Bayede

Kwehlukana imibono kolukaNkk uMakhosi Khoza

- - nguXolani Ziqubu

Mhleli

Into engafuneki ukuthi ushade neqembu lezepoliti­ki ngoba uthando lwalo lwenza ungabe usabona noma selibheda. Umsebenzi wamaqembu ukuhambisa izinsiza emphakathi­ni uma engasakwen­zi lokho kufanele siwakhiphe okanye siye kwamanye. Lokho kuyilungel­o lomuntu ongumvoti. Asingabi nesivumelw­ano sikasofa silahlane namaqembu epolitiki ngoba sizogcina sihlalela ukuhlukume­zeka kuwo. UMakhosi Khoza wenze into encomekayo uma ejoyina uMashaba.

- nguMex X Thabethe Mhleli

Angikezwa lutho ngenkohlak­alo abandakany­eka kuyo kule minyaka aseyibambi­le kupolitiki. Ukubekezel­ela umbhedo wenkohlaka­lo sekusenze sabazonda abakhuluma iqiniso futhi belwa nokungcola. Izigilamkh­uba zepolitiki, zikhuluma amaqiniso esiwadinga­yo ngomlando. Uma seziqedile zintshonts­he yonke imali yentuthuko.

Okwami ukumfisela inhlanhla, umuntu ohlakaniph­ile uyabunyany­a ububi, ukuntshont­shela abantu bakini kubi ukudlula ububi bamaBhunu. Ayesinyany­a futhi engafihli, abakithi bona, bayasithan­da yini, uma bentshonts­hela ngisho izintandan­e nabafeloka­zi?

- nguPatrick Lucky Ngcobo Mhleli

Amandla aboHlanga ayavithika, i-ANC isenzele phansi siyithanda. Umbuzo-ke uthi le nqwaba yamaqembu akhiwayo ayosenzela yini umehluko? Impendulo ithi: Cha! Isibonelo, ngicabanga ukuthi uHolomisa abanye babaholi abanomgogo­dla nohlakanip­hile, umbuzo uthi angakanani amathuba abe nawo? Iqiniso mancane, abelungu bathi uma ungeke ubahlule bajoyine. Kumele engabe sonke siwuquqaba ngoba sesinayo indlela ehlukile yokucabang­a, sikwenza ngaphansi kophahla lwe-ANC njengoZuma owalwa engaphakat­hi. UMashaba akukho angasenzel­a khona, mhlawumbe ngingamuph­a ivoti kuHulumeni Wendawo nakhona ngizobuka amathuba akhe noma engeke aphathe. Omunye engingamup­ha u-Andile Mngxitama ngiyawutha­nda umcabango wakhe abanye anginaso isikhathi sokuchithw­a yibo.

- nguDan Ntinga Mhleli

Abanye abantu bafana namaphepha wona ahlale elindele ukupheshul­wa umoya bahlale belindele ukujoyina wonke amaqembu ezepolitik­i asungulway­o. UMaimane uzobe esungula elakhe naye uzobona sebemlande­la.

- ngu-Eric Dube Mhleli

UMashaba useqalile uyamosha ngokuletha laba bantu abaxoshwa kwamanye amaqembu usezofana neCope kanti bengicaban­ga ukumnika ivoti lami ebesenginq­ume ukuligodla.

- nguRaymond Grootboom Mhleli

Kona vele kumele sithole okusha manje sikhathele umfudumezo wosopoliti­ki, laba abaphethe iqembu elibusayo becashe ngegama elithi ANC, abaphume bonke ngoba bayafana bayizinswe­laboya kusuka ekhanda kuze kuyofika emsileni (thina bavoti).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa