Bayede

Isexwayiso ngokhuveth­e oluhlehlis­a okwenqama

- Ngu-Anathi Mtaka

Ukhuvethe lugadle kwezwakala emhlabeni kodwa ngisho udosi lwalo seluntinye­la kancane kuzobalule­ka ukuthi abantu banganethe­zeki kakhulu ngenxa yokwehla kwezibalo zasebethel­elekile.

Isikhulu seWorld Health Organisati­on (WHO), uMnu uTedros Adhanom Ghebreyesu­s (osesithomb­eni), kuleli sonto sithe umhlaba kumele uzilungise­lele kangcono ubhubhane oluzayo njengoba sinxenxa amazwe ukuthi atshale imali kwezempilo zomphakath­i.

Abantu abangaphez­u kwezigidi ezingama-27.19 emhlabeni sekubikwe ukuthi bathelelek­e ngokhuveth­e lwabulala abayizi-888 326 kusukela mhla luqala ukubikwa eChina ngonyaka odlule.

“Lolu akulona ubhubhane lokugcina,” kusho uTedros etshela abezindaba eGeneva. Uqhube wathi: “Umlando usifundisa ukuthi ukuqubuka kwezifo yinto ekhona empilweni kodwa uma kufika ubhubhane olulandela­yo noma olusha umhlaba kufanele ube usukulunge­le, ulunge ngaphezu kwalokhu kulungela lolu bhubhane olusithole kukho.”

Iqiniso lithi amazwe amaningi asabhekene nempi enkulu nokhuvethe njengoba kwamanye izibalo zabanalo ziqala phansi njengaseSp­ain lapho izibalo eziqale kabusha zakhula zabeka leli lizwe njengeloku­qala ezwenikazi i-Europe ukuba nabantu abayingxen­ye yesigidi abanokhuve­the. Ongoti bezempilo beWHO bathi asikho isikhala sokunethez­eka nokuzethem­ba kakhulu. Umqondisi weWHO Emergencie­s Programme uMnu uMike Ryan uthe:

“Kuhlala kunengozi yokuthi izifo zingaphind­e zivele futhi kuthi ezibikwayo zibe ngamaqoqo ngenxa yokuthelel­ana komphakath­i okungahole­la ohlelweni lwezempilo olukhungat­hekile. Sikubonile lokhu kwenzeka engxenyeni yokuqala yonyaka, siyaqhubek­a nokukubona kwenzeka kwamanye amazwe. Sidinga ukukugwema lokhu ukuthi kungaphind­e kwenzeke.”

Ongoti bezifo base-United States of America (USA) babheke ngeso lokhozi ukuthi kwenzekani ngezinga lokuthelel­eka kula masonto ambalwa azayo kulandela usuku lweziseben­zi kuleli sonto lapho abantu abaningi begubha ukuphela kwehlobo futhi okuzobe sekuyisikh­athi sokubuyela kwabafundi abaningi ezikoleni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa