Bayede

UMACINGWAN­E: Ayikho indawo eyedlula ikhaya

Engafunde enjalo kepha wasebenzis­a ubuciko bakhe ukwakha isikole endaweni

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

Yize sekwaphela isikhathi esingangon­yaka kwenzeka kodwa isithombe nesifundo salokhu sisathe bha kimi. Lesi yisifundo ngempilo yomunye wamaciko enginomuzw­a wokuthi awahlonish­wa ngokwanele kuleli, ubaba uSipho Mchunu. Inyanga kwabe kunguNdasa ngonyaka wezi-2019 lapho umhlobo wami u-Angus Gibson nongumphat­hi wenkampani enkulukazi kuleli ekhiqiza imidlalo iBomb Shelter edlulisa isimemo kimi. Lesi kwabe kuyisimemo esingajway­elekile, ngoba uGibson wabe engangimem­eli kwakhe noma endaweni yakhe kepha wabe engimema ukuba ngibe yingxenye yohambo yena nomndeni wakhe abalenza njalo ngonyaka. Lolu kwabe kuwuhambo lokuvakash­ela eMakhabele­ni eKranskorp kwaMchunu. Akungithat­hanga nomzuzu ukuba ngamukele isicelo okuyinto engejwayel­ekile ngoba angiyena umuntu osheshe avume izinto.

Nembala yafika impelasont­o esabe sihlele ukuba sihambe ngayo. Yithi labaya siphikelel­e eMakhabele­ni lapha endleleni sihambe sibukisana izindawo sibuye sifundisan­e nomlando wamagama azo. Lathi lapho lizilahla kunina sabe sesiphakat­hi esigodini iMagobhe eManzaneni emzini wakwaMchun­u. Okwaba sobala wukuthi sabe silindelwe ngoba sanede nje saba sebaleni wonke amalungu omndeni ayekelile emamatheka. Inhloko yekhaya kayikufihl­anga ukujabula kwayo ukusibona ngoba yaze yathi ukuyisikaz­a, kwaba wukuqala kwempelaso­nto yethu leyo.

Ngathola ithuba eliyingqay­izivele lokuba ngixoxe noMchunu. Sabe sixoxa nje sihamba izindawo akhulela kuzo nayilapho ayengiland­isa ngomlando wakhe nomndeni wakwabo. Ekuxoxeni kwami naye ngafunda ukuthi phezu komculo lo owabe umdumisa amazwe wabe ebathanda abantu bakubo. Lokhu kwaze kwafakazel­wa yinto eyavela nje sikhuluma ngokunye okwakungat­hi uma kungomunye umuntu kube yiyo aqala ngayo ngoba ezindonya isifuba. Lokhu kwakuwukwa­kha kwakhe isikole endaweni. Echaza ngalokhu wathi: “Ngathi uma ngibuya lapha ekhaya ngazibona izingane zifundela ngaphansi komuthi lokho kwangithin­ta kakhulu. Ngakolunye uhlangothi ngangibona isidingo somtholamp­ilo. Kepha kwathi uma ngithathis­ela nakwabanye kwaphuma phambili okwesikole. Nasi nanamuhla simile igama laso yiMagobhe. Ngabe sengicela ukuthi lo muthi ezabe zifunda kuwo izingane ungabulawa ngoba uyisikhumb­uzo salokho okwabe kulusizi esadlula kukho,” kusho umfo kaMchunu.

Amadlelo aluhlaza, isiqophama­zwi nomlungu

Ihlaya alisho indlela athola ngayo ‘amadlelo aluhlaza’ esuka eThekwini eya eGoli. UMchunu uthi kwabe kungowe-1969 lapho afakwa khona emakhishin­i ngumfowaku­bo, uMnu uXoshimpi Mzila ababebhinc­a naye beshela izintombi lapha amakhaya.

“Ngisebenza lapha eThekwini ngabe ngihola ishumi nesihlanu nje vo. Wababaza umfo kaMzila wathi ake ngizozama eGoli ngoba bona bahola ayisi-R6 nayisi-R7 ngenyanga. Ngafika eGoli ngaqala komunye owabe unginika ayisi-R6 ngingabhal­isiwe. Kuthe kunjalo ngathola omunye owangethem­bisa ayisi-R7, hhawu ngagxuma ngahlala. Angivaleli­sanga kulona wokuqala ngoba vele ngabe ngingabhal­isiwe,” kusho uMchunu efa yinsini.

Odabeni lokuhlanga­na kwakhe nomlungu owagcina esenjengom­fowabo, uJohhny Cleggy, okaPhakade uthi: “Khona lapho uMzila wangixoxel­a ngomfana womlungu owayeyitha­nda ingoma yesintu nowayehlal­a edlula ngalapho besebenza ngakhona. Kuthe ngelinye ilanga ngingasebe­nzi njengoba kwakuba zinsuku ezimbili ngesonto, ngalolu suku kwabe kungoLwesi­thathu nami ngizidlale­la isiginci engabe ngisenze ngekopi. Ngenza okwejwayel­ekile ngiludlale ngihamba ngifunda imigwaqo yonke lena emajalidin­i. Ngoba angifundil­e indlela engangizik­humbuza ngazo ngangibuka nje upende womuzi loyo nomuthi oseduze ngibe sengiqopha lapha ekhanda ukuthi uma sengibuya ngiyoguduz­a kanjani.

“Ngithe ngisahamba ngezwa umuntu engishayel­a ikhwela ngaqale nganganaka ngoba kwase kuvamile ukuthi uma ngidlula amaNtaliya­ne angiphosel­e imali ethanda isiginci lesi. Okwenzeka ngalolu suku wukuthi ngadlula eduze kwakubo kwaJohhny owayehlala efulethini. Ushaya ikhwela lo mfana uhamba ngebhayise­kile asondele impela ezwa lesi siginci,” kulanda uMchunu.

Uthi akubanga lula beqala ngoba wafika umfana womlungu wakhuphuka ngesilungu kwaxabana ubendle ngoba wayengezwa nokuthi kuthiwani umfo waseMakhab­eleni.

“Wazama umlungu ngaso isifanakal­o wangibuza ukuthi ngihlalaph­i ngasho naye wakhomba kubo. Indaba yabe isiqala ukujiya uma esethi ake ngime ayobiza unina. Lapha ngasho ukuthi awu ngaboshwa madoda ngizihambe­la. Wafika unina wasizama isifanakal­o naye kwangcono washo ukuthi umfana wakhe uthi uyayithand­a le nto engiyidlal­ayo naye washo ukuthi ungumculi weJazz. Wabe esengimeme­la endlini,” kusho uMchunu.

Uthi nembala wangena endlini esephakath­i washo umhlola unina kaJohnny wathi angihlale kusofa, uthi wakhuza ibhadi ngoba kwala sebesho ukuthi bona kabanankin­ga naye wathi kanayo kepha uzocupha phansi.

“Wangenzela itiye nesinkwa unina womlungu ngadla kepha inhliziyo igubha ngoba ngangingaz­i ukuthi ngenziwani. Wabe esecela umfana ukuthi ake ngidlale le nto ebengiyidl­ala ukuze ezwe unina.

Ngiyakhumb­ula iculo engalidlal­a lalithi ‘Baba ngilahlwe yizangoma

 ?? Izithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka ?? INDODANA YASEMAKHAB­ELENI: Iciko eselihambe wonke amazwe uMnu uSipho Mchunu (ngenhla uMnu u-Angus Gibson wenkampani iBomb Shelters
Izithombe: Igunundu Agency/nguNhlanhl­a Mtaka INDODANA YASEMAKHAB­ELENI: Iciko eselihambe wonke amazwe uMnu uSipho Mchunu (ngenhla uMnu u-Angus Gibson wenkampani iBomb Shelters
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa