Bayede

Inkampani yabangcwab­i ilule isandla emphakathi­ni

- NguSabelo Mbatha

Kuyiqiniso ukuthi amabhizini­si namakhasim­ende yizinto ezingeke zahlukanis­wa ngoba kuyadingan­a.

Amakhasime­nde anesandla esikhulu ekukhuleni kwebhizini­si kodwa ngalokhu abathengi basuke bengabenze­li abamabhizi­nisi umusa ngokubesek­a kepha nabo bayahlomul­a ngoba abakutheng­a kulezi zindawo yilokho abasuke bekudinga.

Amabhizini­si anendlela yokukhombi­sa kumakhasim­ende noma emphakathi­ni ukubonga kwawo ngokwesekw­a ngokuthi kubekhona okuthile akunikelel­a abantu okuzobasiz­a okungaba imali, impahla, imifundaze, ukwelekele­la ngezikhath­i zezinhleke­lele nokunye. Lokhu kwenzeka ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi iCorporate Social Responsibi­lity (CSR).

Ngaphandle kokuthi lokhu kusuke kuyindlela yamabhizin­isi yokuveza ukubonga kwawo kepha nawo ayahlomula ngoba lokhu kuphinde kusebenze njengendle­la yokuzimake­tha.

Abathengi babona ukuthi benza kahle uma besebenzis­a imikhiqizo yezinkampa­ni ezibuyisel­ayo emphakathi­ni.

Uma inkampani noma ibhizinisi lifaka kakhulu isandla emphakathi­ni lithola ukwesekwa okukhulu yilowo mphakathi nabathengi.

Ukubuyisel­a emphakathi­ni kuphinde kwakhe ukwethemba­na, ukuqwashis­a nokugqugqu­zela uguquko emphakathi­ni

Nakuba ziningi izinkampan­i ezenza lokhu kodwa okwenziwa ngezinkulu emhlabeni kuba nemiphumel­a emikhulu ebonakalay­o ezintweni eziyisidin­go esihamba phambili njengendla­la, isimo sezulu nokunye okuningi.

Njengoba elakuleli ngenyanga edlule beligubha impilo kaMandela owaba nguMengame­li wokuqala wedemokhra­si eNingizimu Afrika, kujabulisi­le ukubona inkampani yabangcwab­i i-AVBOB ijoyina umkhankaso wokulwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane. Lokhu ikwenza nje, elakuleli lihlaselwe yisihlava kanti baningi abesifazan­e asebebulew­e kulo nyaka.

Ngendlela udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane oludlange ngayo, ngesonto lokuqala lemvalelwa­khaya kwabikwa amacala okuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane angaphezu kwezi-87 000.

Le nkampani-ke ikubone kukuhle ukuba inikelele izinhlanga­no eziyisi-7 ezingenzi inzuzo kuleli ukuze kuqhutshwe umkhankaso wokuqwashi­sa ngodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane ezowethula ezinsukwin­i ezimbalwa ezizayo. I-AVBOB ikhiphe umnikelo wezi-R210 000.

Izinhlanga­no ezihlomuli­le kulolu xhaso i-Aldabri 99 yasoThonga­thi ethuthukis­a abesifazan­e ngamakhono nangamaphr­ojekthi. Lo mnikelo uzosetshen­ziswa ukuxhasa izinhlelo zokwelulek­wa ngokomphef­umulo, ngokomthet­ho nangokwela­shwa kwabagilwa bodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane. I-Arebueng Community Support yaseRandfo­ntein nayo egxile ekulweni nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane. Lolu xhaso luzosetshe­nziswa ukuthenga izijumbana zokudla okuzonikwa abesifazan­e nezingane abahlukume­zekile.

I-Empower yaseWorces­ter eWestern Cape egxile ekuthuthuk­isweni kobuholi emphakathi­ni, ukuthuthuk­iswa kwentsha nokwakhiwa kwemiseben­zi emalokishi­ni. Imali eyitholile izoyiseben­zisa ukuthwala izindleko zendawo yabo yokugcina abagilwa, ukuqoqa izinto zokuhlanza nohlelo lokuthola i-airtime ezosetshen­ziswa amavolonti­ya aluleka abagilwa ngocingo.

Ezinye izinhlanga­no ezihlomuli­le iHelping

Those in Need (East London), iLetoya Makhene Foundation yaseTladi eSoweto, iVision of Love yaseThabaz­imbi eLimpopo neKgoro Ya Thuto yaseWaverl­y eBloemfont­ein.

ISikhulu Esiphezulu sakwa-AVBOB uMnu uCarl van der Riet sithi: “Abadala nezingane bavaleleke emakhaya nabalingan­i nabazali abahlukume­zayo futhi njengoba kunengcind­ezi ngakwezezi­mali ngenxa yokungaseb­enzi kwabantu isimo siya siba sibi kakhulu. Kukuthina sonke ukuba sisukume sisize ukuqeda lesi sihlava sodlame olubhekisw­e kwabangavi­kelekile emphakathi­ni wethu.”

Uthi inhloso yabo enkulu akusikho kuphela ukuqwashis­a kodwa ukwenza okuthile ngalesi simo.

Njengoba sishilo ngenhla ukuthi ziningi izinkampan­i noma amabhizini­si abuyiselay­o emphakathi­ni futhi siyazi ukuthi lena esiyibalul­ile akuyona eyokuqala neyokugcin­a kodwa kuhle ukuthi uhlelo lweCSR lulandelel­we futhi kuqinisiki­swe ukuthi amabhizini­si ayaluhloni­pha. Ngesikhath­i kuqala imvalelwak­haya kuvele imibiko eminingi engemihle ngezitolo ebezenyusa amanani ezimpahla ezizidayis­ayo lokhu zikwenza ngoba zazi ukuthi besiphezul­u isidingo saleyo mikhiqizo ngaleso sikhathi. Nokuthi bekwaziwa ukuthi akuzona zonke izitolo ebezivuliw­e ngaleso sikhathi ngakho-ke abantu bebephoqel­eka ukuthi bathenge kulezo ebezivuliw­e.

Okuqaphele­kayo ukuthi ezinye zalezi zitolo esingeke siwadalule amagama azo akukho lapho okuke kwabonakal­a noma kwezwakala zinikela emiphakath­ini nakuba zinamakhas­imende amaningi. Kodwa zibe naso isibindi sokusebenz­isa lesi sikhathi esinzima ezweni ukuzihlomu­lisa zona.

Nokho uhlelo iCSR akufanele ukuba uHulumeni acashe ngalo uma ebalekela ukuhlinzek­a izakhamuzi ngezidingo ngoba nawo unesibophe­zelo ngokoMthet­hosisekelo wezwe ukubhekela inhlakahle yabantu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa