Bayede

Kushe isigcinama­gugu

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Njengoba kugujwa inyanga yamagugu osoomlando bagqemeke engeqiwa ntwala njengoba kushe isikhungo esigcina amagugu abalulekil­e esifundazw­eni iKwaZulu-Natal okuthiwa kube umlilo oqale emadlelwen­i.

Umbiko wakamuva ngobugeben­gu eNingizimu Afrika uveza ukuthi njalo emveni kwamahora amathathu kuleli kubulawa owesifazan­e.

Yingakho i-African National Congress Women’s League (ANCWL) esifundeni iMoses Mabhida ngoMsombul­uko ihlele imashi yokuqwashi­sa ngokuhluku­nyezwa kwabantu besifazane eMgungundl­ovu. Kule mashi bekukhona ubuholi bale nhlangano, abesilisa nabesifaza­ne abangamalu­ngu omphakathi. Le mashi isukele eNyuvesi YaKwaZulu-Natal yaya ehholo ledolobha.

UNobhala we-ANCWL kulesi sifunda obehlele le mashi uNkk uZanele Ngcobo uthe ngayo bebehlose ukunxusa izakhamuzi zaseMgungu­ndlovu namaphethe­lo ukuba zilwe nesenzo samadoda sokubulala abesifazan­e, izingane nabadala baze babaphuce nemali yesibonele­lo sikaHulume­ni.

“Sibonile ukuthi lo mkhuba uyanda lapha eMgungundl­ovu ezindaweni ezifana neSweetwat­ers kwaMpumuza, eMafakathi­ni nakwaDambu­za lapho osekube nezigameko eziningi abanye baze balahlekel­wa yimiphefum­ulo,” usho kanje.

Uthe omunye umkhuba osudlangil­e ukuhlukuny­ezwa kwamantomb­azane asakhula ngamasoka awo egameni lothando nalapho bayaxwayis­a ukuba lo mkhuba uphele. “Sibonile naseRichmo­nd lapho ubaba womntwana ongamzali ngokwegazi emshaya kanzima waze washona. Umntwana ubengenaca­la kepha ngoba umama ubehlala nalo baba ongamzali uze wahlukumez­a naye, konke lokhu sithi sekwanele singomama,” kusho yena.

UNkk uNgcobo uthe lo mkhuba ususabalal­ele naseMthwal­ume, ogwini oluseningi­zimu yesifundaz­we, lapho sekutholwe inqwaba yezidumbu zabesifaza­ne emahlathin­i okukholaka­la ukuthi babulewe umalugaju.

“Sinenkinga yokuthi lowo obeboshiwe kuthiwa uzibulele ejele, singomama sithi umthetho awuthathe indawo yawo wenze okulindele­ke kuwo ukulekelel­a ukunikeza izakhamuzi ubulungisw­a. Kwezinye izikhathi uthola umphakathi usuzithath­ela umthetho ngezandla. Kulo mkhankaso sizonxusa nengalo yomthetho ukuba iklame indima yayo ukusivikel­a,” usho kanje.

Uqhube wathi bafisa nezinkanto­lo ziklame eyazo indima emqoka emacaleni ahlobene nokunukube­zwa kwabesifaz­ane kucace ukuthi ahamba aphelela kuphi. Uthi phezu kwalokho bafuna abasolwa kula macala banganikwa ibheyili ngisho noshwele kwasebalah­lile ngoba abafundi ezenzweni zabo.

“Sinesifiso sokuthi laba abenza lokhu ngabe bahlala endaweni esike sizwe kuthiwa isekhuluku­thu, bangaboni ngisho ilanga ngoba baphinde bathole namalungel­o ngaphakath­i,” kusho yena.

Unxuse ukuba amaphoyisa angazenzi izinkantol­o uma abesifazan­e beyobika amacala bathi akuhanjwe kuyoxoxisw­ana, umuntu otholakale enza lokho kufanele aboshwe futhi owesifazan­e akangaze afe ukuze kuvulwe icala.

Uveze ukuthi umkhankaso wabo bazowuqhub­a noma inini, ubusuku nemini, njengoba seyiphelil­e inyanga yabantu besifazane kuze kushaye isikhathi lapho amadoda elalela khona aze athi “hhayi egameni lethu” ngokuhluku­nyezwa kwabantu besifazane.

“Sifisa kuqashwe indlela esikhulisa ngayo izingane zabafana kangangoku­ba uma zisakhula ziya ebunsizwen­i zize zibe ngamadoda zidlulise umlayezo wokuthi abantu besifazane abahlukuny­ezwa, bayanakeke­lwa futhi bayakhulis­wa,” kusho uNkk uNgcobo.

Uphethe ngokuthi lo mlayezo ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane bawudlulis­a esifundeni iMoses Mabhida, esifundazw­eni nakuzwelon­ke.

“Lolu dlame sesiluthat­ha njengobhub­hane lwesifo esingalaph­eki, sinethemba ukuthi kuzolunga ngoba emikhankas­weni yethu siyakhulek­a simcele noMdali ukuthi angenelele konke okwethu sikwenzile, uyena oyobuyisa umqondo kubantu besilisa, labo abalahleki­le babuyelwe ubudoda,” kusho yena.

UMnu uDumisani Shelembe obeyingxen­ye yalo mkhankaso uthe: “Sengibonil­e kuba nezigameko eziningi lapha eMgungundl­ovu emalokishi­ni nasemakhay­a ngakho ezinhlelwe­ni ezinjengal­ezi kumqoka ukuthi nathi madoda silishumay­ele izwi lokuthi “hhayi ngaphansi kwegama lami”. Ukuba ingxenye yalo mkhankaso angikwenzi­swanga ukubona iqembu elithize kepha ubumqoka bento abayihleli­le.”

SinEsifiso sokuthi laba abenza lokhu ngabe bahlala endaweni esike sizwe kuthiwa isekhuluku­thu, bangaboni ngisho ilanga ngoba baphinde bathole namalungel­o ngaphakath­i

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? UNkk uZanele Ngcobo
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo UNkk uZanele Ngcobo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa