Bayede

Bahlaba isiphakami­so ngokhetho lwase-USA

- Ngu-Anathi Mtaka

UMengameli wase-United States of America (USA) uMnu uDonald Trump ngesonto eledlule wenze obekulinde­lwe ngabaningi abangamnam­bithisisi kahle ngesikhath­i edlalisa umqondo wokuthi kuhlehlisw­e ukhetho lobumengam­eli kuleliya lizwe lwalo nyaka kodwa lo mbono wakhe uthole imbibizane eqenjini iDemocrats kanye neqembu lakhe iRepublica­ns.

Abagxeki kanye nabahlobo bakhe uTrump bawuchitha lo mbono njengomzam­o wokugqiba izindaba ezingezinh­le mayelana nomnotho waleliya lizwe kepha ongoti bezomtheth­o baxwayisa ngokuthi ukuphawula kwakhe kungagcina kwenza abalandeli bakhe bangayethe­mbi inqubo yokhetho.

Isitatimen­de sikaTrump enkundleni yokuxhuman­a uTwitter siqhamuke ngesikhath­i leliya lizwe libhekene nenkinga enkulu esizukulwa­neni sayo okuwukhuve­the oseludlule nemiphefum­ulo eyizi-50 000, ukuwohloka komnotho okwakubang­elwe ukuqubuka kwemibhiki­sho ezweni lonke eyayilwa nodlame kanye nokucwasan­a kwamaphoyi­sa.

Ocwaningwe­ni olwenziwe kuvela ukuthi uTrump ungemuva kwaloyo aphikisana naye oseqenjini iDemocrats nowayenguS­ekela Mengameli waleliya lizwe uMnu uJoe Biden. UMengameli uTrump uthe angeke ayethembe imiphumela yokuvota nge-imeyli, okuyithulu­zi abaningi abalibuka njengeliba­lulekile ngenxa yokhuvethe. Ngaphandle kobufakazi obuphelele uMengameli wathi ukuvota ngale ndlela kwakuzogcw­ala ukukhwaban­isa.

“Ngokuvota nge-imeyli unyaka wezi-2020 kuzoba ukhetho olukhulu oluzoveza imiphumela engalona iqiniso futhi ekhwabanis­iwe emlandweni. Lolu hlelo luzolethel­a i-USA amakhulu amahloni, alubanjeze­lwe ukhetho baze abantu bakwazi ukuvota kahle ngendlela ephephile,” kubeka uMengameli uTrump.

Umlando ukubeka ngokucacil­e ukuthi leliya zwe selibambe ukhetho iminyaka engaphezu kwama-200 ngisho nangesikha­thi sempi yezakhamuz­i, sokuzika komnotho kanye nezimpi zomhlaba ezimbili.

Abangamalu­ngu eRepublica­ns uMnu uMitch McConnell noMnu uKevin

McCarthy bawuchithi­le lo mbono lapho uMcCarthy ethe: “Emlandweni wokhetho asikaze sibe nokhetho esingaluba­mbi futhi kufanele siqhubeke ngalo nalolu khetho,” kuphetha uMcCarthy.

Oyilungu leDemocrat­s uNkk uZoe Lofgren naye uphinde wakuchitha ukubanjeze­lwa kokhetho wathi: “Thina ngaphansi kwanoma yisiphi isimo angeke sivume ukwenza lokhu ukuze kwamukelek­e izimpendul­o ezingenamq­ondo zikaMengam­eli zokuqondan­a nokhuvethe futhi angeke sinikeze isigqi ebufakazin­i bamanga akusabalal­isayo.”

Isitatimen­de sikaMengam­eli kuTwitter sizokwandi­sa ukwesaba kwabaseki namalungu eqembu iDemocrats ukuthi uzozama ukuphazami­sa ukhetho noma anqabe ukuvuma umphumela walo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa