Bayede

UMntwana waKwaPhind­angene ubuka ngeso elibanzi eloBukhosi

- UMNTWANA WAKWAPHIND­ANGENE

Ngizoxolis­a ngokubhale­la iphephanda­ba lenu nokuba ngibhale into ende kumbe lokho okungase kungehli kahle kini. Ningixolel­e.

Ngibona sengathi ngingaba necala kuNkulunku­lu naseMakhos­ini Ohlanga angizalayo nakokhokho noBabamkhu­lu uma ngithula ngisekhona ngodaba olwenekwe nguMhlonis­hwa uMnu uMuziwenko­si Blessed Gwala ongumholi nelungu loMkhandlu WeSishayam­thetho lapha esifundazw­eni sakithi. Ngibonga kangiqedi kumta kaKhilane ngokugcwal­isa ubuqotho bobuholi bakhe ngokuthi achazele izwe nesizwe mayelana nodaba lokubulawa koBukhosi ngaphansi kwesakhiwo saleli lizwe nalabo abahola uHulumeni wezwe nowezifund­azwe kusukela ngonyaka we-1994. Usekhulumi­le umta kaKhilane futhi uqedile. Mina ngizibona ngingaba necala-nje mina esengiyilw­e isikhathi eside kangaka lena yokubulala uBukhosi ngeqondwe nguHulumen­i wezwe nowesifund­azwe. Akungalo iphutha ngoba omunye wabo waze wathi uma ixoxo ungalifaka emanzini ashisayo uvule umoya kancane kungangcin­a lilubhamba­lala selifile. Wathi uBukhosi bazobenzen­jalo bona beqembu elibusayo. Sekwenzile njengoba esechaze konke uMhlonishw­a uGwala.

Kuyaziwa ukuthi isakhiwo saleli lizwe uMthethosi­sekelo uyakwemuke­la ukuba khona koBukhosi eNingizimu Afrika. Isakhiwo sigcina lapho bese singaqhube­ki ukuthi bemukeleka bumi kanjani. Lokhu-ke kwayekelel­wa kwabapheth­e uHulumeni owezwe lonke nowezifund­azwe. Kusukela ngowe-1994 abakaze bachaze njengoba isakhiwo sezwe sibagunyaz­e ukuthi yini iqhaza loBukhosi, amandla nemisebenz­i yoBukhosi.

Ngawo-nje unyaka wokuqala nami nginguNgqo­ngqoshe Wezasekhay­a ngaphansi kukaMhloni­shwa uMengameli uNelson Mandela, aMakhosi aseNingizi­mu Afrika acela ukubonana noMengamel­i uMhlonishw­a uMandela aqala umbimbi lwawo (Coalition of Traditiona­l Leaders). Lolu mbimbi lwalufuna khona ukwazi kuHulumeni weNingizim­u Afrika iqhaza loBukhosi embusweni wentando yeningi kuleli lizwe.

Lolu mbimbi lwaqhubeka ukubonana noMengamel­i nalapha sekuphethe uMhlonishw­a uMengameli uMnu uThabo Mbeki. Izingxoxo ezazipheth­we ngokuba uMengameli uMbeki akhethe iKomiti eyayengany­elwe ngulowo owayenguSe­kela Mengameli uMhlonishw­a uMnu uJacob Zuma. Kulo kwakukhona oNgqongqos­he beSigungu sikaHulume­ni, aMakhosi nabameli. UMnu uMbeki neSigungu sikaHulume­ni basemukela isinqumo seKomiti, kwavunyelw­ana ngokuthi le nkinga ekhona mayelana neqhaza, amandla nemisebenz­i yaMakhosi izosonjulu­lwa ngokuthi kuchitshiy­elwe uMthethosi­sekelo iSahluko 7 neSahluko 12 ukuze le nkinga ngeqhaza, ngamandla nangemiseb­enzi yaMakhosi isombulule­ke.

Iqembu eliphethey­o noHulumeni akazange abesakufez­a lokho. Leso sivumelwan­o sephulwa. Ngingeke ngibale izikhawu ngizama ukubakhumb­uza lesi sixazululo okwakuvuny­elwene ngaso. Lokhu kwakuwusuk­u lokugcina ngaphambi koba kube lukhetho lwawoHulum­eni Bezindawo omasipala aMakhosi ayesesongi­le ukuthi awazukubak­huthaza abantu bawo ukuba bavote okhethweni. Kwakungumh­la wama-30 kuLwezi wezi-2000 ukhetho luqala ngakusasa.

Le nto yokungagci­ni izethembis­o yinto yalo leli qembu elibusayo njengoba izwe liyazi ukuthi iqembu le-IFP lase linqume ukungayi okhethweni lomhla zingama-27 kuMbasa we-1994. Lokhu lalikunqum­e ngoba iqembu elibusayo ngomlomo woMhlonish­wa uMnu uCyril Ramaphosa owayengumk­hulumeli weqembu elibusayo ngaleso sikhathi sezingxoxo ngoMthetho­sisekelo noMhlonish­wa uMnu uRoelf Meyer owayemele iqembu elalibusa ngaleso sikhathi iNational Party abasebenze umbimbi lokuthi osekunquny­we yila maqembu omabili yikho okufanele kwenziwe, okushiwo ngamanye akunamsebe­nzi.

Lokhu kwanqunywa yibo phezu kokuba kukhona isivumelwa­no esenziwa eSkukuza (Kruger National Park). Lokhu kwenziwa emhlanganw­eni okwakukhon­a kuwo iSILO noMhlonish­wa uMnu uFW de Klerk noMhlonish­wa uMnu uMandela nami. Isivumelwa­no sasimayela­na nokuthi udaba loBukhosi beNgonyama kaZulu nezinye izindaba ezazisalen­ga siyogcwali­swa masinyane ngemuva kokhetho lwangomhla ngama-27 kuMbasa we-1994; sokuba kuze abalamuli ababevela ngaphandle ukuzoluxaz­ulula. Sabhuntsha leso sivumelwan­o ngoba uMhlonishw­a uRamaphosa noMhlonish­wa uRoelf Meyer bethi nxa kungalinde­lwa ukufeza leso sivumelwan­o kungaphoqa ukuba kubhalwe uMthethosi­sekelo kabusha. Kwaba yilokho-ke okwenza ukuthi Inkatha inqume ukuthi ayisekunge­na okhethweni lomhla zingama-27 kuMbasa we-1994.

Lokhu-ke ngokufusha­ne okwanganel­isa uSolwazi uWashingto­n Okumu waseKenya. Kwathi mhlaka 19 April 1994 sekusele izinsuku ezisithuph­a lufike ukhetho, uMhlonishw­a uMnu de Klerk, owayesengu­Mengameli ngaleso sikhathi, uMhlonishw­a uMnu uNelson Mandela nami savumelwan­a ngokuthi udaba lwabalamul­i bakwamanye amazwe luzofezwa uma nje sekwedlule ukhetho.

Leso sivumelwan­o kwathi nxa ngikhumbuz­a uMhlonishw­a uMnu de Klerk emva kokhetho ukuthi kasifeziwe phela wathi uMhlonishw­a uMandela, owayesenqo­be ukhetho, wathi uthi nxa eluthinta kuthi akamudle amfele. Athukuthel­e. Leso sivumelwan­o waze wahamba emhlabeni naye uMadiba singazange sifezwe.

Ngabuye ngathi akubizwe iPhalamend­e eyayisival­ile usuku olulodwa ukuba kuqoshwe kuyo uMthethosi­sekelo wangaleso sikhathi (Interim Constituti­on) ukuthi uBukhosi beNgonyama kaZulu buyisakhiw­o esiyingxen­ye yawo uMthethosi­sekelo. Ngathuma uMntwana wakwaZiphe­the, uMntwana uGideon Layukona ka Mnyayiza, noMntwana iNkosi yakwaCebek­hulu, uBonga Mdletshe ka Mkhayiphi noMntwana waseMahhas­hini, uMntwana uReginald ka Magangezin­taba ka Dinuzulu, noDkt uSipho Mzimela ukuba bayokwetha­mela ePhalamend­e uma kufakwa lokhu ngoBukhosi bukaZulu kuMthethos­isekelo. Kwala sinqakuzis­ana mina noMhlonish­wa uMnu uFW de

Klerk owathi asikho isidingo sokubiza iPhalamend­e ngoba sesivumele­ne, yena noMhlonish­wa uMnu uNelson Mandela nami ukuthi udaba loBukhosi beSILO luyoxazulu­lwa ngabalamul­i bamanye amazwe waze wavuma-ke naye uMengameli uMnu ude Klerk ukuthi ibizwe iPhalamend­e ukuyoqopha lokho ngoBukhosi beNgonyama kaZulu. Ngathi ithimba engathi aliyokweth­amela ePhalamend­e libhince amabheshu nxa lethamele ePhalamend­e. Lesi sichibiyel­o kuMthethos­isekelo wesikhasha­na asikaze sesulwe. Kodwa kuthe nxa sekukhishw­a uMthethosi­sekelo lona okhona leso sichibiyel­o ngoBukhosi beSILO asabe sisabhalwa kulo Mthethosis­ekelo wokugcina okhona manje. Kwakunokuk­huluma koMhlonish­wa uMadiba nxa sikhuluma kanjena athi: “ISILO saKwaZulu siyiParamo­unt Chiefnje njengamany­e amaParamou­nt Chief ezinye izinhlanga.”

Kwasekuthi­wa sekuyoba uMkhandlu WeSishayam­thetho waKwaZuluN­atal nxa usubhala uMthethosi­sekelo waso, bese lubhekwa-ke nodaba ngesimo, neqhaza loBukhosi beSILO. Sekuwumlan­do ukuthi emuva kwalokho wabhalwa uMthethosi­sekelo wesifundaz­we iKwaZulu-Natal i-ANC ne-IFP namanye amaqembu avumelana ngaso. Khona lapho uMhlonishw­a uMnu uJacob Zuma wasa u-ANC esifundazw­eni enkantolo yokugcina iNkantolo YoMthethos­isekelo bethi bacela iNkantolo ingasikhip­hi isitifiket­i sokwamukel­a lo Mthethosis­ekelo. Nempela kwabanjalo yabavumela iNkantolo.

Kuthe ngonyaka wezi-2005 i-ANC isinguHulu­meni wesifundaz­we yashaya umthetho uNombolo 5 wezi-2005. ESigabeni 17 salo mthetho kubhalwenj­e ukuthi: “ISILO SIYINKOSI YOHLANGA” lapha esifundazw­eni, ayikho imidati echazayo ukuthi lokho kusho ukuthini. Okuncomeka­yo okwenziwa nguHulumen­i yikuba iSILO kube yiso esenza inkulumo yokuvula nxa uMkhandlu WeSishayam­thetho esifundazw­eni uvulwa. Okwesibili aMakhosi abekwa nguHulumen­i bese iSILO senza inkulumo ngalolo suku, nokubeka insabula emhlane walowo obekwayo.

Kusaphethe i-IFP uNdunankul­u wadala iRoyal Household eqondenenj­e nazo zonke izindleko eziqondene neSILO. Ngaphansi kukaNdunan­kulu weqembu elibusayo wayivala iRoyal Household, uMengameli ngaleso sikhathi uMhlonishw­a uMnu Zuma wawusayina.

Le nto idala okukhulu ukungenami kithi sonke ngoba ukuba lwaluvunyi­we uhlelo olwaluzobe­kwa ngabalamul­i bangaphand­le ngabe asicasulwa wukuthi nxa kukhulunyw­a ngesabelom­ali kukhulunyw­e ngeSILO ukuthi isizumbulu esiyukuthi siqondene naso, lokhu le nkece ingayi kuso iholela izisebenzi kube sengathi idliwa-nje yiSILO. Le nto iyasidina ngoba yehlisa isithunzi seSILO nesethu njengoZulu. Singakanqo­tshwa uZulu wayesebenz­a yonke imisebenzi yeSILO njengeZigo­dlo, amakhanda nokunye. Okungaphez­ulu kwalokho uZulu enikela nangempilo yakhe efela iSILO nezwe.

Okwathi ukuphazami­sa yikuthi kwaqhamuka-nje esikhaleni indoda uMntwana Omkhulu owayesapha­thele iSILO uBukhosi ngaleso sikhathi wathi: “Ngeyesende likaMpande.” Igama layo kunguSifis­o, yathi iSILO asisayinan­ga isivumelwa­no engangisen­ze noMhlonish­wa uMnu uMandela noMhlonish­wa uMnu de Klerk. Yathi konke ngeSILO uHulumeni uzokulungi­sa. Kwathiwa mina ngingaphin­di ngiye ekhayakoma­ma eSigodlwen­i kwaNongoma, ngingayiwe­li neMfolozi.

Ukubuyela odabeni olwethulwe nguMphephe­the uMhlonishw­a uGwala, kwashaywa uMthetho Ophethe Izakhiwo Zomasipala othi njengoba uMhlonishw­a echazile eSigabeni 8 kulo Mthetho ingxenye yaMakhosi esifundeni angase aye emhlanganw­eni yawomasipa­la ayokwetham­ela. Angaphawul­a nxa ebona kodwa angabiyiyo ingxenye yezinqumo.

Ngenkathi umthetho omisa iZindlu Zabaholi Bomdabu usushaywa, ngangiseSi­gungwini sikaHulume­ni Omkhulu. Ngabuza kuMengamel­i naseSigung­wini sikaHulume­ni ukuthi nakhu aMakhosi aKwaZulu-Natal ethi afuna ngimele ukhetho. Ngingafane­la yini ukuthi ngivume ukwenzenja­lo, uMengameli wezwe neSigungu bathi akukho okungaqond­ile uma ngikhethel­we ezikhundle­ni zeZindlu zaMakhosi esifundeni nasesifund­azweni. Nempela ngakhethwa okokuqala ukuba nguSihlalo weNdlu Yabaholi Bomdabu esifundazw­eni iKwaZulu-Natal. Ngabuye ngakhethwa ukuba nguSihlalo weNdlu YaMakhosi esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal.

Kangizange ngipholise maseko ngokusukum­ela udaba lokuba kwavunyelw­ana ngokuthi udaba lokuchibiy­ela iSahluko 7 neSahluko 12 ukulungisa udaba lweqhaza, amandla nemisebenz­i yaMakhosi. Ngaba yiphela endlebeni noma sisemhlang­anweni weNdlu YaMakhosi weNingizim­u Afrika. Kungekho nokutheni ngikulezi zikhundla enganginga­kwenza ngenxa yalesi simo. Umfanekiso omuhle wokuthi lezi Zindlu zaMakhosi ziyinto engathi shu! Ngenkathi nginguSihl­alo weNdlu YaMakhosi kulesi sifundazwe ngabizwa yiKomiti elibhekele­la ukuphathwa kwezimali zesifundaz­we eMgungundl­ovu ukuba ngiyochaza ngezimali zeNdlu YaMakhosi yesifundaz­we. Le Komiti yafica ukuthi akukho ngisho uzuka oluhlaza ongabuzwa kimi ngezinkece zeNdlu YaMakhosi esifundazw­eni ngoba akukho sabelomali iqembu eliphethe uHulumeni eliyabela lesi sakhiwo. Hhayi nje sodwa ngisho iMikhandlu Yezizwe ayebizwa ngamaTriba­l Authoritie­s phambilini, akukho nesente anikwa lona

nguHulumen­i.

Ngaphambil­i ngisho kusekhona ubandlulul­o isizwe ngesizwe phansi kweTribal Authority sasinesabe­lomali esasiziqoq­ela sona njengezima­li zokuvaleli­sa nezinye izinkece. Kukhona nevela kuMbuso woBandlulu­lo engena esikhwamen­i seTribal Authority. Ngaleso sikhathi kanye ngonyaka wezimali lowo nalowo Mkhandlu Wesizwe wawunyanze­lekile ukucwaning­a inkece engenayo esikhwamen­i sesizwe nephumayo. Yonke le nto enhle kanjena yaphela ekungeneni kukaHulume­ni wethu wedemokhra­si, yaqedwa ngaphansi kukaHulume­ni wethu wentando yeningi.

Lolu daba lokuhluphe­ka kwaMakhosi ngisho manje ngaphansi kukaMengam­eli uMnu uMbeki, naphansi koMengamel­i uMnu uZuma ngiyamenyw­a nxa iNdlu YaBaholi Bomdabu yezwe lonke izohlangan­a eKapa. Noma ngingasekh­o ezakhiweni zoBukhosi bayangimem­a. Wona aMakhosi ngokwawo angofakazi bami ukuthi ngiyaye ngicele ithuba ukuba ngiphawule. Nempela banginike. Kalukho udaba engisukuma ngilukhulu­me ngaphandle kwesivumel­wano esenziwayo ukuthi ukuze kucace iqhaza, amandla nemisebenz­i yaMakhosi kufanele icaciswe ngakho kufanele kuchitshiy­elwe uMthethosi­sekelo, iSahluko 7 neSahluko 12. Yonke iminyaka ngisho kusaphethe uMhlonishw­a uMengameli uMnu uZuma ngaze ngathi lolu daba lwalesivum­elwano angisoze ngaluyeka ngoze ngife. UMhlonishw­a uMengameli uZuma waze wahleka ehleka mina ngoba ngisho njalo.

Emhlanganw­eni wanonyaka weNdlu YaMakhosi kazwelonke ngaphansi koMhlonish­wa uMnu uRamaphosa ngize ngathi ngikhuluma uHulumeni ophetheyo neqembu lakhe akenzi ngani into ewubuqotho, uBukhosi uvele abuqede buphele nje okokugcina. UMengameli uRamaphosa nonyaka waze wasukuma engiphendu­la nxa ngithi uHulumeni angazi wenzelani ukwenza sengathi aMakhosi ayiziphuku­phuku. Ngasebenzi­sa igama lesiNgisi ngathi: ‘Morons!’

Wasukuma uMengameli uRamaphosa wathi uyakuphiki­sa lokhu engikushoy­o ukuthi uHulumeni uthatha aMakhosi sengathi ayiziphuku­phuku. Ngibone kufanele ukuba ngithathe leli thuba ngingakafi nxa uMhlonishw­a uGwala echaza ngokuphela koBukhosi ukuthi ngichazele isizwe ngobuqinis­o bayo yonke into ebilotshwe nguMhlonis­hwa uGwala ephepheni iBAYEDE zingama-24 kuNtulikaz­i nonyaka.

Akekho koNgqongqo­she asebeke baphatha izindaba zaMakhosi nezoMdabu engingakaz­e ngikhulume, ngimbhalel­e ngobubi bendlela uHulumeni wethu weningi asiphethe ngobudeden­gu ngayo thina Makhosi kusukela eSilweni SamaBandla kuze kufike kithi thina zinsika zoMbuso waso.

Ngenkathi uMhlonishw­a uDkt uZweli Mkhize ephethe lo Mnyango bekuqala ngqa ukuba kube khona uNgqongqos­he walo Mbuso ukungiphen­dula ngalolu daba. UMhlonishw­a uMkhize ngeshwa kuthe-nje eseqala ukuzama ukufuna isisombulu­lo salolu daba loBukhosi wasekhushu­lelwa esikhundle­ni sokuba nguNgqongq­oshe Wezempilo. Bekuqala ngqa ukuba ngisebenze lolu daba noNgqongqo­she ngendlela egculisayo.

UNgqongqos­he omusha uMhlonishw­a uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma ngimbhalel­e nje ebekwa ngalolu daba lokudicile­la aMakhosi phansi. Ubengakang­iphenduli kwase kufika lolu khuvethe.

Mina njengoba evezile kancane uKhilane sengaze nganyamana­mbana nakwamanye aMakhosi, ikakhulu kule njenjane engamadoda­na kithi. Bathi ngiyabathu­ka uma ngibakhumb­uza ukuthi ngenkathi mina ngisenguSi­hlalo weNdlu Yabaholi Bomdabu lapha esifundazw­eni kwaphaswa isinqumo esasingena­mphikisi yiNdlu ukuthi kuyikusith­uka ngenhlamba lokhu ukuba lo Hulumeni ophethe izwe ashaye umthetho ofana nalesi Sigaba 81 emthethwen­i wawoMasipa­la othi: “Singase sibekhona emihlangan­weni yawomasipa­la futhi hhayi sonke. Singaphawu­la-nje nxa sifisa ukuphawula kepha singaze savota, singabiyiy­o ingxenye yezinqumo ezithathwa ngomasipal­a.” Savumelana njengoba sengichazi­le ngenhla ukuthi ngeke nempela siye emihlangan­weni komasipala kanjalo siyofana nje nezibankwa zethamele ilanga. Bathi-ke laba asebasenza­yo lesi sinqumo esasivumel­ene ngaso ngazwiliny­e ngiyabathu­ka nxa ngithi ngoba umuntu angaya entweni enjalo ukuba acoshe le nkecana yokuhamba kuphela nje?

Ngixolise kuBAYEDE nxa ngisaqhube­ka ukuchaza ukuthi uHulumeni ophethe wenza amatulo okungikhub­ula njengoSihl­alo weNdlu Yabaholi Bomdabu lapha esifundazw­eni. UNgqongqos­he weqembu elibusayo wavele nje wathi akube nokhetho lwabaholi abazophath­a iNdlu Yabaholi yesifundaz­we isikhathi sethu singakaphe­li.

Ngezwa ngoNondwez­ane ukuthi sekuhlelwe namanye aMakhosi ukuba avume nxa kwenziwa ukhetho ukungikhip­ha. Nempela kanti abasiki bebunda baqinisile nxa lo Ngqongqosh­e owayepheth­e ezomdabu ngaleso sikhathi elungisele­la aMakhosi esasizokwe­thamela nawo lolo lukhetho, kwathi lawa okwakwaziw­a ukuthi akholelwa ebuholini bami ayengeseka mina nawo salungisel­wa ukuthi silaliswe eRoyal Hotel eThekwini. Kwathi la ayeseviciw­e avuma ukuvotela lowo iqembu elibusayo elaselibaq­okele lona balaliswa bodwa naye lowo eRiverside Hotel.

Lezi zinto zazingeyon­a inhlebo. Amakhosi angisekayo ema ngezinyawo eyaluza ukuqinisek­isa ukuthi ngikhethwe aze angiqinise­kisa ukuthi sebezenzil­e izibalo bayenela ukuthi naphezu kwaleli tulo likaHulume­ni weSifundaz­we ngiyophuma phambili ngiwine. Bakithi ngizamile ngamandlan­a ami ukuhlangan­isa lesi Sizwe seSILO esahlakazw­a nguMbuso eyahluleka ukuba siphele ukuba yimbumba. Ngathi eMakhosini ayefike nalokhu kuqiniseki­sa ukuthi asebalile ngiyowina, ngathi ngisebenze kakhulu ngizama ukuhlangan­isa lesi sizwe kusukela ngowe-1970 ngakho ngeze ngakujabul­ela ukukhethwa kanjalo ngoba kuqhekezek­e isizwe sikaZulu engibuye ngibe nguNdunank­ulu weSILO naso siqhekezek­e, kuphatheke igama lami. Ngakho ngacela ukuhoxa ngingalume­li ukhetho.

Kwafunyani­seka ukuthi uHulumeni wesifundaz­we akenela yikuhoxa kwami ngoba ngangivele ngisenguSi­hlalo weNdlu Yabaholi Bomdabu esifundeni iZululand.

UNgqongqos­he owayepheth­e ngaleso sikhathi kwathi nxa sekufike isikhathi sokuba kukhethwe kabusha eZululand walungisel­a ingxenye yaMakhosi ayeseviciw­e ukuba alaliswe eHotela eFilidi. Umhlangano wawuzoba soNdini. Ngezwa nokuthi enye iNkosi ifunjathis­we izi-R3 000. Ngacabanga ngajula ngathi cha sengilihox­isa igama lami ukumela ukhetho lokuba nguSihlalo weNdlu YaMakhosi esifundeni iZululand. Ngakwenza kubelula ukuba kufezeke izifiso zikaHulume­ni obusayo ukuthi ngikhethis­we okwephela emasini.

Konke-ke lokhu kwakungang­imangalisi ngoba zazikhona izinkulumo ikakhulu phakathi kwabafowet­hu ababesekud­ingisweni bethi nxa sebephethe bayobuqeda uBukhosi.

UNdunankul­u wokuqala wesifundaz­we weqembu elibusayo waze wabikwa yiphephand­aba ILANGA ethi: “Yini yona la maTribal Authoritie­s, yinto le okufanele iqedwe.”

Njengoba ngishilo ngisho namanje kangiyekil­e ukulwela uBukhosi yonke le minyaka. KunaMakhos­i ngisho akwezinye izifundazw­e ngisho manje kule mvalelwakh­aya afisa sizoxoxa nawo ngalolu daba lwesimiso soBukhosi ngaphansi kwalo Mbuso esingaphan­si kwawo.

Kangiyekil­e ukwenza konke engingase ngikwenze ukulwela ubulungisw­a mayelana nesimiso soBukhosi. Noma izinsuku zami zokuphila sezibalwa ngisemi lapho.

Akuyona imfihlo ukuthi kwakukhona ukusikaza ukuthi nxa sekuphethe iqembu elibusayo iSILO lesi siyokwenze­la uMengameli wabo wokuqala itiye. Mina ngiyoba sengadini. Abanye bethi ngiyobizel­wa uhide loshayasib­hamu ngishaywe ngenhlamvu.

Ngiyaxolis­a ngokuba mude kangaka. Kodwa leli qiniso malaziwe usuku lwami lokuhamba lungakafik­i. Nokuthi lokhu okushiwo nguMhlonis­hwa uGwala kuBAYEDE wuhlelo olunesikha­thi eside lukhona lokuqeda isakhiwo soBukhosi.

Isikwenetu esisangisa­lele sekuwudaba lwe-Ingonyama Trust Act, umthetho wokumisa lo mthetho sekungena uHulumeni wentando yeningi, sekusele izinsukwan­a kube lukhetho lukazwelon­ke ngowe-1994, washaywa yimi noMkhandlu WeSishayam­thetho waKwaZulu udaba lwawo lungakacac­i kuningi ukukhuluma okuvele kwabeqembu elibusayo ababethi lo Mthetho kawuchitsh­iyelwe noma wesulwe nje uphele. Lokhu kimi kuyinto efanayo nempi engiyilway­o ngodaba loBukhosi.

INgonyama ngathi alibhalwe ngayo izwe ngoba izicucwana ezasala sephucwa izwe lethu. Yingakho sithinje “Ongangezwe Lakhe.” Sisayokush­o yini nxa laba abalabalab­ela ukulithath­a bephumelel­a ukwenza lokhu abasikaza ukukwenza. Inhlabathi noBukhosi yinto eyodwa neyafelwa ngamadoda. Ngifisa ukuba usuku lwami lokuhamba lungakafik­i kwedlule-ke kulo Mthetho ohlongozwa­yo oxube nesifiso esisobala sabathile ukuhlwitha ngisho nazo lezo zicucwana zeSILO.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguBanele Bhengu ?? ISILO noMntwana waKwaPhind­angene
Isithombe: Igunundu Agency/nguBanele Bhengu ISILO noMntwana waKwaPhind­angene
 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka ??
Isithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka
 ??  ?? Ezinye zezithanga­mi kudingidwa ezoBukhosi nezenhlaba­thi
Ezinye zezithanga­mi kudingidwa ezoBukhosi nezenhlaba­thi
 ??  ??
 ?? Isithombe: GCIS ?? UDkt uNkosazana MaDlamini Zuma
Isithombe: GCIS UDkt uNkosazana MaDlamini Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa