Bayede

Inhlokodol­obha ivalwe thaqa yimibhikis­ho eZimbabwe

- Ngu-Anathi Mtaka

Iphupho elihambisa­na nezinkulum­o kuleliya lizwe zazithi ukususwa kwaloyo owayenguMe­ngameli phambilini uMnu uRobert Mugabe kwakuzoba ikhambi elibalulek­ile ekulweni nenkohlaka­lo kanye nobubha eZimbabwe kodwa ngemuva kweminyaka emithathu ehla esihlalwen­i ngempoqo leliya lizwe namanje lisasobish­ini.

Ukuhlehla kukaMengam­eli uMugabe esihlalwen­i kwamukelwa ngenjabulo emazweni amaningi asentshona­langa futhi awujabulel­a uHulumeni kaloyo owathatha emuva kwkahe kodwa kungenzeka ukuba ukushintsh­a kompheki akuguqulan­ga okuphekelw­a izakhamuzi zaseZimbab­we.

Ngesonto eledlule ngoLwesihl­anu wonke amabhizini­si enhlokodol­obha yaleliya lizwe iHarare abevaliwe imigwaqo isele dengwane ngemuva kokuba abezomthet­ho benyuse izinga labo lokuzungez­a imigwaqo behlola isimo ngenhloso yokuzama ukumisa imibhikish­o ebiqondisw­e kuHulumeni ebihlelwe yizishosho­vu ebezikhala ngenkohlak­alo kanye nokusokola kwezomnoth­o.

UMengameli waseZimbab­we uMnu u-Emmerson Mnangangwa ongaphansi kwengcinde­zi yokuvusele­la umnotho ovele ushayekile, uqhubekile nokuthi le mibhikisho “iwukuvukel­a umbuso” kwamaqembu aphikisayo,

Phakathi enhlokodol­obha kanye naselokish­ini iMbare emuva kokuqubuka kwale mibhikisho kwaphoqele­ka ukuba amabhizini­si, amabhange nezitolo ezinkulu kuvalwe njengoba amaphoyisa namasosha abeseqale ukuzungeza imigwaqo. Ongunogada ogama lakhe kunguMarti­n uthe: “Izisebenzi zitsheliwe ukuthi zingezi emsebenzin­i namhlanje ngenxa yokusola ukuthi kungenzeka kube nenkinga.”

Abezomthet­ho bandise izindawo zokuhlola kuyona yonke imigwaqo engena edolobheni iHarare. Kuphinde kwavela nemibiko ethi nasedolobh­eni elingelesi­bili ukuba likhulu kuleliya lizwe iBulawayo nakhona amabhizini­si abevaliwe. Lapho okwakunemi­bhikisho khona ngonyaka wezi-2019 kuzokhumbu­leka ukuthi izibalo zabantu abashona laliphezul­u.

Le nkinga kwezomnoth­o waseZimbab­we ebukwa njengenkul­u kakhulu esikhathin­i esingaphez­u kweshumi leminyaka, iqukethe ukwanda kwenani lokuthenga izinto kodwa amandla emali ehla ngamaphese­nti angama-700, izibhedlel­a zomphakath­i ezithikame­zeka ngenxa yeziteleka kanye nokuntulek­a kwemithi.

Abagxeki bakaMengam­eli uMnangangw­a bathi usebenzisa umthetho wemvalelek­haya ukuba avimbe labo abaphikisa­na naye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa