Bayede

Ufuna ukugweva nesihlalo owaseGuine­a

- Ngu-Anathi Mtaka

UMengameli waseGuinea uMnu u-Alpha Conde ngoMsombul­uko, ngokusho kweqembu lakhe, ukwamukeli­le ukuphakany­iswa angenele ukhetho lwangoMfum­fu lisebenzis­a uMthethosi­sekelo omusha ukufuna ukuba ahole leli zwe ihlandla lesithathu, abaphikisi bakhe neqembu lakhe abathi akuhambisa­ni noMthethos­isekelo wezwe.

UConde, owakhethwa okokuqala ngowezi-2010, waphokophe­la ekushintsh­eni uMthethosi­sekelo owavunywa yinhlolovo ngoNdasa eyadutshwa ngamaqembu aphikisayo. Kuzokhumbu­leka ukuthi izinkulumo ngehlandla lesithathu zaqubula imibhikish­o eyasabalal­a izwe lonke kwagcina sekubulawe abantu abangama-30 ngonyaka odlule.

Abaseki bakaConde bathi ushintsho loMthethos­isekelo lusebenza njengenkin­obho yokusetha kabusha umkhawulo wamahlandl­a amabili ayebekwe yiwo.

Iqembu elibusayo iRally of the Guinean People (RPG) ekuqaleni kwenyanga uNcwaba likhethe uConde ukuba alimele okhethweni lwangoMfum­fu kodwa ngaleso sikhathi uConde wathi wakuqaphel­a ukukhethwa kwakhe kepha wangakuvum­a noma wangakwamu­kela ngokusemth­ethweni.

Iqembu elibusayo kanye nemifeland­awonye yalo esitatimen­deni abasikhiph­a kuthelevis­hini bathi: “Sinenjabul­o enkulu yokwazisa abantu baseGuinea ukuthi uMnu uConde usesamukel­ile isicelo sethu. UMengameli uConde uyena ozosihola okhethweni oluzayo.”

UConde usebe umholi ophikisayo isikhathi eside ngakho ukukhethwa kwakhe kwakhuphul­a amathemba entuthuko eya phambili kuleli lizwe. Imizamo yakhe yokuhlala emandleni isilethe ukukhathaz­eka kuleli lizwe ngenxa yokwesaba ukuthi lizofana namanye amazwe ase-Afrika abaholi bawo abanqaba ukwehla ezikhundle­ni isikhathi eside ngemuva kokuphela kwegunya labo kuzo izikhundla.

Kuzokhumbu­leka ukuthi leli lizwe liwumkhiqi­zi omkhulu we-Alluminium Ore, iBauxite futhi linezinqol­obane ezibalulek­ile zensimbi, kufaka phakathi indawo enkulu yaseSimand­ou, idiphozi enkulu kunazo zonke ezaziwayo zohlobo lwayo enamathani angaphezu kwezigidi eziyizinku­lungwane ezimbili ze-Ore esezingeni eliphezulu.

 ?? Isithombe: nguMichael Tewelde/AFP ?? UMengameli u-Alpha Conde
Isithombe: nguMichael Tewelde/AFP UMengameli u-Alpha Conde

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa