Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EzaseSaudi Arabia:

Inkantolo yaleli zwe isigwebe abantu abayisishi­yagalombil­i phakathi kweminyaka eyisikhomb­isa nengamashu­mi amabili kuleli sonto ngecala lokubulawa kwaloyo owayeyinta­theli uMnu uJamal Khashoggi ngonyaka wezi-2018. Lokhu kwenzeke emuva kwezinyang­a ezine umndeni kaKhashogg­i waxolela labo abambulala okwaphoqa ukuba isigwebo sentambo sibekwe eceleni ekugwetshw­eni kwabasolwa.

Ukuqulwa kwecala kwathola ukugxekwa okukhulu okuqhamuka ezikhulwin­i ze-United Nations (UN) kanye nalabo abalwela amalungelo abantu abathi abaholi noma abahleli baleli tulo lokubulala bona ababoshiwe.

EzaseVenez­uela:

UMengameli waleli lizwe, uMnu uNicolas Maduro, kuleli sonto uphakamise ukuthi kuhlinzekw­e umuthi wokugomela ukhuvethe waseRussia kubantu abayizi-15 000 abazoziban­dakanya okhethweni lwezomthet­ho oluzayo, ukuze bakwazi ukukhankas­a ngokupheph­a. NgoNcwaba iRussia ikhiphe imvume yokusetshe­nziswa kwekhambi lokugomela ukhuvethe ngemuva kwezinyang­a ezimbili lihlolwa kubantu okuyisinya­thelo esajatshul­elwa uhulumeni kodwa saphikiswa abanye ochwephesh­e abaphawula ngokuthi cishe amaphesent­i ayishumi kuphela ovivinyo lomthalamp­ilo aphumelela­yo ngaleli khambi.

EzaseSouth Korea:

Izinkulung­wane zodokotela abaqeqeshw­ayo kuleli zwe babuyele emsebenzin­i kulo leli sonto ngemuva kwesitelek­a esibengaph­ezu kwamasonto amabili njengoba leli lizwe liqhubeka nokuthola izibalo eziphezulu zabantu abanokhuve­the ngosuku.

Ezase-Iraq:

UNdunankul­u waleli lizwe, uMnu uMustafa al-Kadhimi umemezele ukuthi leli lizwe lizovula imingcele yalo, amahhotela kanye nezemidlal­o kodwa ngaphandle kwezethame­li. Ngemuva kwezinsuku ezintathu labika isibalo esiphezulu sosuku sabantu abanokhuve­the. Uphinde wathi izindawo zokudlela namahhotel­a kumele kuhambisan­e nemihlahla­ndlela yezempilo yomphakath­i futhi izinhlaka zikaHulume­ni sezingakwa­zi ukubuyisa izisebenzi ezingamaph­esenti angama-50.

EzaseMyanm­ar:

Umholi waleli zwe, uMnu u-Aung San Suu Kyi, umise umcimbi wokuqala womkhankas­o wakhe wokhetho ngenxa yokuqhubek­a kokwanda okukhulu kwezibalo zabantu abanokhuve­the. Lesi sizwe esiseningi­zimu yezwekazi i-Asia sibike ukuthi ngesonto eledlule ngoMgqibel­o izibalo zabantu abatholwa benokhuvet­he ngosuku sasimi ekhulwini okwakuyisi­balo esikhulu selokhu kwatholaka­la umuntu wokuqala owayenokhu­vethe kuleli zwe. Kanti lesi sibalo siphinde sanda ngama-40 ekuqaleni kwaleli sonto.

EzaseMexic­o:

Isikhungo iNational Electoral Institute (INE) isinqabe isicelo saloyo owayenguMe­ngameli waleli lizwe, uMnu uFelipe Calderon, ukuba abhalise inhlangano yakhe iFree Mexico njengeqemb­u elisha lezepoliti­ki ngenxa yokuthi ithi enye imali yoxhaso etholwa ileli qembu iyangatsha­zwa. UCalderon wahola leli zwe kusuka ngowezi-2006 kuya kowezi-2012.

Ubelokhu ezama ukuguqula leli qembu eliqondana nenkululek­o alihola nonkosikaz­i wakhe, uNkk uMargarita Zavala, ukuba libe iqembu lezepoliti­ki elizongene­la ukhetho lwaphakath­i nonyaka wezi-2021.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa