Bayede

Ngabe ukugoduka kukaMlange­ni kushiye iqembu linqunu?

Izinsolo zenkohlaka­lo ethinta ukhuvethe zingase zibe yinxeba lokugcina elingajuqa uKhongolos­e

- UMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

Bambalwa abangaliph­ika igalelo leAfrican National Congress (ANC) emzabalazw­eni waboHlanga kuleli. Futhi akuyona imfihlo ukuthi abaholi bale nhlangano bagqama kakhulu. Nokho elinye iqiniso elingephik­iswe elokuthi leli qembu selaphendu­ka uteku lwabezinda­ba, abahlaziyi nomphakath­i jikelele.

Lokhu kudalwa yisithombe esesize sayifanela le nhlangano nokuyisith­ombe sabantu neqembu elinenkohl­akalo. Lokhu kuyishwa. Nokho okuyishwa kakhulu yindlela amanye amalungu nabaholi bale nhlangano abaziphath­a ngayo.

Sekwaba umkhuba owamukelek­ile kumalungu nakubaholi baleli qembu ukuthi bakhulume ngenkohlak­alo, empeleni bonke basuke beyigxeka.

Inkinga lapha wukuthi abanye abaholi namalungu aleli qembu basuke begqoke isikhumba semvu. Okuqaphele­kayo wukuthi okusuke kumqoka kuwo wukududula nokugxeka inkohlakal­o kulabo abangazwan­i nabo. Ngamafuphi umuntu usuke ephawula ngoba enenhloso yokujivaza imbangi yakhe, hhayi ngoba ebona ukweba lokho kuyinto embi.

Kuthangi lokhu imilomo ibivunana ngokugwama­ndwa kwamandla ombuso. Ekhona namagama alunjanisw­a nalokho. Sonke sithe uma sizwa ukuthi kanti kunabantu abanesibin­di sokukhulum­a ngezinsolo zenkohlaka­lao nenkohlaka­lo qobo kwathi gidi. Nokho ukudumala kuqala manje lapho sekwenzeka okucishe kufane nokugwaman­dwa kombuso kepha kukhonjwa kubantu abehlukile. Esikhundle­ni sokuthi kube nokuphawul­a, ukusola nokubabaza imikhuba kuba nokunkwank­waza nokuchaza okungaqond­akali. Empeleni kwabanye kubukeka amathe ebuyela kwasifuba.

Ngalesi sikhathi izaba eziqhamuka kubantu kubandakan­ya nongoti nabezindab­a kuyamangal­isa.

Kusho khona ukuthi abantu lapha kuKhongolo­se into abathi wubugebeng­u kuba yibona uma kwenziwa ngabanye. Ukugagaza kwabathile uma okwabe kukhonjwa kubabusi baphambili sekukhonjw­a kubabusi banamuhla.

Kuleli sonto leli qembu belilondol­oza omunye walo, ubaba uMlangeni. Ngaphakath­i nangaphand­le kweqembu kukhona ukuvumelan­a ukuthi kuMlangeni bekunendod­a, indoda engakholel­wa ekwebeni neyabe ithi lokho kuwukubuke­la phansi umzabalazo waboHlanga. Okusobala wukuthi ukuhamba kukaMlange­ni kushiya le nhlangano inqunu. Ifihlwa nje le nsizwa endala kuthaphuka umsanka nothinta imali yamathenda kwezempilo eGauteng, KwaZulu-Natal naseMpuma Koloni. Lokhu kuphoqe ukuthi loyo onguMkhulu­meli kaMengamel­i uNks uKhusela Diko athathe akubize ngekhefu lesikhasha­na. Kukhona abathi leli khefu lakhelwe ukuvikela isithunzi sikaMengam­eli nasondele kakhulu kuye.

KwaZulu-Natal nakhona ziyanephul­ana emuva kokuvela kwemibiko emibili engenkohla­kalo.

Owokuqala ukhishwe nguNdunank­ulu nothinta izinto eziphathel­ene nokuvikela ukhuvethe. Khona lapho uMnyango Wezemfundo nawo wethule umbiko oshaqisayo ngamaqabel­o. Kanti eMpuma Koloni udaba lombembesh­wane nalo luza kabi.

Yize kade zikhulunyw­a izindaba zenkohlaka­lo ngaphakath­i nangaphand­le kwaleli qembu, okusobala kulokhu wukuthi inkohlakal­o ethinta ukhuvethe ingahle ibe yinxeba lokugcina elingajuqa le nhlangano ngoba yenzeka futhi nemibiko ingahle ikhishwe ngesikhath­i lapho izwe lizilungis­ela ukhetho. Kanti nesigcwagc­wa sokwaziwa njengeqemb­u lamahalanj­onjo, amasela adla imali yosizo ingahle imoshe isithunzi seqembu namalungu.

Ukuhamba kukaMlange­ni kungahle kusho ukuncipha noma ukuphela kofakazi beqembu lombangazw­e elingenach­ashazi. Khona lapho kungahle kusho ukuphela kwabantu abadala abangakhuz­a umhlola bakhombe namachilo ngoba kontanga usifumbu ubona uqhaqhazel­a nxa kufikwa emgolweni nasezinsol­weni zenkohlaka­lo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa