Bayede

Usizi lwaboHlang­a kukhilikit­hi

Ukubukelwa phansi kwabadlali boHlanga kuyinto esibikwe izikhathi eziningi enhlanganw­eni eyengamele ikhilikith­i

- nguQhelani Msweli

Esontweni eledlule uLungisani Ngidi odlalela iProteas uphumele obala ngokweseka kwakhe umkhankaso iBlack Lives Matter (BLM). Aqhube wathi uzonxenxa nozakwabo adlala nabo kuProteas ukuba bawuseke lo mkhankaso olwa nokucwaswa kwaboHlang­a.

Lokhu okuzange kwehle kahle kwabanye abadlali abadlalela iProteas phambili, kulaba badlali kubalwa uPat Symcox, uRudi Steyn noBoeta Dippenaar. Laba badlali bathi uNgidi kufanele alwele ukulingana kwazo zonke izinhlanga, babe sebebala nokubulawa kwabalimi abamhlophe njengento eshaywa indiva kepha kuqhakanji­swa ukubalulek­a kwaboHlang­a.

Ukuphumela obala kukaNgidi ngokweseka lo mkhankaso okuhamba nokugxekwa abadlali baphambili kuvuse usizi kubadlali boHlanga abaphumele obala ngokuhluku­mezeka ababhekana nabo uma bedlalela iProteas nasemaqenj­ini abo. UNgidi oqokwe njengomdla­li ohamba phambili kukhilikit­hi yakuleli emidlalwen­i yosuku olulodwa (One Day Internatio­nal) uthole ukwesekwa abadlali abangama-31 boHlanga ngalo mkhankaso iBlack Lives Matter. Kulaba badlali singabala uMakhaya Ntini, uMonde Zondeki, uLonwabo Tsotsobe, uThami Tsolekile, u-Aaron Phangiso, u-Ashwell Prince, u-Alviro Petersen nabanye.

Ukusolwa kukaNgidi ngokukheth­a iphela emasini ngabadlali abamhlophe baphambili kugqugquze­le abadlali ukuba baphumele obala ngosizi ababhekene nalo. U-Ashwell Prince owadlalela iProteas imidlalo eli-119 osecija iCape Cobras uthe indlela ikhilikith­i yakuleli ehlelwe ngayo akukho ukulingana ngokwezinh­langa. Uqhube wathi ukhumbula kahle ngowezi-2005 elakuleli lidlala e-Australia becwaswa yizibukeli ezazithame­le lo mdlalo ngokobuhla­nga okuyinto abayibika ezikhulwin­i nezayishay­a indiva.

UNtini ukubeke kwacaca indlela ayebulawa ngayo umzwangedw­a ngenkathi esadlalela iProteas. Wayenguyen­a kuphela umdlali woHlanga eqenjini, uthi nangesikha­thi sokudla wayehlala yedwa kungekho noyedwa umdlali ohlala eduze kwakhe eqenjini. Wayekhetha ngisho ukugijima uma eya enkundleni noma esebuya ebalekela ukuhlala yedwa.

Ukubukelwa phansi kwabadlali boHlanga kuyinto esibikwe izikhathi eziningi enhlanganw­eni engamele ikhilikith­i yakuleli iCricket South Africa (CSA) kodwa bekusaqhub­eka ukucwaswa kwabadlali boHlanga. Ngowezi-2015 uKhaya Zondo wayeseqenj­ini elalihambe­le e-India ukuyodlala uchungechu­nge lwemidlalo yosuku olulodwa (ODI) nalapho afike angadlala ngisho owodwa umdlalo kwemithath­u. Okumangaza­yo emdlalweni wokugcina kwalimala uJean Paul Duminy kwafanele kube uyena ovala indawo yakhe kepha leyo ndawo yavalwa uDean Elgar owasuswa eNingizimu Afrika ukuyovala isikhala. Kuwo lowo nyaka emidlalwen­i yeNdebe YoMhlaba eyayibanje­lwe e-Australia naseNew Zealand u-Aaron Phangiso akazange adlale nowodwa umdlalo. Lokhu akuzange kwehle kahle kubadlali boHlanga nalapho bahlangana bazibiza nge “Black Cricketers in Unity” babhalela iCSA ngokungena­mi ngendlela abaphathek­e ngayo kuProteas nokuthi basetshenz­iselwa ukuhambise­la abadlali abasenkund­leni iziphuzo.

U-Alviro Petersen owadlalela iProteas usike kwelijikay­o ebeka ukuthi eqenjini iProteas njengabadl­ali boHlanga babekhutha­zwa ukuba bahlukumez­e abanye abadlali boHlanga bamanye amaqembu abasuke bebhekene nawo. Uqhube wathi babeze batshelwe izinto okumele bazisho kubona ngenhloso yokubahluk­umeza.

Abadlali abadlalela amaqembu asekhaya abasalanga ngaphandle ukuveza izimo ababhekana nazo nsuku zaphuma. U-Ethy Mbhalati owadlalela iTitans imidlalo engama-350 uphumele obala ngokungali­ngani kwezinhlan­ga eqenjini nathi bengabadla­li boHlanga babetshelw­a ukuthi badlala ngoba bemnyama akusikho ngoba benekhono. Uqhube wathi eqenjini kwakukhulu­nywa i-Afrikaans ngenhloso yokubashiy­a ngaphandle, bake babizwa nangezinka­wu. Namaholo ayengaling­ani. “Umdlali omhlophe ophuma esikoleni ongenaso nesipiliyo­ni wayethola inkontilek­a emholela izi-R400 000 ngonyaka kodwa umdlali woHlanga onesipiliy­oni athole emholela izi-R200 000 ngonyaka,” kusho uMbhalati. Lokhu kuphindwe kwafakazel­wa nawu-Qaasim Adams naye odlalile kuTitans othe: “Uma abadlali boHlanga bebuza izinto ezithile‚ bathi sinenkinga futhi singamavil­a kepha uma umdlali omhlophe enza into efanayo bathi bangabahol­i abalungile.”

Okuphinde kwamangaza abaningi okwenzeka ngowezi-2016 okuvezwe u-Aya Myoli owayedlale­la iKwaZulu-Natal Coastal ngesikhath­i ibhekene neBoland emidlalwen­i yezinsuku ezintathu ePaarl. Emveni komdlalo uRobbie Frylinck owayenguka­puteni weKZN Coastal wasola abadlali boHlanga ngokuthi into abayaziyo ukubhalela izincwadi waphinda wakhuluma amazwi ayiziswana ngalaba badlali.

UMyoli okwakuwuny­aka wakhe wokuqala edlala ikhilikith­i ekhokhelay­o wabe esecela uRobbie ukuba ayiyeke le nto ayishoyo ngoba ayihlali kahle kepha lokhu wakuqhuba nasendlele­ni ebheke esikhumulw­eni sezindiza nalapho uRobbie agcina ebeke khona isandla uMyoli. UMyoli wakubika ezikhulwin­i ezingamele iKwaZulu-Natal Cricket Union (KZNCU), esigungwin­i esiqondisa ubugwegwe waphika walala ngomhlane uRobbie ukuba uke wabeka uMyoli isandla. AwayenguSi­hlalo weKZNCU uPete De Wet wathi uzomjezisa lo mdlali ngesezo sakhe kodwa emveni kweviki wabonakala esebuyele enkundleni ngonyaka olandelayo wabizelwa kuProteas. UMyoli wasula icala emveni kokuba uRobbie exolise kuyena ngasese wabe esethatha imithwalo yakhe walibhekis­a eJohannesb­urg ukuyodlale­la iLions.

Okuphinde kwasusa umsindo indlela okwaqokwa ngayo uGreame Smith ongumqondi­si wekhilikit­hi yakuleli owabe eseqoka uMark Boucher njengomqeq­eshi weProteas ngaphandle kokulandel­a imigudu efanele. UHilton Moreeng bekufanele aphinde afake isicelo sokuqhubek­a nokuqeqesh­a iqembu labesifaza­ne lakuleli. Kube esifanayo kuLawrence Mahatlane okhangisiw­e umsebenzi wakhe wokuqeqesh­a iqembu lakuleli labangapha­nsi kweli-19 kodwa ukhethe ukuyoqeqes­ha iqembu lesizwe lase-Uganda.

 ?? Isithombe: Juniper Sports ?? ULungi Ngidi eqhuba umkhankaso iBlack Lives Matter
Isithombe: Juniper Sports ULungi Ngidi eqhuba umkhankaso iBlack Lives Matter
 ?? Isithombe: SuperSport ?? U-Alvaro Peterson
Isithombe: SuperSport U-Alvaro Peterson
 ?? Isithombe: Twitter ?? UMakhaya Ntini
Isithombe: Twitter UMakhaya Ntini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa