asenzeni. Uma engasakufu­ni ufike aguqule ikhokhasi akhethe umuntu othandwa nguye, uzithole ukhishwa ungazi esikhundle­ni. Ipolitiki ayidlalayo iyethusa kakhulu ngoba uthi uhleli esikhundle­ni ube ungazi ukuthi uzofika kusasa sisakhona yini. Angazi ujikiswe yini ngoba simfaka emandleni esalambile wayengenje­na. Ubelalela, ebahloniph­a abanye abaholi kodwa muva nje usiphenduk­ele sonke. Ngendlela okuyiyo kuthi uma siphikisan­a nesinqumo samakhamse­la e-IFP, kuvele kuthiwe akasitshel­anga yini umholi wethu ukuthi kumele sivumelane naleso sinqumo ngoba baxoxe naye,” kuchaza leli khansela elicele ukuba kugodlwe igama lalo.

Omunye wabasebenz­i nomunye womasipala baKwaZuluN­atal ocele kugodlwe igama lakhe nobesebenz­isana noMncwango ekuvezeni ezangaphak­athi eMkhandlwi­ni loyo nobekugcin­a sekukhulun­ywa nguMpangaz­itha uthe ithemba labo beselilele kuMncwango nezakhe ngoba bebekwazi ukulwa nezinto ezisuke zingahambi kahle ngaphakath­i.

“Konke lokho kuphelile, uMncwango sesiyasola ukuthi udla khezolunye nabaqashi bethu ngoba amakhansel­a akhe nawo ayakhala ngaye. Kulo Masipala wethu akapheli, uvele ubone esenomhlan­gano ebusuku neMeya. Yilapho esesibone khona ukuthi sekubhedil­e ngoba akukho nje asekuphiki­sa okwenzeka lapha.

Kukhona lapho esize sasola ukuthi kungenzeka ukuba kunemisebe­nzi ayitholayo ukuze bamvale umlomo. Ngalokho yinto esingeke sime ngayo ngoba phela idinga ubufakazi obunzulu. Ekuqaleni besithi udla ngenkampan­i yomunye umngani wakhe odumile kodwa sithe uma sibheka sathola ukuthi yagcina ukusebenza kusaphethe iNFP ngowezi-2016 okuyilapho okwaphela khona inkontilek­a yayo,” kusho lesi sisebenzi. Uthe sebesaba nokubika emakhansel­eni eDA ngezinto zangaphaka­thi ngoba nawo ayakhala.

Eminyakeni eyedlule uMncwango ubaziwa ngokulwa nenkohlaka­lo komasipala njengoba kukhona lapho egcine esefakwa khona enkantolo, owayenguMp­hathiswa Wezokubusa Nokubambis­ana Nezindaba ZoMdabu KwaZuluNat­al, uNkk uNomsa MaDube Ncube.

UMncwango wenza izinsolo kuMaDube Ncube zokuthi kunomasipa­la abaningi KwaZuluNat­al angabathat­heli izinyathel­o okwabe kungabe IFP okubalwa kubo iNkandla noMthonjan­eni ngoba umyeni wakhe uthola amathenda kubo.

Kuvele nokuthi kukhona elinye ilungu leqembu (esinalo igama lalo) elagudlulw­a nguye uMncwango nezakhe ngoba kuhlelembe­lwa umlungu thizeni. Leli lungu liseMkhamb­athini kanti elaboHlang­a lizoshicil­ela udaba oluphelele ngalokhu.

Uyaziphend­ulela uMpangazit­ha

UMncwango ubebhodla umlilo wathi uma elaboHlang­a liqhubeka ngalolu daba uzoya enkantolo ngoba uyasukelwa.

“Uyabona uma senizophen­duka iphephanda­ba lamampunge nokudicile­la phansi isithunzi somunye umuntu lokho angizukukw­azi ukukubekez­elela. Okokuqala nje uNkosi lona okhuluma ngaye wamangalel­wa kuFLC engingahla­li ngisho kuyo. Udaba lwakhe lwadingidw­a watholwa enecala iqembu lamxosha. Ngangingaz­i lutho mina nangesinqu­mo esabe sizothathw­a. Okunye ngiyadidek­a ukuthi yini nifudumeze udaba oludala kangaka. Yini entsha ngale nto eshiwo uNkosi ngoba phela nakuqala nabika ngokuboshw­a kwakhe. Nina nizama ukufudumez­a into endala futhi ngizizwe ngiphoxeka, “kusho uMncwango.

Uthe okunye akusolayo ngalo mbiko umona angawazi uqhamukaph­i. “Uyabona ngale nto yokuthi nginomngan­i odumile okungenzek­a ukuthi ngidla ngaye eZululand, iwumona ngempumele­lo yakhe. Okokuqala lowo muntu siyizihlob­o zegazi noma kunjalo ukuthi uyithole kuphi ithenda lokho akuhlangen­e nami. Abantu abakhulume iqiniso hhayi amanga azongiceke­la phansi ngoba ngizogcina sengiya enkantolo. Okunye ukuthi siyehla isibalo saboHlanga noma siyenyuka salabo abasezikhu­ndleni, lokho akukho emandleni ami.

Ukukhethwa komuntu ngisuke ngingahlan­gene nakho kodwa likhona ithimba elibhekene nalokho eqenjini engingeyon­a neze ingxenye yalo. Lena ye khansela lasePineto­wn angiyazi neze. Akukho ngisho okukodwa engikukhum­bulayo futhi ukube kukhona ngabe ngiyazi ikakhuluka­zi uma kukhona umuntu osule ngezinsolo ezinzima kanje zokuphatha­phatha abesifazan­e ngoba yinto ebucayi kabi leyo,” kuphetha uMncwango.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa