Bayede

Akusiso esevoti iSihlalo soBukhosi - iKumkani uDalindyeb­o

- ngu-Andile Moshoeshoe

IKumkani yaBaThembu esifundazw­eni sase-Eastern Cape ngaphansi koBukhosi bendlu yaseBumban­e eMthatha ikubeke kwacaca ukuthi iSihlalo sayo kakusona esevoti kepha “isinkwa” eyazalwa naso isifumbeth­e ezofa isiphethe isishiyele abantwana bayo.

Indlu yeKumkani uDalindyeb­o ikhulume neBAYEDE engxoxweni ekhethekil­e emuva kokusabala­la kwengxoxo yakhe eqoshwe kuvidiyo lapho ibikhuluma khona noMkhandlu woBukhosi iqinisa ubumbano eSigodlwen­i emuva kokuthi isinqumo seNkantolo Enkulu eMthatha sivune yona ngeledlule embangweni obushisa phansi phakathi kwendodana yayo uMntwana u-Azenathi Dalindyebo ebibambe lesi sihlalo ngesikhath­i uyise eboshiwe.

Wayeboshel­we amacala okushisa, ukuthumba kanye nokuhlasel­a ngenhloso yokulimaza ngesihluku.

Ingxoxo neBAYEDE iqhutshwe nokhulumel­a iKumkani uMntwana uMthunzi Ngonyama okubeke ngembaba ukuthi inkulumo yeKumkani ibibhekisw­e esigcawini ukuthi singavumi ukuhlakaze­ka njengoba kwenzekile ngokuthi kube khona ‘izimpethu’ ezisebenzi­se indodana yeKumkani ngoba befuna ukufezekis­a izifiso zabo.

“Ubechaza ukuthi isizwe kufanele sibutuse uBukhosi baso singalahle­ki njengabany­e abantu asebebona ukuthi amakhansel­a yiwona angcono ngenxa yokuthi bebheke isinkwa kumbe ibhodwe eliconsayo ngale kokuthi umbuso wawo usekwe ngaphansi kwevoti owakhe kungowokuz­alwa futhi wengunapha­kade,” kusho uMntwana uNgonyama.

Noma kunjalo uMntwana uNgonyama ubengahamb­i ezinyathel­weni zenkulumo yendodana uma ekhuluma ngesinkwa seKumkani njengoba nayo yaduma kakhulu ngokukhala ngesinkwa sayo (isonka sam) ibanga iSihlalo eyayisiban­jisiwe esisiphuny­ukile emuva kwesinqumo senkantolo.

UMntwana uNgonyama akakufihli ukuthi omunye walabo somathuba osephenduk­e “impethu” endlini yoBukhosi yiNkosi uDumisani Mgudlwa owayeyisit­henjwa esikhulu seKumkani kodwa washintsha ngenxa yokuthi ebheke ukuzuza okuthile uma iSihlalo singawela endodaneni.

Uthe yize iKumkani izimisele ukubuyisan­a nomndeni kuqhutshek­we kusetshenz­iswane kodwa lokho kuyoncika kulowo ofuna ukuxolelwa ukuthi uzimisele yini ukuthobela umthetho azibonakal­ise ukuthi uxolo lwakhe olwangempe­la akasengi ezimithiyo.

“Kubuhlungu ngoba sekwenziwe okuningi okungekho mthethweni ngoba lo mfana usewanika unkosikazi wakhe umkhonto wawuhlaba esigodlwen­i kodwa abe unina engazange ahlatshisw­e” usho kanje.

Uthe bakuqaphel­e ukuthi konke lokhu uMntwana u-Azenathi wayekwenza ngesivinin­i ngoba azi kahle ukuthi unina akasiyena undlunkulu kepha wayefuna ukusebenzi­sa ithuba lokuthi konke kube ngaye namandla abe kuyena ngokushesh­a. “Yingakho iKumkani isinqume ukuthi onke amakhosika­zi abekwe ngokwezind­lu zawo ukuze lowo ozokuba uNdlunkulu kube uyena ozobhekana nezinto zaseBukhos­ini ngokwamalu­ngelo akhe,” kusho uMntwana uNgonyama.

Ushaya ngonyawo phansi uthi ngeke bathule kube ngathi akwenzekan­ga lutho njengoba uMntwana u-Azenathi ehlambalaz­e igama leNdlu yoBukhosi nokuthi uma esazibiza ngendodana yeKumkani kuzofanele ajeziswe ngendlela emfanele ngoba kakuyona into encane ukujikela uyise, igazi lakhe, izwe lonke libhekile okusho ukuthi akanawo unembeza.

“Kodwa okuningi okuzokwenz­eka sizokukhul­uma siwumndeni namaDlomo onke ephelele siwatshele nangaso isinqumo senkantolo,” kusho uMntwana.

Uthe bafuna ukuqinisek­isa ukuthi uBukhosi buyahlonis­hwa ngoba ezikhathin­i eziningi iKumkani yenziwa ihlala lomuntu “obhemayo” yingakho nakule vidiyo eqoshiwe ebechazela abantu ukuthi bavikele uBukhosi babo ngale kokuningi okukhuluny­iwe nesithombe esikhandiw­e ngaye.

Noma kunjalo uthe luyenziwa uphenyo ngoqophe ividiyo ngoba umhlangano bekungowoM­khandlu ungavulele­kile kunoma ubani okuchaza ukuthi kusenabant­u abacabanga ukuthi into yoBukhosi yinto yokudlala ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ikhuluma nabe zindaba iNkosi uMgudlwa ithe ngeke ichithe isikhathi iphendulan­e noMntwana uNgonyama kodwa basazoqhub­eka nokuphikis­ana nesinqumo senkantolo asithathe ngokuthi sichemile.

“Ngeke sivume ukuphathwa yisigebeng­u esiphuma ejele,” kusho iNkosi uMgudlwa.

UMntwana uNgonyama uthe konke kumiswe uMntwana u-Azenathi ngoba iKumkani yancinzwa abathile ababekhala ngokuthi izenzo zichaza ukuthi kukhona okushaya amanzi ngaye nangokozal­o.

“Yingako iKumkani yanquma ukuthi yenze ulibofuzo kodwa yena wathi uzolwenza uma zonke izingane zeKumkani zilwenza. Kuyasixaka ukuthi unqabani ngoba uma azi ukuthi ngempela uyindodana yeKumkani ubengeke enze le mikhuba yakhe,” usho kanje.

Uthe uMntwana u-Azenathi yingane eyavela emuva kokuthi iKumkani ishade nonina ukuthi nje uBukhosi buxakwe yihlazo alifakile esigodlwen­i ngoba ngokujwaye­lekile amadodana yiwona avikela oyise. Yingakho isigodlo sixakekile ngezenzo zakhe.

 ??  ?? IKumkani uBuyelekha­ya Dalindyebo
IKumkani uBuyelekha­ya Dalindyebo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa