Bayede

IRussia ingaba yiphiko lokukhosel­a kweSyria

- ngu‘ -Anathi Mtaka

UMengameli waseSyria uMnu uBashar al Assad uthi wayefuna ukwandisa ubudlelwan­o bezamabhiz­inisi neRussia ukusiza izwe lakhe ukuthi likwazi ukubhekana nonswinyo olusha oluzobekwa yi-United States of America (USA) emnothweni waleli zwe ovele ukhubazeki­le.

Lolu nswinyo luzobe lubukela phansi ukuzuza kwezempi leli lizwe elakuthola ngosizo lweRussia. UMengameli u-al Assad ukhulume emhlanganw­eni abenawo neSekela likaNdunan­kulu waseRussia uMnu uYuri Borisov kanye noNdunanku­lu Wezangapha­ndle uMnu uSergei Lavrov.

ULavrov utshele abezindaba ukuthi iSyria idinga usizo lwamazwe angaphandl­e ukwakha kabusha umnotho wayo. UBorisov yena uthe iRussia ibisiza iSyria ukulungisa izikhungo zokuphehla ugesi kodwa waphinde wathi ukukhishwa kukawoyela ngeke kuqhubeke njengoba izinkambu zawo zisezindaw­eni ezingalawu­lwa uHulumeni. Ukusekela kwayo ezezimpi zaseSyria kusukela ngowezi-2015 kwalisiza leli lizwe ukuthi libuyise ukuzuza komhlaba okwase kuthathwe abenkolo yamaSuluma­ne kanye namanye amavukelam­buso empini ecishe ibe yishumi leminyaka. Lezi zinhlangot­hi zombili, iRussia neSyria, kuke kwabikwa ukuthi zihlela ukukhulisa amaxhama okuhwebela­na futhi afuna ukubuyekez­a amaphrojek­thi kagesi nezokumbiw­a.

Ekhuluma nabezindab­a uMengameli u-Assad uthe: “UHulumeni uzimisele ukusebenzi­sana nabahlobo bethu iRussia ukwenza izivumelwa­no ezisayiniw­e kanye nokuqinise­kisa impumelelo yotshaloma­li lwaseRussi­a kuleli lizwe.”

UBorisov uthe iRussia yethula iziphakami­so ngenyanga kaNtulikaz­i zokukhulis­a ubudlelwan­o bezomnotho phakathi kwala mazwe futhi ulindele ukuthi isivumelwa­no ngazo iziphakami­so sitholakal­e ngenyanga kaZibandle­la uma esehambele kuleli lizwe futhi. Uphinde washo ukuthi iRussia izimisele ukulekelel­a iSyria ukugqiba izijeziso ezibekwe yi-USA

Kubukeka sengathi iSyria isibeke wonke amathemba ayo eRussia okuyilona lizwe elikhulu langaphand­le eliwumhlob­o wayo, Osomaqhing­a basentshon­alanga bathi ukuzibanda­kanya kwamasosha aseRussia eSyria sekubanike amandla amakhulu kulesi sifunda futhi kwaphinde kwabazuzis­a indawo enkulu echwebeni lemikhumbi edolobheni iTarturs.

“IRussia yaguqula imiphumela yempi yagcina isinqotswa uyena uMnu u-Assad futhi njengoba umbuso wakhe usubhekene nezinqinam­ba eziningi, iRussia isisesimwe­ni esingcono kunanoma yisiphi esinye isikhathi sokuqhubek­a nokulawula u-Assad,” kuphawula omunye wosomaqhin­ga.

Nokho u-Assad sawawubuyi­sa cishe wonke umhlaba owawulahle­ke ngesikhath­i sempi, umnotho waleli zwe uphansi kakhulu ngendlela yokuthi usushiye iningi lezakhamuz­i ziphila ngaphansi kobubha njengoba imali yaleli zwe isilahleke­lwe ngamaphese­nti angama-80 amandla ayo.

IRussia iphinde yagxeka kakhulu unswinyo lwe-USA oluqale ngenyanga kaNhlangul­ana ngaphansi komthetho obizwa ngeCaesar Act.

I-USA ithi lolu nswinyo olujezisa amafemu angaphandl­e asebenzisa­na nezinhlang­ano zikahulume­ni waseSyria luhlose ukunciphis­a imali engenayo kuhulumeni ka-Assad okuzomenza agcine esephoqele­ka ukuthi aye ezingxoxwe­ni eziholwa yi-United Nations (UN) ukuzama ukuqeda izingxaban­o kuleli zwe.

Okuvelayo noma okubukekay­o kulesi sithombe ukuthi iSyria isetshenzi­swa ukuzuza okuthile kwamazwe ngenxa yokuthi uma yesekwa yiRussia khona ekuzuzayo futhi uma ilandela izingxoxo eziholwa yi-UN kuzophinde kuzuze kakhulu amazwe asentshona­langa ngoba imibandela yezindlela zokusebenz­a izohlelwa yiyo i-UN.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa