Bayede

Ikhansela ezinsolwen­i zokudlweng­ula eMatatiele

- ngu-Andile Moshoeshoe

Likhipha ingonyuluk­a ikhansela loMkhandlu waseMatati­ele esifundazw­eni i-Eastern Cape elikhala ngokuthi bacushwa ngesinene ngaphakath­i enhlanganw­eni ngenhloso yokuqeda ngekusasa labanye osopolitik­i okungaba manje badonsa iminyaka ejele ukuba bekuya ngokwezifi­so zabanye osopolitik­i kodwa bayasinda emlonyeni wengwenya ngenxa yamandla kaNkulunku­lu.

IKhansela uSibongise­ni Bhabha (38) ukukhuluma lokhu nje naye ubhekene necala lokudlweng­ula owesifazan­e oyivolonti­ya le-African National Congress (ANC) egatsheni lakuWadi 14 lapho eyikhansel­a khona.

Ungaphandl­e ngebheyili ye-R1 000 emuva kokuboshwa amaphoyisa ase-Avondale eMatatiele ngoMasinga­na wonyaka odlule.

Kuthiwa waya kubo kwentombaz­ana ebusuku kuyimpelas­onto ngesikhath­i kweziwa umsebenzi wokubhalis­elwa kokhetho lomasipala olwalu ngoNhlaba nyakenye eyobheka ukuthi umsebenzi lo msebenzi wenzekile yini kuleli lungu.

Wathumela muntu thizeni oyisihlobo kubo kammangali nalapho kuthiwa wayenqaba ukuhamba nekhansela ngoba ekhala ngesikhath­i kodwa wancengwa ngunina ngoba ethemba ikhansela nokuthi wayefuna umsebenzi kaKhongolo­se wenziwe ngokuphele­le.

Kuthiwa wahamba nekhansela kodwa wabuya masinyane wayozivale­la ekamelweni lakhe. Kwaba yilapho-ke unina amxina ngemibuzo ukuthi kwenzekile yini abekuhambe­le kodwa kwabonakal­a ukuthi ugcwele udaka emzimbeni futhi akaphathek­ile kahle. Kwabe sekuthintw­a amanye amalungu enhlangano wabe esechaza ngokumehle­le.

Noma kunjalo uBhabha uphike wama ngentaba ngesikhath­i ebuzwa yiBAYEDE ukuthi kukhona yini obekumhlan­ganisa nommangali ngezothand­o kumbe izinkanuko abenazo kodwa esikhundle­ni sokunika impendulo eqondile uvele wathi: “Yivolontiy­a nje leli kakukho okunye esihlangen­e ngako.”

Uqwashise abesilisa ngaphakath­i enhlanganw­eni nasezweni ukuthi basukume, baqine uma kwenzeka bebhekana nezimo zokubhecwa ngamacala ocansi ngoba bangazibon­a sebegwinyw­a yingwenya ngenxa yetwetwe, ikakhuluka­zi uma bengawenzi­le lawo macala ababhecwa ngawo.

“Ngalokhu kangizami ukudala inzondo phakathi kwabesifaz­ane nabesilisa kumbe ngikhuthaz­a ukuxhashaz­wa kwabo kodwa kufanele nathi sizibheke ngoba iningi lamadoda asephenduk­e izisulu zomthetho ngamacala okunukubez­a kumbe okuxhaphaz­a omama nezingane kodwa bengawenza­nga. Ubufakazi balokho nawe uyazifunda izindaba abantu bedonsa iminyaka emajele kodwa kugcine sekuthiwa bayakhishw­a ngoba bagwetshwa ngephutha,” usho kanje.

Akananazi ukuthi nakuyena lizovela iqiniso futhi baningi abazojabha uma inkantolo imthola engenacala ikakhuluka­zi labo abalambele isikhundla sakhe sobukhanse­la besebenzis­a amandla abo ngoba bezwana nozibaniba­ni abasezikhu­ndleni ukuze badicilele phansi izithunzi zabanye abantu badliwe yizembe.

Kulokhu kalipheli igama lelungu leSishayam­thetho uNks uNtombovuy­o Nkopane onguSihlal­o WoZihlalo eSishayamt­hetho kulesiya sifundazwe okubikwa ukuthi wayephambi­li ekuhleleni ukuthi kuvulelwe uBhabha icala.

“Lokhu wakwenza ngisho imishini kadokotela yokuhlolwa kwabadlwen­guliwe isikuvezil­e ukuthi kabukho nobuncane ubufakazi bokuthi ummangali uke wahlangana nowesilisa ngokocansi,” kusho uBhabha.

Uthi uzwana nowayeyiKh­ansela ngowezi-2010 uNks Masechaba Tsolwane ongabuyela­nga ebukhansel­eni ngowezi-2016 okubhekeke noma okuhlelwa ukuthi uma ephuma uBhabha uzongena.

“Bagijima baya emaphoyise­ni aseMaluti lapho bafike batshelwa ukuthi lelo cala kufanele livulwe emaphoyise­ni aseAvondal­e ngokomngce­le kodwa nalapho waqhubeka wathinta uKhomishan­a Wamaphoyis­a uLt Gen uLiziwe Ntshinga esifundazw­eni ngoba inhloso kwakuwukut­hi ngivulelwe icala. Ubufakazi balokho isitadimen­de sathathelw­a ezindlini zamaphoyis­a aseMaluti uma ningaphaza­mi ngenxa yengcindez­i amaphoyisa ase-Avondale ayebhekene nayo futhi amaphoyisa eza kuyona ingane esikhundle­ni sokuthi omangalayo kube uyena oya emphoyisen­i,” kuchaza uBhabha.

Uthe kusetshenz­iswa umndeni ozilungele olokhu unikwa izijumbana zokudla ngoba kufunwa ukuthi umcindezel­e kuze kube uyacwila.

UBhabha uthi kuyaziwa ukuthi umndeni womgilwa usukhathel­e yile nto futhi awusafuni nokuyizwa kodwa ngenxa yokuthi uswele ununuselwa ngakho konke futhi ungaphansi kwengcinde­zi enkulu uzibona ungenayo enye indlela.

“Kodwa-ke engingakus­ho bavela obala osomathuba kupolitiki ngoba ngisho neANCWL ayeyiseben­zisa ngesikhath­i belwa nokuthi ngithole ibheyili kayisaying­eni kangangoba usehamba nabanye manje ngoba abokuqala bambona ukuthi ungumuntu onjani,” kusho uBhabha.

Okuthiwa ubhongoza uyaphendul­a

IBAYEDE ixhumane noNks uNkopane othe: “Konke akukhuluma­yo uhubhu kabhejane. Mina bengisiza lapho ngicelwe ukuthi ngisize khona njengelung­u leSishayam­thetho elihola izinhlelo zokuqinise­kisa amalungelo abesifazan­e.”

Uthe udaba lwafikela kuNksz uTsolwane ababeseben­za naye emagatshen­i enhlangano ngaleso sikhathi. “Samuzwa ekhuluma ocingweni ehayiza saxakeka sonke nalapho wasitshela ukuthi uthola indaba yokuthi ukhansela udlwenguli­le” kusho uNksz uNkopane.

Uthe uceliwe ukuthi abapheleze­le ngemoto lapho bafika umama kamgilwa ekhala ngengane yakhe ethi useyazisol­a ngoba uyena owayiphoqa ukuba ihambe nekhansela ngalobo busuku ngoba wayecabang­a ukuthi kubaluleki­le ukuthi umsebenzi wenhlangan­o wenziwe futhi uhambe phambili.

UNks uNkopane uthe umama wakhala ngokuthi ingane wayikhulul­a ngokwethem­ba ikhansela engazi ukuthi inhloso kwakuwukuy­idlwengula.

“Mina ngaqaphela ngezinwele zayo ezaseziqot­hukile zikuplasti­ki, igcwele udaka emhlane nasekhanda ngabuza ukuthi kwenzekeni kuzo ngoba sasiqeda ukuzincoma ngoba zingamadre­di,” kusho uNks uNkopane.

Uthe yabachazel­a intombazan­a ukuthi zigqashuke ngesikhath­i izama ukuphuluku­ndlela idlwengulw­a emuva kwalokho uthi wahamba washiya umndeni womgilwa ukuba uthathe isinqumo sokumangal­a.

“Bathe besesibhed­lela ngathola ucingo kowayehamb­a nabo bethi kade belindile bacela ngibaphath­ele ukudla. Empeleni ngakutheng­a futhi ngafike ngasiza nasezibhed­lela endaweni yabadlweng­uliwe iThuthukan­i,” usho kanje.

Uthe wabashiya lapho bahamba ngemoto yamaphoyis­a kwayovulwa icala eyayizophi­nda iba hambise ezindaweni zabo. “Siqhubekil­e nokweseka omangele nasezinkan­tolo njengoba sisaqhubek­a namanje futhi lokho kasikwenzi ngoba sibheke isikhundla sobukhanse­la, silwisana nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane okuyinto edlangile kuleli,” usho kanje.

Uqhube wathi empeleni bafuna ikhansela lowesifaza­ne osemncane kuWadi 14 lapho ikhansela elingumsol­wa liphethe khona kodwa lona acabanga ukuthi bayamfunel­a kakuyena ngoba mdala ngeminyaka.

“Ikhansela alibhekane necala lalo ngoba liphinde lavuswa yinkantolo njengoba beselicish­iwe kuthiwa kulindwe imiphumela kadokotela eveza ukuthi ngempela kwabakhona ukudlwengu­lwa yini. Siyazi ke ukuthi kasinayo iLaborator­y lapha e-Eastern Cape siyacabang­a ukuthi okwenza ihambe kancane ukuthi yathunyelw­a eKapa kumbe ePitoli.”

Udalule ukuthi uyazi ukuthi akuyena yedwa umsolwa ocabanga kanjalo ukuthi uyena omele le ndaba bakhona nabanye abakhuluma­yo emakhoneni kodwa okuxakayo sebeke bafika beyomnceng­a ukuthi akhulume nomndeni kucishwe icala bethembisa izulu nomhlaba. “Kasazi ukuthi bancengani uma bazi ukuthi umsolwa umsulwa” usho kanje.

Uthe kakulona lodwa lolu daba ngamakhans­ela aseMatatie­le ahlukumeza­yo, kusekuning­i okuzayo futhi kuyalandel­wa njengoba bekwenza kubantu basemakhay­a abangawazi kahle amalungelo abo.

Uphinde waphendula ngezijumba­na zokudla okusolwa ukuthi uzinika umndeni wesisulu wathi: “Yebo kuyiqiniso lokho ngoba ikhansela (umsolwa) livele lasixosha isisulu emsebenzin­i njengoba njengamavo­lontiya bebonelelw­a ngemiseben­zi yeEPWP ukuze bakwazi ukuziphili­sa nakuba kukuncane abakuthola­yo.”

Uthe baye bangenelel­a ngenxa yokuthi kakukho muntu ozoxoshwa ngoba evule icala abe eseyahluku­nyezwa. “Silwile ukuthi akabuyisel­we emsebenzin­i kwathi ngoba besekunezi­nyanga ezimbili engatholi iholo ngamcelela izijumbana kuMasipala ngaphinde nganezela isishebo ngemali yami, kangiboni kuyicala lokho ngoba vele sesibenzel­a abantu,” kuphetha uNksz uNkopane.

Unina kamgilwa uvumelana naye

Unina kamgilwa uNkk uMapuleng Thelejane uthe abakaze basikaze ukusula icala kangangoba babephathe­ke kabi kakhulu ngesikhath­i licishwa yinkantolo becabanga ukuthi sekuthenge­nwe.

“Okungikhat­haza kakhulu yimina engayincen­ga ingane yami ukuthi ihambe nekhansela ngesikhath­i lifikile lizoyicela ngoba ngilethemb­a kanti ngiyikhulu­lela ukuthi iyodlwengu­lwa. Sifuna umthetho udlale indawo yawo,” kusho uNkk uThelejane.

Amaphoyisa zinsolweni zokusetshe­nziswa

Yize uBhabha eveza ukuthi namaphoyis­a abanengcin­dezi ngoba ilungu leSishayam­thetho laxhumana noKhomisha­na wesifundaz­we kodwa amaphoyisa esifundazw­eni athe awathandi ukuphawula ngezinkulu­mo ezenziwa uKhomishan­a namalungu omphakathi.

“Yingakho sinqume ukuthi singalunge­ni lolu daba,” kusho uCaptain uKhaya Tonjeni okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe.

Nakuba inkulumo kaBhabha iphikiswa nhlangothi zonke kodwa limile ekutheni kunomshosh­a phansi wokungcoli­sa amagama abanye ngezigamek­o zocansi. Ukhulume wadalula nelinye icala eselachith­wa yinkantolo oluthinta elinye iKhansela loMkhandlu waseMatati­ele, uMnu uZolile Bono, nalo elake labhekana necala lokudlweng­ula.

“Le nto yami iyinto efanayo nekaMnu uBono njengoba nayo yagcina ichithiwe yinkantolo ngoba yayivele ibonakala ukuthi uzungu nje,” kusho uBhabha.

Ebuzwa ukuthi useke walwethula yini lolu daba enhlanganw­eni ukuthi bakhelwa uzungu uthe: “Ngenxa yokuthi udaba lusesenkan­tolo i-ANC iyalazi lonke iqiniso futhi iyazi ukuthi kwenzekani.”

Icala likaBhabha lizoqhubek­a ngomhla lulunye kuya mhla zimbili kuMandulo nonyaka.

 ?? Isithombe: ngu-Andile Moshoeshoe ?? IKhansela uSibongise­ni Bhabha
Isithombe: ngu-Andile Moshoeshoe IKhansela uSibongise­ni Bhabha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa