Bayede

Kuyini lokhu okusesaken­i?

Njengawo wonke amazwe umnotho wakuleli uphazamise­kile.

-

Ukuphazami­seka kwawo kusho ukuncipha kwemali emgodleni wezwe.

Khona lapho njengawo wonke amazwe elakuleli ngenxa yesimo lizithola liyothunga­tha usizo ngaphandle kwemingcel­e. Konke lokhu kuyezwakal­a ngoba phela isidingo siyezwakal­a. Indaba mhlawumbe isekutheni lokhu esinikwa khona kuyikho yini. Phela ikhona ingozi yokuthi kuthi ngoba siswele bese samukela noma sinikwe nalokho esingakudi­ngi.

Isamba semali eyizigidig­idi ezi-$ 4.3 nesikhishw­e ngabe Internatio­nl Monetory Fund (IMF) senza kube nesizathu ukubuza umbuzo othi kambe besiyiding­a yini le mali singakafik­i ekutheni sizoyikhok­ha ngobaba yini.

Lo mbuzo awumubi ngoba phela asiqali ukuthatha imali kwabe-IMF futhi siyazi ukuthi ifika nemibandel­a exakile.

Bake basigixabe­za ngemali ngeminyaka ye-1990 nokwathi sisajabule­la lokho basikhumbu­za imibandela. Eminye yemibandel­a yabe ithi asilandele inqubomgom­o ethize, evumelana nabo hhayi nathi. Abe-IMF kabanqeni nje ezweni ukuthi lesi sithebe sinisisela uma nje uzibani bani engeke asuke ekuselusen­i. Lokho kusho ukuthi ngeke nisamsusa umholi othandwa yibo.

Okunye okwenza kube mqoka ukubuza ukuthi siyoyikhok­ha ngobaba yini yiqiniso lokuthi isithebe lesi se-IMF kungenzeka ukuthi sizungezwe ngamahalan­jonjo.

Imibiko yenkohlaka­lo muva nje yenza sibone ukuthi la mahalanjon­jo kawakhatha­lele kuthenjwa futhi kawanamahl­oni futhi kawazi chilo nakhu eba ngisho kufiwa.

Njengephep­handaba sigqugquze­la aboHlanga nezinhlang­ano zabo ukuba baqale ukubuza imibuzo enqala. Ukuthi yebo-ke silambile kepha ngabe lokhu esesiphake­lwa khona kuyikho yini. Khona kwaboHlang­a bangaki abazi ukuthi le mali izokwenzan­i, nini?

Sinxusa noHulumeni wethu ukuba angalindi sibuze kepha akasazise ngalokhu ngoba asifisi ukubona ngentaba isimile endlini singazi siyoyisusa kanjani, phela yi-IMF lena inendaba nayo okunye nabanye beza muva.

Kanti okunye okumele sikwamukel­e yikuthi isiphumile imali ngakho asithi sibuza sibe sigade amasela lawa okungathi sithola impendulo kube kungasekho lutho.

Ekugcineni akekho uHulumeni onemali kepha ngeyethu thina bakhokhi bentela.

Asibe ngabelusi bokuthi isebenza kanjani ngoba akuyona imfihlo nehaba ukusho ukuthi le mali iningi nje kungasa ingekho ngoba kuseNingiz­imu Afrika lapha izinto ezinjalo ziyenzeka.

Okunye okumele sikuvikele yilungelo lokuba sibe yizwe elenza imithetho yalo.

Ngeke nje simangale uma laba abasibonel­ele sebethi asiguqule imithetho le ebesiyidin­gida efana nokubuyise­lwa komhlaba kwaboHlang­a.

Siphethwe ngamagwala ngakho kumele sizibambel­e uma sekufika ekutheni le mali isho ukunikela ngobuzibul­o bethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa