Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EzaseLibya: IRussia yandise ukwesekwa kwayo inkampani yezezimpi ezimele iWagner Group kuleli lizwe ngezindiza ezithile zempi ezingama-338 ezisuka eSyria ezinyangen­i eziyisisha­galolunye kuya enyangeni kaNtulikaz­i ukusiza abalwi beWagner esekela umkhuzi wempi wakuleli lizwe ozinze empumalang­a uMnu uKhalifa Haftar.

EzaseLibya: Inhloko kaHulumeni owamukelwe emhlabeni jikelele waleli lizwe imise uNgqongqos­he Wezangapha­kathi onamandla esikhundle­ni sakhe ngesonto eledlule, lapho ethe ukuphatha kwakhe imibhikish­o kanye nodlame obeludlang­ile ngesikhath­i kuzanywa ukulwisana nale mibhikisho. EzaseNingi­zimu Afrika: Leli lizwe ngomlomo kaNgqongqo­she Wezangapha­ndle selibike ukuthi likulungel­e ukusiza iMozambiqu­e enezinking­a zokwanda kokuvukelw­a kombuso, ngezinsiza zezobunhlo­li noma ezempi. Kodwa leli lizwe eliwumakhe­lwano kufanele kuqala kube yilo elilucelay­o lolo sizo.

EzaseSudan: UHulumeni owabelana amandla wakuleli lizwe usayine isivumelwa­no sokuthula namaqembu abalwi kuleli sonto okube yisinyathe­lo esihle ekuzameni ukuxazulul­a izingxaban­o ezijulile ezaqala embusweni omdala waleli zwe owawuholwa nguMnu u-Omar alBashir.

EzaseKenya: UMengameli wakuleli lizwe uMnu u-Uhuru Kenyatta useyale ukuba kube nophenyo mayelana nezinsolo zokwebiwa kwemali eyayibekel­we ukuhlinzek­ela impi eyayibheki­swe kukhuvethe.

EzaseTanza­nia: Ibhodi lezokhetho laleli lizwe seliveze ukuthi okhethweni oluzayo uMengameli uJohn Magufuli uzobhekana nabaphikis­i abali-14 okhethweni oluhlelelw­e inyanga kaMfumfu. Abahlaziyi kuleli zwe bona bathi ukuphikisa­na kanye nokuhlukan­a kwamaqembu aphikisayo kuzochaza ukuthi uMengameli unethuba elikhulu lokunqoba ihlandla lesibili okhethweni.

EzaseMali: Izingxoxo phakathi kwabalamul­i baseNtshon­alanga Afrika kanye nabaholi bezombutho kuleli zwe ziphele ngemuva kwezinsuku ezintathu lapho isinqumo ngokwakhiw­a kukaHulume­ni wesikhasha­na noma wenguquko singathath­wanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa