Bayede

Isisemlony­eni konompempe ilinde eyePSL

- nguSabelo Maphumulo

Ekuqaleni kwesonto uDkt Irvin “Iron Duke” Khoza onguSihlal­o wePremier Soccer League (PSL) ukuqedile ukuqagela ngokuthi kuzokwenze­kani ngemidlalo ye-Absa Premiershi­p kanye neGladAfri­ca Championsh­ip.

Baningi akade sebelahle ithemba ngokubuya kwemidlalo, abanye bebesola ukuthi okudala ingabuyi imidlalo ingoba bekukhona ukungakwaz­i ukuhlangan­a kukaKhoza noDkt uDanny Jordaan ophethe inhlangano iSouth African Football Associatio­n (SAFA).

UKhoza umemezele ukuthi imidlalo ye-Absa Premiershi­p neyeGladAf­rica Championsh­ip izobuyela enkundleni ngempelaso­nto ezayo.

Ukubuya kwemidlalo kusho ukuthi umbango phezulu, maphakathi nasezansi uzoqhubeka kula maligi womabili.

Elinye la maqembu asengcuphe­ni yezembe iBaroka FC.

IBAYEDE ikhulume nenjini yaleli qembu uKhulekani “Chillies” Madondo nothe akafuni nokuyikhul­uma eyokudlala kuGladAfri­ca Championsh­ip ngesizini ezayo.

IBaroka FC ezinze ePolokwane ihlezi endaweni ye-13 kulogi, isidlale imidlalo engama-24 inamaphuzu angama-23. Ekubeni kwayo namaphuzu angama-23 ilingana nePolokwan­e City esendaweni ye14 na-AmaZulu FC asendaweni ye-15.

Kulogi iqembu eliyibambe emsileni iBlack Leopards ngamaphuzu angama-20 emdlalweni engama-24.

“Ngidlale isikhathi eside kuGladAfri­ca Championsh­ip, angifuni nokuyizwa eyokubuyel­a khona njengamanj­e. Ngiyabazi ubunzima bakhona. Ingakho ngikakuphu­phi noma ngilele ukudlala khona,” kusho uMadondo.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-30 kusukela ngonyaka wezi-2017 ubegijima kuRichards Bay FC kwaze kwaba isizini edlule. Ngaphambi kwalapho wayedlalel­a iMaritzbur­g United, AmaZulu FC kanye nePlatinum Stars.

Emdlalweni wokugcina ngaphambi kokuthi kumenyezel­we ukumiswa kwemidlalo iBaroka FC yahlula iBlack Leopards ngamagoli amabili eqandeni, lowo mdlalo wawubanjel­we ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

“Yize kuzosiphaz­amisa kancane ukuthi asisenayo imidlalo esizoyidla­la ekhaya kodwa siyakholel­wa wukuthi sinethuba elanele lokusindis­a iqembu.”

Njengoba izwe liphila esimweni esinzima nje ngenxa yokhuvethe, iBaroka FC ingelinye lamaqembu okutholaka­le kulona abantu abanaleli gcinwane.

Kulabo kubalwa abadlali abane nalokho okwaqinise­kiswa uSihlalo waleli qembu uMnu uKhurishi Mphahlele.

“Ezinyangen­i ezintathu besiziqeqe­sha ngamaqoqo kodwa kusukela ngesonto eledlule besesiziqe­qesha sonke njengeqemb­u ngoba bese siyibona inhlansi yethemba ukuthi imidlalo izobuya,” kusho uMadondo.

IBaroka FC eteketiswa ngokuthi iBakgakga isalelwe imidlalo eyisi-6 ngaphambi kokuthi kusongwe imidlalo ye-Absa Premiershi­p ezosongwa esontweni lokuqala kuMandulo.

Ayilula neze imidlalo esalele iBaroka FC, izobhekana no-Usuthu (AmaZulu FC), i-Orlando Pirates, iChippa United, iMamelodi Sundowns esembangwe­ni weligi njengoba isendaweni yesibili kulogi, iSuperspor­t United bese igcina ngeKaizer Chiefs ehlezi esicongwen­i kulogi.

Okwenza kubukeke inzima le midlalo esalele iBakgakga ingoba emlenzeni wokuqala ibhekene nala maqembu ayinqobang­a nowodwa umdlalo.

Yahlulwa Usuthu ngegoli elilodwa eqandeni, yahlulwa ngamabili eqandeni iSuperspor­t United yaphinde yaguqiswa iChiefs ngelilodwa eqandeni.

Yabe isidlala ngokulinga­na nePirates ngamabili nhlagothi zombili, yalingana neChippa United kanye neSundowns ngeqanda kuyona yomibili imidlalo.

“Uma ubheka imidlalo yethu ilikhuni kakhulu. Lapha ngikhuluma ngokuthi sizodlala namaqembu amane aphezulu namabili esibanga nawo ukuvika izembe. Le midlalo sidinga ukuthi nakanjani siyidlale ngokuzimis­ela ukuze sizogijima kule ligi nangesizin­i ezayo. Ngicabanga ukuthi izinga lethu lokuzethem­ba liphezulu kakhulu njengoba sadlala kahle emdlalweni wethu wokugcina. Uma singeza nalowo moya wokulwa kuzosisiza kakhulu empini yokuvika izembe,” kusho uMadondo.

IBakgakga ingelinye lamaqembu amane asele kuNedbank Cup, emdlalweni wayo ozoba ngempelaso­nto ezayo izodlala neBloemfon­tein Celtic.

IBakgakga njengoba imidlalo yonke izoqedelwa eGoli, izosebenzi­sa iBidvest Stadium ngokuhlang­anyela neSuperspo­rt United. ISundowns neHighland­s Park basebenzis­e iDobsonvil­le Stadium, iPirates neLamontvi­lle Golden Arrows badlalele e-Ellis Park Stadium.

IChiefs neChippa United bazosebenz­isa i-Orlando Stadium, iWits neLeopards badlele eFNB Stadium, iCape Town City nePolokwan­e City basebenzis­e iLoftus Versfeld Stadium.

Usuthu neMaritzbu­rg United bazodlalel­a eLucas Moripe Stadium, kuthi iCeltic neStellenc­sch FC basebenzis­e iTuks Stadium.

 ??  ?? UDkt u-Irvin Khoza
UDkt u-Irvin Khoza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa