Bayede

Ziyaqina izinhlaka zokukhanka­sela ukhetho e-USA

- Ngu-Anathi Mtaka

UMengameli wase-United States of America (USA), uMnu uDonald Trump, usememezel­e ukuthi uzimisele ukusebenzi­sa noma yini edingekayo ngemali yakhe ukukhokhel­a umkhankaso wakhe wokufuna isikhundla sobuMengam­eli kowezi-2020 lapho ezobe ephikisana nomholi weqembu lamaDemocr­ats uMnu uJoe Biden (osesithomb­eni).

UTrump ongumholi wamaRepubl­icans olandela uBiden ngokuthand­wa kakhulu ocwaningwe­ni olwenziwe ngaphambi kokhetho lwangoLwez­i mhla zintathu, utshele izintathel­i ukuthi lo mkhankaso imali oyidingayo nosuyisebe­nzisile isiphindek­e kabili uma kungekho kathathu kuleyo eyasetshen­ziswa emkhankasw­eni wangowezi-2016 kodwa ukuqinisek­isile ukuthi uma kudingeka uzosebenzi­sa eyakhe imali.

“Uma kufanele ngizokwenz­a,” kusho uTrump.

Eqhubeka echaza uTrump uthe: “Sizokwenza noma yini edingekayo. Kufanele sinqobile. Lolu khetho yilona olubalulek­e kakhulu emlandweni wezwe lethu.”

Umphathi womkhankas­o kaTrump, uMnu uBill Stepien, othathe izintambo kuMnu uBrad Parscale maphakathi noNtulikaz­i, utshele abezindaba ukuthi manje sekuyilaph­o asebebheki­sisa kahle isabelomal­i. UStepien uthe umkhankaso lona uzoba nezinsizak­usebenza eziningi ezizosetsh­enziswa kunalokho okwasetshe­nziswa ekunqobeni ukhetho lwangowezi-2016 futhi uphinde wathi “sikhululek­ile futhi siyazethem­ba” ngendlela abasebenzi­sa ngayo imali kulo mkhankaso.

Okubonakal­ayo njengamanj­e ukuthi uTrump ungaphansi kwengcinde­zi enkulu ngendlela aphathe ngayo udaba lokhuvethe futhi abalandeli abaningi bamaRepubl­icans basebeqale nokugxeka uParscale ngokuseben­zisa imali eningi ngaphambil­ini kulo mkhankaso kodwa uTrump waphinde wamvikela ngokuthi athi ngenxa yokhuvethe umkhankaso wakhe waphoqeka ukuba usebenzise imali eningi ukuze ulwe nalokho ayethi ukuvezwa kwezindaba ezingezinh­le.

“Senze futhi sisenza umsebenzi omuhle kakhulu futhi sinemali eningi esele engaphezu kwaleyo yangowezi-2016.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa