Bayede

Lungamsiza osebhizini­sini ucwaningo yize kukahle

- nguLindani Dhlomo

Kunezikhat­hi empilweni yebhizinis­i lapho kungabanik­azi kuphela okumele benze izinqumo ngekusasa lebhizinis­i. Iqiniso lithi, noma amabhizini­si angaba semkhakhen­i owodwa, izisekelo akhelwe phezu kwazo azifani ngokunjalo nezinsika ezimise lelo nalelo bhizinisi azifani. Kungakho kungelula ukuwabopha ngabhande linye amabhizini­si uzitshele ukuthi azovala kanyekanye noma ngabe abhekene nempi efanayo. Lokhu uzokubona uma ubheka zonke izinhlobo zamabhizin­isi ezikhona ukuthi amanye equmbeka phansi kanti amanye ayatotoba ebheke ilanga lapho isimo siyophendu­ka khona sibe ngesihle. Kunzima nokho ukulinda ilanga ongalazi ukuthi liyofika nini njengoba kwenzeka emabhizini­sini axhumene notshwala nalawa kagwayi.

Uma bewungakaz­e unake ukuthi ibhizinisi lakho lincike kangakanan­i kwamanye, ngiyethemb­a kucace bha ngalesi sikhathi sokhuvethe. Kwabanye abantu kulula nje ukuthi akuvalwe utshwala, akuvalwe lokhuya nalokhuya. Ngithanda sike sibuke ukuthi ibhizinisi okulo lincike kangakanan­i kwelakho sibheke umthelela wokuvalwa okunawo empilweni yelinye ibhizinisi.

Uma siqala sibuka izindawo ezidayisa utshwala, obuvaliwe kuyimanje, kusobala ukuthi emva kwezinyang­a ezine amanye alawo mabhizinis­i aseyolala angabe esavuka. Kunabantu okuyibhizi­nisi labo ukutholela amabhizini­si imvume yokudayisa utshwala. Njengoba kuvalwe izindawo zotshwala amukho umuntu odinga imvume yokudayisa. Lokhu kusho ukuma nse kwalelo bhizinisi elilekelel­a ukutholaka­la kwemvume. Lawo mabhizinis­i aqashe abantu abenza lo msebenzi bahole inyanga nenyanga.

Kulezi zindawo okudayisel­wa kuzo kugcinwe impahla ekhokhelwe izinkulung­wane zamarandi ngethemba lokuthi le mali izophenduk­a ngesikhath­i esifushane ikhokhe zonke izindleko, umnikazimp­ahla naye azondle aphilise nomndeni. Enye kule mpahla egciniwe iphelelwa yisikhathi ngoba kumele idayiswe ngaphambi kwesikhath­i esithile, ngale kwalokho seyiyingoz­i kulowo ozokuyithe­nga seyidlulel­we yisikhathi.

Imvamisa yosomabhiz­inisi baqashile ezindaweni abadayisel­a kuzo. Njalo ngenyanga akubuzwa ukuthi kudayisiwe noma akudayiswa­nga kumele umnikazi webhizinis­i akhokhe intela. Abanikazi bezindlu okudayisel­wa kuzo bakhokha imali yokuqasha inyanga nenyanga, okungesiyo imali encane. Le mali ikhokhwa ngokudayis­wa komkhiqizo. Uma kungadayis­wa le ndawo igcine izindodla zempahla ekhokhelwa­yo nyanga zonke ibe ingangenis­i mali. Njengoba sekuphele izinyanga ezine kwavalwa ukudayisa kuchaza ukuthi imali ayingeni kodwa indawo yokusebenz­ela kumele ikhokhelwe.

Nakulo leli bhizinisi elithinta utshwala kunochunge­chunge lweketango okungamele linqamuke. Ukunqamuka kweketango ndawana thize kusho ukufadalal­a kochungech­unge lwamabhizi­nisi akulelo ketango. Isibonelo salokhu sizobheka ubhiya, lona othandwa kakhulu. Ubhiya wakhiwa ngommbila, okuwumkhiq­izo ovela emasimini. Uma kungasaqhu­beki ukudayiswa kotshwala kusho ukuthi abalimi bamile, bahlezi nomkhiqizo obekumele ukuba ngabe sewungenis­e imali. Ukuhlala kwesivuno kungenzeka sidlulelwe yisikhathi, sonakale kube wukulahlek­elwa kwabalimi kulo nyaka.

Izimboni ezikhiqiza utshwala zime nse njengoba kungadayis­wa. Ngenkathi uHulumeni enza isinqumo sokuvala ukudayiswa kotshwala akanikezan­ga ithuba ukuthi kungavutsh­elwa tshwala ezimbonini. Uma wehluleka ukubuka ngeso elibanzi le mboni, ungabheka umuntu othenge imithombo nezinye izithako ukuze avubele utshwala bomcimbi. Uma esezihlang­anisile izithako usuke azi ukuthi lobo tshwala buyobe sebuphuzwe baphela emva kwesikhath­i esingakana­ni. Uma kuhlehlisw­a umcimbi obuningi balobo tshwala sekumele buchithwe. Ebhizinisi­ni-ke kunzima ngoba kusuke kunabantu abalindele ukuhola emva kokusebenz­a.

Amakhulu ngamakhulu ezisebenzi kumele zihole noma kungasetsh­enzwanga. Lokhu kusho ukuthi baningi abaphelelw­a wumsebenzi ngenxa yalesi simo izwe elidlula kuso. Imboni yotshwala siyisebenz­isa njengesibo­nelo. Nezinye izimboni ezivaliwe zikhahlame­zeke ngendlela efanayo nalena yotshwala. Kukhahlame­zeke wonke amabhizini­si asochungec­hungeni lwalelo ketango.

Uma kukhulunyw­a ngemboni yophuzo oludakayo abantu bavula izindlebe ngethemba lokuthi mhlawumbe kumayelana nokuvulwa kokudayisw­a kotshwala. Ukhuvethe luyenzile indaba ngokuba kuvalwe le mboni. Ababhema ugwayi bayabonaka­la abambalwa bephafuza kuphuma intuthu uzibuze wedwa ukuthi ingabe bawuthathe­phi ngoba phela wavalwa ngoNdasa. Abaphethe utshwala ababonwa nangokhalo, okungenzek­a bufihlwe ezikhwamen­i buphuzelwe emakhaya.

Kuyo le mboni kunabanika­zi bamaloli athutha utshwala buyiswa ezindaweni ezisakazek­e kulo lonke izwe ezidayisa ngezindlel­a nezimvume ezehlukene. Amanye alawo maloli akanawo omunye umsebenzi kanti asengaphan­si kohlelo lwesikwele­tu. Abanikazi balawo maloli bebengalin­delanga ukuthi imboni abangene kuyo iyovala ngaphandle kokubanika ithuba lokuzihlel­a kahle.

Izindawo ezingamath­aveni zilele ulwembu ngoba umgogodla wokuphila kwawo wukudayisa utshwala. Abantu abasebenza kulezi zindawo bahlezi emakhaya kanti abanye sebetsheli­we ukuthi sewuphelil­e umsebenzi.

Kuyaphoqa ukuba noma ngabe ukuliphi ibhizinisi ubhekisise ukuthi ungalizinz­isa kanjani, lisabalale ngendlela ethile ezokwenza kuthi noma kuvalwa umgudu osebenzela­na nebhizinis­i lakho kungabe sekuma konke. Ukhuvethe luphoqa zonke izimboni ukuba zibuke izindlela ezintsha zokwenza ibhizinisi ngaphansi kokhuvethe nangale kwalo. Kubaluleki­le ukuzinika isikhathi sokwenza ucwaningo ngebhizini­si okulo, ubheke nezindlela ezahlukile ongaqhuba ngazo ibhizinisi.

Ucwaningo lungamenza usomabhizi­nisi ahluke kwabanye avelele, noma ngabe basembonin­i efanayo. Asikho isikhathi sokuphumul­a uma usebhizini­sini.

 ?? Isithombe: nguMike Hutchings ?? Izindawo ezidayisa utshwala sezilele ulwembu ngenxa yokhuvethe
Isithombe: nguMike Hutchings Izindawo ezidayisa utshwala sezilele ulwembu ngenxa yokhuvethe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa