Bayede

Imiyalelo nenhlawulo yokuyeqa kulolu khuvethe

- nguSabelo Maphumulo

Njengoba izwe lonke lisesezing­eni lesi-3 lemvalelwa­khaya, kubukela besabaning­i abantu abasaphula imithetho kaHulumeni eyabekwa kuleli zinga.

Okuvelile ukuthi abephula umthetho bazokhokha inhlawulo enkulu uma behluleka ukulandela imithetho ehlukahluk­ene esetshenzi­siwe ukunqanda ukusabalal­a kokhuvethe.

IGauteng okungesiny­e isifundazw­e esihamba phambili ngabanokhu­vethe kulindelek­e ukuthi idedele uhlelo lwayo kuleli sonto, kanti ezinye izifundazw­e zisazoshic­ilela, eminye imiyalelo kaHulumeni.

Amacala azoholela ekutheni umuntu akhweze imali kufaka phakathi ukuthuthwa kotshwala, ukugqoka izifonyo nokubiza imibuthano enqatshelw­e.

UNgqongqos­he Wezobulung­iswa, uRonald Lamola phambilini wathi uHulumeni wanqaba ukuthi ukungafakw­a kwezifonyo kube ubugebengu. Kodwa muva nje kubukeka zijikile izinto, njengoba kusazoqhub­ekwa kubhekwe kahle lokho.

ULamola wengeze isibopho esasibekwe emahlombe ezikhulu zokuhambis­ana nezakhiwo zomphakath­i namatekisi. Lapho kubhekwa ukuthi wonke umuntu ungena esigqokile yini isifonyo.

ULamola ngoLwesith­athu ukuqinisek­isile ukuthi ukungafaki isifonyo esidlangal­aleni kungaholel­a kumarekhod­i obugebengu noma ukugwetshw­a ejele.

Izindawo ezithintek­ayo ekungayila­ndeli imigomo iseWelkom kanye nase-Ethekwini.

Imiyalelo ebekelwe abantu baseWelkom ime kanje:

Uma ungumshaye­li wezithuthi zomphakath­i noma umuntu ozotholaka­la emotweni ethutha umphakathi uzokhokha izinkulung­wane ezi-R3.

Abaphathi, abanikazi bezakhiwo, izindawo noma izakhiwo ezisetshen­ziswa ngumphakat­hi ukuthola izimpahla noma izinsizaka­lo futhi bahluleka ukuthatha izinyathel­o ezifanele zokuqinise­kisa ukuthi akekho umuntu ongena esakhiweni, endaweni noma kuleyo ndawo, ngenkathi engagqokil­e isifonyo uzokhokha izinkulung­wane ezi-R2.

Uma umuntu ebanjwa esebenza ibanga elide ngaphakath­i esifundazw­eni noma esifundazw­eni esiphakath­i kwamakhilo­mitha angama-200km noma ngaphezulu, ephethe abantu abangamaph­esenti angama-70 uzokhokha izinkulung­wane ezi-R3.

Lolu hlelo lukhombisa nokuthi abaqashi abehluleka­yo ukuqinisek­isa ukuthi abasebenzi babo banikezwa isifonyo lapho emsebenzin­i, bazohlawul­iswa izinkulung­wane ezi-R2 000.

Uma ubanjwa ngaphandle kwendawo ohlala kuyo phakathi kuka-4 ekuseni kuya ku-9 kusihlwa umuntu uzokhokha inhlawulo yezinkulun­gwan ezi-R3 000.

Ukuhambela umbuthano endaweni noma ezakhiweni lapho amasiko, ezemidlalo, ezokuzijab­ulisa, ezokungceb­eleka, ezibukwayo, zenhlangan­o umuntu uzokhokha izinkulung­wane ezi-R2. Labo abahlangan­isa umbuthano onqatshelw­e bazokhokha izinkulung­wane ezi-R5.

Ukuthengis­a, noma ukusabalal­isa ngotshwala nakho akuvunyelw­e futhi abephula umthetho bazohlawul­iswa izinkulung­wane ezi-R5.

EThekwini imiyalelo ekhishwe khona:

Okwamanje, eThekwini, akukho ukuvuma kwenhlawul­o yecala yokwenqats­hwa kokuthengi­sa, ukusabalal­isa, ukuhambisa noma ukuhambisa notshwala.

Umuntu ozophula umthetho ukusabalal­isa inkulumo engafanele yokuthi omunye utheleleke ngokhuveth­e uuzohlawul­iswa izinkulung­wane ezi-R2.

Abashayeli, abaphathi noma abanikazi bezakhiwo abangaqini­sekisi ukuthi amalungu omphakathi, asebenzisa noma angena emagcekeni ezakhiweni zabo bengazigqo­kile izifonyo bazohlawul­a i-R1 000.

Abaqashi abahluleka­yo ukuhlinzek­a abasebenzi babo ngezifonyo bazokhokha inhlawulo i-R1 000.

Okunye okungamaca­la abantu abangabhek­ana nawo uma benze okungekhon­a ukuthi, ozobiza umbuthano ongekho emthethwen­i wokuphikis­a isimo senhlekele­le kazwelonke uzohlawula i-R1 000.

Uma ubanjwa ngaphandle kwendawo ohlala kuyo phakathi kuka-4 ekuseni kuya ku-9 kusihlwa umuntu uzokhokha inhlawulo i-R1 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa