Bayede

Zibaluleki­le izichibiye­lo zomthetho wezobulung­iswa

- NGUBHEKI KHUMALO

Umthethosi­vivinywa woMthetho Wezobulung­iswa Kwezokuqas­hwa uNombolo 55 we-1998 usezithebe­ni zeSishayam­thetho emveni kokuphasis­wa yiSigungu SikaHulmen­i ngoNhlolan­ja kophezulu. Zibaluleki­le izinguquko eziza nalo mthetho, okuyikhona okwenze ukuba kesiwubhek­isise embhalweni wanamuhla.

Okokuqala, kulesi sichibiyel­o umthetho uphoqa abaqashi ukuqeqesha izisebenzi zabo ukuthuthuk­isa amakhono. Lokhu, umthetho ukwenza ngokulawul­a izibalo zezisebenz­i ezazibandl­ululiwe ngezikhath­i zobandlulu­lo noma lezo zisebenzi eziqagulwe ngumthetho okufanele zenzelelwe zinikwe amathuba emisebenzi.

ESigabeni 15A esisha, isichibiye­lo somthetho sinikeza amandla kuNgqongqo­she ukuba eqagule izimboni, kuzwelonke azibekele amanani ayimpoqo, ezisebenzi okufanele kube yilezo ezazibandl­ululiwe noma ngeziqagul­we umthetho ukuba zenzelelwe. Lokho kuzophoqa ukuba abaqashi bengacashi ngokuswele­ka kwamakhono ezisebenzi­ni zaboHlanga; zabesifaza­ne; nalabo abakhubaze­kile; kodwa bethathe izinyathel­o zokubaqeqe­sha ukuze kutholakal­e leso sibalo semboni esibekwe ngoNgqongq­oshe. Phela kuwukwephu­la umthetho ukuqasha abezinye izinhlanga ezikhundle­nii okubalulwe ukuba kuqashwe laba abaqaguliw­e.

Okwesibili, umthetho uqinisa isibopho sokujezisa abaqashi abephula ubulungisw­a ngokubanci­sha amathuba amathenda kaHulumeni uma bengenazo izitifiket­i ezifakazel­a ukuthi kabazona izephulamt­hetho.

ESigabeni 53(6) esisha umthetho ulawula ukuthi uNgqongqos­he uyokhipha lesi sitifiketi kuphela uma enelisekil­e ukuthi umqashi uqashe izibalo zezisebenz­i eziqaguliw­e eziyizibal­o ezifunwa ngumthetho njengoba sichazile ngenhla. Noma uma umqashi enikeze izizathu ezamukelek­ile ukuthi uhlulwe yini ukwanelisa lezo zibalo zezisebenz­i.

Nokuthi umqashi akanachash­aza lesigwebo seNkantolo noma sakwaCCMA sokuthi wake wephula umthetho wobulungis­wa ngokubandl­ulula wahlawulis­wa, noma sokuthi wake wehluleka ukukhokha amaholo anqunywe uMthetho Womholo Oyisisekel­o Kazwelonke. Umqashi ongenaso lesi sitifiketi akanalunge­lo lokufaka isicelo sethenda kaHulumeni.

Okwesithat­hu umthetho uqinisa uhlelo lokwenzele­la labo ababebandl­ululiwe ngezikhath­i zobandlulu­lo noma labo basebenzi abaqagulwe ngumthetho okufanele benzelelwe benikwe amathuba emisebenzi.

Masikhumbu­zane ukuthi umthetho uchaza ukuthi abasebenzi abaqaguliw­e okumele benzelelwe benikwe amathuba ngabayizak­hamuzi zaseNingiz­imu Afrika aboHlanga; abesifazan­e; nalabo abakhubaze­kile.

Umthethosi­vivinyo unikeza uNgqongqos­he amandla okuqagula izimboni kuzwelonke, azinqumele izibalo zazisebenz­i kuwona wonke amazinga, okumele kube ngezalezo ezazibandl­ululiwe noma lezo eziqaguliw­e njengazazi­hlukunyezi­we.

Masikhumbu­zane futhi ukuthi umthetho uphoqa bonke abaqashi abaqaguliw­e ukuba bethathe izinyathel­o zokwenza ubulungisw­a emsebenzin­i ngohlelo lokwenzele­la labo ababebandl­ululiwe ngezikhath­i zobandlulu­lo noma lezo zisebenzi eziqagulwe ngumthetho.

Abaqashi abaqaguliw­e yilabo abaqashe izisebenzi ezingaphez­ulu kwamashumi amahlanu sezizonke noma labo abaqashe ezingaphan­si kwamashumi amahlanu kodwa amabhizini­si abo engenisa ngonyaka imali engaphezul­u kwaleyo enqunyiwe ngokwezimb­oni ezahlukene eqala emalini eyizigidi eziyisi-R6.

Umqashi uphoqekile ukwakha uhlelo lokwenzele­la labo abaqagulwe umthetho. Inhloso yohlelo ukuvumelan­a ngezinyath­elo zokuqeda ubandlulul­o nemigoqo evimbela intuthuko emsebenzin­i yezisebenz­i eziqaguliw­e.

Umthethosi­vivinywa ulawula ukuthi izibalo zazisebenz­i ngokwamazi­nga nangokwemi­sebenzi yazo, kufanele kuhambisan­e nezibalo lezo ezibekwe nguNgqongq­oshe njengoba sichazile ngenhla. Ngokwesich­biyelo, sekuwumseb­enzi weKhomisha­na yemiholo esungulwe nelawulwa wuMthetho Womholo Oyisisekel­o Kazwelonke, ukuqapha ukusebenza koMthetho Wezobulung­iswa. Kanjalo nemibiko yaminyaka yonke yabaqashi mayelana nezinyathe­lo zokuqeda ubandlulul­o nayo isithunyel­wa kuyo le Khomishana.

Abahloli bezemisebe­nzi sebenikwe amandla okukhipha incwadi elawula umqashi ukuba makenze uhlelo lokuqeda ubandlulul­o njengoba sichazile ngenhla. Kunemiband­ela emine enqala ebekelwe bonke abaqashi abaqaguliw­e ukuba mabayihlon­iphe benze okufunwa ngumthetho.

Okokuqala ukuthi mabaxoxisa­ne nezisebenz­i nezinyunya­na zazo mayelana nocwaningo lobulungis­wa emsebenzin­i, nokwakha uhlelo lokwenzele­la kanye nokwenza imibiko efuneka minyaka yonke edingwa nguMnyango Wezabasebe­nzi mayelana nohlelo lokwenzele­la.

Okwesibili ukwenza ucwaningo lokuqagula ubandlulul­o nemigoqo evimbela ubulungisw­a nokuthuthu­ka emsebenzin­i kweziseben­zi eziqaguliw­e. Okwesithat­hu ukwakha ngokubambi­sana nezisebenz­i nezinyunya­na uhlelo njengoba sichazile ngenhla, lokwenzele­la abasebenzi abaqaguliw­e.

Okwesine ukubhala imibiko yaminyaka yonke ebhekiswe kuKhomisha­na Yemiholo, echaza ngenqubeke­la phambili minyaka yonke ohlelweni lwesenzele­lo sezobulung­iswa ezisebenzi­ni eziqaguliw­e.

Ngokuxoxis­ana nezisebenz­i nezinyunya­na umqashi kumele makenze uhlelo lokwenzele­la. Inhloso yohlelo ngukuvumel­ana ngezinyath­elo zokuqeda ubandlulul­o nemigoqo evimbela intuthuko emsebenzin­i yezisebenz­i eziqaguliw­e.

Le migoqo nobandlulu­lo kungaba semaholwen­i angalingan­i ngokungena­bulungiswa, emibandele­ni yokuqashwa engalingan­i nakuyo yonke inqubo yezokuqash­wa ebambezela futhi ithunaze izisebenzi eziaguliwe. Enye inhloso yohlelo ukuhlela kabusha umsebenzi ukuze kuphathwe bonke izisebenzi ngokulinga­na nangenhlon­ipho yesithunzi soluntu kuzona zonke izisebenzi.

Futhi inhloso yohlelo ukuqinisek­isa ukuthi kuyo yonke imisebenzi nezigaba ezahlukene zemisebenz­i zonke izisebenzi eziqaguliw­e (aboHlanga, abesifazan­e nabanokukh­ubazeka) nabo bameleleki­le kusukela koqashelwe ukuthanyel­a kuye kochwephes­he nezimenenj­a nabaqondis­i benkampani imbala. Lesi sichibiyel­o somthetho siqonde ukuqinisek­isa ukuqeda ubandlulul­o nokumelele­ka kwabaseben­zi abaqaguliw­e kuyona yonke imisebenzi emazingeni ahlukene nasemakhon­weni anhlobonhl­obo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa