Bayede

Akhonjwe kuZibandle­la akaNxamala­la nokaKaMajo­la

- NguCelani Sikhakhane

Leli sonto eligoqwayo lithele ngehlazo iNational Prosecutio­n Authority (NPA) ngemuva kokuthi amacala abhekwe ngabovu okungelalo­wo owayenguMe­ngameli wezwe, uMnu uJacob Zuma nowayeyiMe­ya yeTheku, uNkk uZandile kaMajola Gumede, ehlehlisiw­e ngoba lolu hlaka lungakulun­gele ukubhekana nalaba baholi enkantolo.

Izolo iNkantolo Yemantshi yaseThekwi­ni inqume ukuba ilihlehlis­ele uZibandlel­a zili-10 kowezi-2020 icala le nkohlakalo elibhekene noZandile Gumede kanye nasolwa nabo abali-16 enkohlakal­weni yezigidi ezibalelwa kwezingama-R400.

Izolo uMbuso ucele ukuba leli cala lihlehlisw­e ngoba kusamele kuphothulw­e uphenyo olubucayi oluyosiza ekutheni ibenecala eliqinile ngoKaMajol­a.

Lesi sinqumo sinikeze uKaMajola nabeseki bakhe ithuba lokugadla kuNPA beyisola ngokuthi ukuboshwa kwakhe kwakungafa­nele kwenzeke ekubeni uphenyo lungakapho­thulwa.

UMshushisi u-Ashika Lucken uthe umbiko wophenyo olubucayi waseThekwi­ni ukhomba ukuthi kukhona okungazang­e kuhambe kahle noma okuyizenzo zokungapha­thi kahle okwenzeka ngesikhath­i uKaMajola eseyiMeya eThekwini.

Kuleli cala uMbuso uhlela ukuba uzenzele wona uphenyo lwawo kulezi zinyanga ezintathu.

Ngakolunye uhlangothi uNxamalala naye elakhe icala le nkohlakalo yokuthengw­a kwezikhali lihlehlise­lwe umhla ziyisi-8 kuZibandle­la nonyaka.

Kuleli cala likaNxamal­ala iNPA ibeke isizathu sokuthi yenzela ukuba nesikhathi esanele ukubhekana naye enkantolo.

UNatasha Kara weNPA KwaZulu-Natal uthe kube isinqumo lesi abasithath­e ngokuvumel­ana nazo zonke izinhlango­thi.

Phakathi wezinye izizathu kube wukuthi inkampani yaseFrance nayo ethintekay­o kuleli cala okuyiThale­s ibinemiban­dela ebithinta ukuphuma nokungena emazweni njengoba kusenemith­etho yokhuvethe esavimba ukuphuma nokungena ezweni.

Lesi sinqumo sidale ukuba iJacob Zuma Foundation ikhiphe isitatimen­de ebigadla kuso lapho ithe kubukeka sengathi iNPA ayazi ukuthi ifuna ukwenzani ngoba ekuqaleni yiyo ebihlale isola uNxamalala ngokuthi udonsa izinyawo ngamabomu ukuze kuhlehle icala.

“Sekukaning­i abezindaba neNPA besola uZuma ngokuthi wenza konke okusemandl­eni ukubambeze­la leli cala kodwa namhlanje yiyo iNPA esiqhamuka nezizathu ezingazwak­ali zokubambez­ela leli cala.”

 ?? Isithombe: nguDarren Stewart ?? UNkk uZandile Gumede
Isithombe: nguDarren Stewart UNkk uZandile Gumede
 ?? Isithombe: The South African ?? UMnu uJacob Zuma
Isithombe: The South African UMnu uJacob Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa