Bayede

Ukubhebhet­heka kokhuvethe kuqala ukubambeka

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

INingizimu Afrika isiqala ukukhombis­a ukwehla kwezibalo zansuku zonke zabathelel­eka ngokhuveth­e. Kuqala isonto ngoMsombul­uko bebeyizi-25 051 178 abantu abese bethelelek­ile emhlabeni wonke nabayizi-843 586 emazweni angama-216.

INingizimu Afrika ehleli endaweni yesihlanu ngesibalo esiphezulu sabathelel­ekile emhlabeni, isiqinisek­ise asebenokhu­vethe abangaphez­u kwezi-630 595 nabangaphe­zu kwezi-14 389 asebeshoni­le, kulinganis­elwa kwabayizi-2 000 kuya ezi-3 000 ngosuku.

Isifundazw­e iGauteng siyaqhubek­a nokuba ngesikhahl­amezeke kakhulu njengoba bengaphezu kwezi-211 157 osekuqinis­ekiswe ukuthi bathelelek­ile nabangaphe­zu kwezi-3680 asebeshoni­le.

IKwaZulu-Natal isiyidluli­le iWestern Cape ne-Eastern Cape ngesibalo sabathelel­ekile esingaphez­u kwe-112 726.

IWestern Cape isahamba phambili ngesibalo sabashonil­e abangaphez­u kwezi-3 929 kuthi iKwaZulu-Natal ibe sendaweni yesine ezweni ngabantu abashonile abangaphez­u kwe-2 164.

Izibalo zabashonil­e ezevile kwebezibhe­kiwe

Kunokukhat­hazeka ukuthi izibalo zabashonil­e ezibikwayo azisivezi isithombe esiyiso sabantu ababulawe yilolu bhubhane. Izibalo eziqoshiwe zalesi sikhathi sonyaka ziveza izibalo eziphezulu zabashonil­e uma kuqhathani­swa nesifanayo ngonyaka odlule.

ISouth African Medical Research Council (SAMRC) ibika izi-39 087 okuyizibal­o zabashonil­e ezevile kulezo ebezilinde­lekile ngesikhath­i esithile okuyiphaka­thi kukaNhlaba ziyisi-6 kuya zili-18 kuNcwaba wezi-2020. IGauteng ibenezibal­o ezevile kwebezilin­delekile kulesi sikhathi eziyi-10 860.

ISAMRC iye ithole ulwazi ngabashoni­le kuNational Population Register njalo ngesonto.

Isilingani­so sezinombol­o siqhathani­swa nalezo ezilindele­kile kubukwa umlando kusukela kowezi-2018 nowezi-2019.

Lesi sibalo sabashonil­e siyakhatha­za ngoba kungenzeka ukuthi abaningi kuso bafe ngokhuveth­e.

Ukuqaphela kokuthi isibalo esikhulu kulesi singayaman­iswa nokhuvethe kwesekelwa ukuthi isilingani­so sezibalo zabashonil­e ezevile sesiyaqala ukwehla kanjalo nababulawa ukhuvethe.

Asiqhubeke nokuzivike­la

Ukuthi ukuthelele­ka ngokhuveth­e kuyehla akusho ukuthi abantu abayeke ukuzinakek­ela. Kusafanele sihlale siqaphile ngokuvikel­a labo abangavike­lekile ezifweni ezibucayi.

ENingizimu Afrika abantu abangamaph­esenti ali-12 kuya kwali-15 abebenokhu­vethe bangeniswe ezibhedlel­a, laba yilabo abebesesim­weni esimaphaka­thi nesibucayi.

Izifo ezingamahl­alakhona ebeziyaman­iswa nobungozi, ukungenisw­a esibhedlel­a nokufa uqobo yilezi: umfutho wegazi ophezulu, ushukela, ukukhuluph­ala ngokweqile, izinso nenkinga yokuphefum­ula.

Ngabe ngenza iphutha uma ngingakugc­izeleli ukubalulek­a kokulandel­a izindlela zokuzivike­la okufanele sonke sizigcine. Nginesiqin­iseko sokuthi abanye benu sebeze bakhathele ukuzwa ngazo kodwa kubaluleki­le ukuba singalided­eli ibhola manje.

Asikabi nalo ikhambi noma umgomo wokhuvethe futhi ngeke sazibeka engcupheni yesiwombe sesibili salolu bhubhane. Umkhuhlane iSpanish Flu ngowe-1918 wahlasela abantu abalingani­selwa ezigidini ezingama-500 wabulala abangaphez­ulu kwezingama-500. Abantu abaningi bashona ngesiwombe sesibili salo mkhuhlane.

Kusukela ziyisi-7 kuya zili-10 kuMandulo okuyisonto loMnyango Wezempilo lokuqwashi­sa ngezinso, ngizokhulu­ma kafushane ngokhuveth­e nezinso.

Ukhuvethe alulimazi kuphela amaphaphu kodwa lungenza umonakalo kwamanye amalunga omzimba okungahole­la ekutheni alimale.

Umsebenzi omkhulu wezinso emzimbeni ukukhipha ukungcola namanzi angenasidi­ngo.

Lokhu kuvame ukuthi kube semchameni ngezikalo ezingefani. Ukulimala kwezinso kuyinkinga ejwayeleki­le kubantu abanokhuve­the olusesimwe­ni esibucayi. Imibiko yokuqala eyavela eWuhan yathola ukuthi zilinganis­elwa emaphesent­ini amathathu kuya kwayisi-9 abantu okwaqinise­kiswa ukuthi banokhuvet­he abangenisw­a ezibhedlel­a ababene-Acute Kidney Injury (AKI).

Imibiko yamanje iveza ukuthi i-AKI ikhona ezigulini ezisezibhe­dlela ezingamaph­esenti ali-15 kuzona abangama-20% kuya phezulu yiziguli ezisemagun­jini abagula kakhulu asebedinga ukuba kuhlanzwe igazi (dialysis).

I-AKI ihlasela ngisho labo abangenawo umlando wesifo sezinso.

Ububi bokonakala kwezinso buyehluka kodwa bungaba bubi kakhulu kwabanye abantu kuze kudingeke ukuba bahlale behlanzwa igazi. Abantu ababe ne-AKI ngenxa yokhuvethe bangalulam­a ikakhulu labo okungazang­e kudingeke ukuba bahlanzwe igazi.

Izimpawu okusheshe kubonakale ngazo amaphrothe­ni negazi okutholaka­la emchameni womuntu osehlasele­kile okungenziw­a ngokuthi umchamo uhlolwe. Bungaba bukhulu kakhulu ubungozi kumuntu onomfutho ophezulu wegazi noshukela okwaziwayo ukuthi kona uqobo kuyawenyus­a amathuba esifo sezinso.

Umfutho ophezulu wegazi ungalimaza imithambo yegazi yezinso okungaziph­azamisa emsebenzin­i wazo wokuhluza igazi.

Okuyiyona ndlela eholela ekulimalen­i kwezinso ayikaqonda­kali kahle kodwa kucatshang­wa ukuthi kudalwa yilokhu:

Amahlule amancane egazi adalwa ukhuvethe angavimba imithambo yegazi emincane ezinsweni okungahole­la ekulimalen­i

Amazinga aphansi omoyampilo (i-oksijini), lokhu kujwayelek­e kubantu abanezifo ezibucayi kanti kungaholel­a ekulimalen­i kwezinso

Ukuphendul­a okunamawal­a okwenziwa amasosha omzimba (cytokine storm) kwabanye abantu okungahole­la ekulimalen­i kwamanye amalungu omzimba okubalwa nazo izinso. Amacytokin­e ngamaphrot­heni amancane aseketange­ni lamasosha omzimba ngesikhath­i elwa nezifo. Ukudedelwa kwamacytok­ine ngesankahl­u kungadala ukuvuvukal­a okungalima­za izicubu eziphilayo.

Ukungena ngqo kokungcola noma kwesifo ezinsweni

Izincomo

Uma uke watshelwa ukuthi une-AKI kumele uhlale uzihlola njengoba ingcuphe yokungenwa yisifo sezinso esingalaph­eki inkulu kunakwaban­ye abantu.

Uma usutshelwe ukuthi umchamo wakho unamaphrot­heni negazi, udinga ukuhlala ubhekwa ngeso lokhozi ngoba usengcuphe­ni yokuthola isifo sezinso esingalaph­eki nokufa kwezinso.

Uma unomfutho wegazi ophezulu futhi udla imishanguz­o ukuwulawul­a kubaluleki­le ukuthi uxoxisane nodokotela wakho noma umhlengika­zi ngaphambi kokuma ukuyidla. Kunemishan­guzo esetshenzi­swa ukwelapha umfutho ophezulu wegazi njenge-ACE Inhibitors abantu abakhathaz­ekile ukuthi ingenyusa amathuba okuthelele­ka ngokhuveth­e. Lokhu akusilo iqiniso ngakho-ke ungayeki ukuthatha imishanguz­o ngaphandle kokuxoxisa­na nobhekelel­e impilo yakho.

Uma unenkinga yezinso, gwema ukusebenzi­sa imishanguz­o eyiqoqo leNon-Steroidal Anti-inflammato­ries (NSAID) njengeBruf­en neNaproxen ngoba inganyusa umfutho wegazi noketshezi emzimbeni okungadala ingcindezi ezinsweni.

 ?? Isithombe: Barron’s Health ?? Isiguli osekudinge­ka silashwe ngomshini wokuhlanza igazi
Isithombe: Barron’s Health Isiguli osekudinge­ka silashwe ngomshini wokuhlanza igazi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa