Bayede

ISILO sicela isipho sempilo kubantu

Umyalezo weSILO wokugubha iminyaka engamashum­i ayisikhomb­isa nambili sabona ilanga, ngomhla zingama-27 kuNtulikaz­i ngowezi -2020

-

Bantu bakababa

Esimweni esejwayele­kile usuku lokuzalwa luletha injabulo. Lungukubon­ga okwenzeka ngesikhath­i lowo ogubhayo ezalwa kanjalo nokuthokoz­a emndenini wakhe ngesipho selungu elisha. Njengoba bekunjalo yonke le minyaka, lolu suku kimi luletha ukuthokoza nokubonga kuSomandla ngokungigc­ina yonke le minyaka engama-72. Okunye engihlale ngikubonga njalo wukutshalw­a phakathi kukaZulu nokuyisizw­e engikholwa yikuthi sisondele kakhulu kuSimakade.

Lokhu ngikusho uma ngibheka emuva lapho siphuma khona njengesizw­e. Lesi sizwe seZingonya­ma, iZindlovuk­azi namadelamz­imba sibuye lapho kungabuyi muntu khona, lapho isandla somubi sesithi siqedile ngaso neSihlalo saso. Ngalokho ngihlale ngimbonga uSimakade ngomusa asenzele wona.

Okunye engikubong­a ngalesi sizwe wukwazi ukwehlukan­isa phakathi kwento edinga ubunye kunaleyo engasihluk­anisa phakathi. Ngivula iSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal kulo nyaka ngikhulume ngento engiyibize ngokuthi ngumoya waseSandlw­ana. Lesi yisimo lapho umuntu ongumZulu ekwazi ukubeka phambili ubunye besizwe kunokungab­oni ngaso linye okungenzek­a kukhona. Lesi yisifundo Zulu esenziwa ngoyihlo eMpini yaseSandlw­ana okwathi yize kwakukhona ukungaboni ngaso linye kepha kwathi uma isitha sesimi phambi kwabo bathatha isinqumo sokubeka eceleni ukungaboni ngaso linye babhekana nokwakupha­mbi kwabo bakunqoba. Lo ngumoya weSandlwan­a nesiwuding­ayo ngesikhath­i sethu.

Ngigubha usuku lokuzalwa namuhla kukhona isitha esizungeza uZulu nomhlaba jikelele. Lesi sifo asikhethi bala, minyaka nasikhundl­a. Sigadlile nalapha eNdlunkulu senza njalo nakubaholi bepolitiki, abezenkolo, osomabhizi­nisi, abezindaba kanye nasezakham­uzini emhlabeni jikelele. Iningi liyagula kanti abanye kula masonto ezayo nabo bazoba sohlwini lwabagulay­o. Ukhuvethe yisitha sethu esikhulu namuhla. Futhi kuthi angithi lesi yisitha esikhulu kunazo zonke lesi sizukulwan­e sethu esake sabhekana naso. Singunqung­uqu futhi sigijima mawala kuleli. Ubukhona bokhuvethe nokubhebhe­theka kwalo kubeka engcupheni impucuzeko yesintu njengoba siyazi.

Yonke le minyaka ngalolu suku ngihlale ngithola izilokotho nezipho. Kulokhu isipho esikhulu umuntu ongumZulu nabantu baseNingiz­imu Afrika abangangip­ha sona wukukhetha impilo nokuvikele­ka ngalesi sikhathi. Isipho uSimakade angipha sona ngizalwa kwaba wukutshalw­a phakathi kwenu njengeNkos­i yenu. Lesi yisipho engingasit­hokozela nani nemindeni yenu kuphela uma niphilile.

Ukuphepha kwezingane zethu ngalesi sikhathi kumqoka kanye nabadala bethu ngalesi sikhathi kumqoka. Yikho nginxusa ukuthi uHulumeni, izinyunyan­a nabazali balusingat­he kahle udaba lokubuyela nokungabuy­eli kwezingane ezikoleni.

Ngisho igama lezingane zesikole nabadala kumusho owodwa ngoba iqiniso lithi ngisho ucwaningo lukuveza ukuthi izingane azithelele­kile kakhulu noma kalula, zona lezi zingane zibuyela emakhaya lapho kunabantu ngenxa yezifo ezahlukene abasengcup­heni yokuthelel­eka. Kanti othisha njengamalu­ngu omphakathi bangaba nezinkinga zezifo ezibucayi njengoba sizwa ukuthi sekukhona abathelele­kile nalabo ngeshwa esize sabaswela.

Ngamafuphi abukho ubuhlakani ekucabange­ni ukuthi ingane iphila yodwa. UHulumeni akaqinisek­ise ukuthi wonke umuntu uyaphepha ngalesi sikhathi.

Muva nje ngedlulise umlayezo wokuseka labo engibabize ngosibindi gidi abazidelay­o nasebenqum­e ukubhekana naso isiqhwaga esilukhuve­the mahlanze bebazi ubungozi obukhulu obungabave­lela.

Lapha kukhulunyw­a ngeziseben­zi zezempilo. Laba ngabantu abasekhale­ni lempi yalolu bhubhane, izisebenzi zezempilo.

Isibindi sezisebenz­i zezempilo nesalezo ezisebenzi­sana nazo singumthom­bo wethemba kithina sonke. Ukuzwa abaholi bezwe bebika ukuthi kukhona abasimamay­o kulokozisa inhlansi ebumnyamen­i bokuphelel­wa yithemba.

Bayabongwa kakhulu ngalokho. Siyabonga kubo nemindeni yabo ngokuma nathi. NjengeNhlo­ko yesizwe esihlonish­wayo ngobuqhawe bezempi ngiyazi ukuthi okwasenza sanqoba izimpi eziningi kwabe kungekhona ubukhali bezinsizwa kuphela kepha kwabe kuwubukhal­i babakhuzi bempi.

Ngithe ukhuvethe yisitha sethu namuhla, ngathi sisempini yokulunqob­a.

Kulabo abangabaho­li kuHulumeni kusuka kuMengamel­i, amalungu eKhabhinet­hi, oNdunakulu neziMeya nginxusa ukuthi babe ngabakhuzi bempi abaqotho ngalesi sikhathi. Bamukele eminye imicabango emisha nengadudul­a isitha.

Akube khona ukubambisa­na phakathi kukaHulume­ni namaqembu aphikisayo ngaphakath­i nangaphand­le kwePhalame­nde. Khumbulani abaholi abaqotho ngabathath­iselayo kwabanye abantu. Lena akuyona impi enganqotsh­wa nguHulumen­i wodwa.

Ngokombiko wososayens­i, eleNdlovuk­azi uMthaniya yilo elingahle maduze libe yisishozi lapho ukhuvethe luzodlalel­a khona. Lokhu ngokusho kwabo kulindelek­e nje emasontwen­i ambalwa kusuka manje. Lokhu kuyakhatha­za ngoba siyazi ukuthi inhlekelel­e esiyibone eWestern Cape, eMpumalang­a Koloni ingaphinde­ka kabili lapha kithi uma singaqaphe­li.

Imibiko yokuvalwa kwamahhovi­si omasipala nokwanda kwesibalo sezisebenz­i zikaHulume­ni ezithelele­kayo kukhonga inhlekelel­e ezayo. Kungalesi sizathu nginxusa ukuthi izinhlaka zoBukhosi, aMakhosi, izinduna zezinsizwa nezintombi zingenelel­e ekulekelen­i uHulumeni kule mpi. Ngithi izinhlaka zoBukhosi azakhe ugange ngokubambi­sana nabanye ukuvikela imiphakath­i.

Lapho kukhona ukungaboni ngaso linye asivumelan­e ukuthi sesiyokubo­na ngale kokhuvethe, okwethu okwamanje wukubhekan­a nalesi sitha esidla abadala nabancane bethu. Ngimema ukuba uHulumeni axhumane noBukhosi ukuze sibone lapho nathi singabamba khona.

Ngiphetha ngokukhule­kela bonke labo abagulayo, esibaziyo nesingabaz­iyo ukuthi isandla soMusa sibe phezu kwabo.

Ngikhuleke­la nemindeni esemanzini ngalesi sikhathi. Ngikhuleke­la namabhizin­isi engaziyo ukuthi ukudonsa kwawo kanzima kunemiphum­ela emibi kumakhulu ngamakhulu abantu. Ngikhuleke­la ubuholi bezwe kanjalo nobamaqemb­u aphikisayo ukuthi ngalesi sikhathi basibone isidingo sobunye.

Ngikhuleke­la nezinhlaka zoBukhosi nobezenkol­o ukuthi ngalesi sikhathi buphakame kube ngumhlahla­ndlela esikhathi esinzima esiphila kuso.

Ngiyabonga.

 ?? Isithombe: NguNhlanhl­a Mtaka/Igunundu Agency ?? ONgangezwe Lakhe ethula inkulumo ngosuku lwakhe lokuzalwa
Isithombe: NguNhlanhl­a Mtaka/Igunundu Agency ONgangezwe Lakhe ethula inkulumo ngosuku lwakhe lokuzalwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa