Imiyalelo nenhlawulo yokuyeqa kulolu khuvethe
Njengoba izwe lonke lisesezingeni lesi-3 lemvalelwakhaya, kubukela besabaningi abantu abasaphula imithetho kaHulumeni eyabekwa kuleli zinga.
Okuvelile ukuthi abephula umthetho bazokhokha inhlawulo enkulu uma behluleka ukulandela imithetho ehlukahlukene esetshenzisiwe ukunqanda ukusabalala kokhuvethe.
IGauteng okungesinye isifundazwe esihamba phambili ngabanokhuvethe kulindeleke ukuthi idedele uhlelo lwayo kuleli sonto, kanti ezinye izifundazwe zisazoshicilela, eminye imiyalelo kaHulumeni.
Amacala azoholela ekutheni umuntu akhweze imali kufaka phakathi ukuthuthwa kotshwala, ukugqoka izifonyo nokubiza imibuthano enqatshelwe.
UNgqongqoshe Wezobulungiswa, uRonald Lamola phambilini wathi uHulumeni wanqaba ukuthi ukungafakwa kwezifonyo kube ubugebengu. Kodwa muva nje kubukeka zijikile izinto, njengoba kusazoqhubekwa kubhekwe kahle lokho.
ULamola wengeze isibopho esasibekwe emahlombe ezikhulu zokuhambisana nezakhiwo zomphakathi namatekisi. Lapho kubhekwa ukuthi wonke umuntu ungena esigqokile yini isifonyo.
ULamola ngoLwesithathu ukuqinisekisile ukuthi ukungafaki isifonyo esidlangalaleni kungaholela kumarekhodi obugebengu noma ukugwetshwa ejele.
Izindawo ezithintekayo ekungayilandeli imigomo iseWelkom kanye nase-Ethekwini.
Imiyalelo ebekelwe abantu baseWelkom ime kanje:
Uma ungumshayeli wezithuthi zomphakathi noma umuntu ozotholakala emotweni ethutha umphakathi uzokhokha izinkulungwane ezi-R3.
Abaphathi, abanikazi bezakhiwo, izindawo noma izakhiwo ezisetshenziswa ngumphakathi ukuthola izimpahla noma izinsizakalo futhi bahluleka ukuthatha izinyathelo ezifanele zokuqinisekisa ukuthi akekho umuntu ongena esakhiweni, endaweni noma kuleyo ndawo, ngenkathi engagqokile isifonyo uzokhokha izinkulungwane ezi-R2.
Uma umuntu ebanjwa esebenza ibanga elide ngaphakathi esifundazweni noma esifundazweni esiphakathi kwamakhilomitha angama-200km noma ngaphezulu, ephethe abantu abangamaphesenti angama-70 uzokhokha izinkulungwane ezi-R3.
Lolu hlelo lukhombisa nokuthi abaqashi abehlulekayo ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi babo banikezwa isifonyo lapho emsebenzini, bazohlawuliswa izinkulungwane ezi-R2 000.
Uma ubanjwa ngaphandle kwendawo ohlala kuyo phakathi kuka-4 ekuseni kuya ku-9 kusihlwa umuntu uzokhokha inhlawulo yezinkulungwan ezi-R3 000.
Ukuhambela umbuthano endaweni noma ezakhiweni lapho amasiko, ezemidlalo, ezokuzijabulisa, ezokungcebeleka, ezibukwayo, zenhlangano umuntu uzokhokha izinkulungwane ezi-R2. Labo abahlanganisa umbuthano onqatshelwe bazokhokha izinkulungwane ezi-R5.
Ukuthengisa, noma ukusabalalisa ngotshwala nakho akuvunyelwe futhi abephula umthetho bazohlawuliswa izinkulungwane ezi-R5.
EThekwini imiyalelo ekhishwe khona:
Okwamanje, eThekwini, akukho ukuvuma kwenhlawulo yecala yokwenqatshwa kokuthengisa, ukusabalalisa, ukuhambisa noma ukuhambisa notshwala.
Umuntu ozophula umthetho ukusabalalisa inkulumo engafanele yokuthi omunye utheleleke ngokhuvethe uuzohlawuliswa izinkulungwane ezi-R2.
Abashayeli, abaphathi noma abanikazi bezakhiwo abangaqinisekisi ukuthi amalungu omphakathi, asebenzisa noma angena emagcekeni ezakhiweni zabo bengazigqokile izifonyo bazohlawula i-R1 000.
Abaqashi abahlulekayo ukuhlinzeka abasebenzi babo ngezifonyo bazokhokha inhlawulo i-R1 000.
Okunye okungamacala abantu abangabhekana nawo uma benze okungekhona ukuthi, ozobiza umbuthano ongekho emthethweni wokuphikisa isimo senhlekelele kazwelonke uzohlawula i-R1 000.
Uma ubanjwa ngaphandle kwendawo ohlala kuyo phakathi kuka-4 ekuseni kuya ku-9 kusihlwa umuntu uzokhokha inhlawulo i-R1 000.