Bayede

Izikhalo kunyuka imali yokuthutha abafundi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Njengoba abantu abaningi besathwali­swe kanzima ukuhlasela kokhuvethe olukhahlam­eze inqwaba abanye baphelelwa ngisho yimisebenz­i, kwabanye usizi lufikele kolunye njengoba abanikazi bezimoto ezithutha izingane zesikole eMgungundl­ovu benyuse amanani okuzithwal­a ngendlela ethusayo.

Laba ababizwa ngoMalume, eMgungundl­ovu banqume ukunyusa imali ekuqaleni kukaNcwaba isuka kuma-R650 yaya ku-R1100 ukusuka ezindaweni zakobantu nasemaloki­shini ukuya eNorthdale. Eyezingane ezifunda ngasemakha­ya ikhuphuke ngama-R50. La manani akhomba ukuthi imali yokuthutha abafundi basezikole­ni eziseNorth­dale ikhuphuke ngamaphese­nti angama-69.3.

IBAYEDE ilandele lolu daba emva kokuzwa abazali abaningi bekhononda ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokunyuka kwemali ekhokhelwa oMalume.

Leli phephandab­a lixoxisane noSihlalo weMgungund­lovu Region Scholar Transport ewuphiko lweSANTACO kanti esifundazw­eni onguMxhuma­nisi, uMnu uPhendulan­i Ndlovu, ukuba achaze ngembangel­a yokwenyuka kwemali ngalolu hlobo eMgungundl­ovu.

Engxoxweni kuhlale obala ukuthi lokhu akwenzekan­ga ngephutha futhi abazisoli ngakho.

Uthe: “Imali siyenyusil­e, uzokhumbul­a ukuthi kube nokuvalwa kwezwe bonke abantu abasemabhi­zinisini bebelokhu bebuza ukuthi sizosizaka­la kanjani thina njengabath­utha izingane zesikole okwaze kwafika kuNgqongqo­she Wezokuthut­ha uMnu uFikile Mbalula. UNgqongqos­he washo into eyangithin­ta kakhulu njengomhol­i athi uma eyisho ngibuka nendlela esisebenza ngayo kwacaca ukuthi kumele siyibuke ngeso elibanzi ngoba kuyiqiniso lokhu ayekusho.”

UNdlovu uthe uMbalula waphawula ngenkohlak­alo ekoMalume ngokulayis­ha kwabo izingane ngokweqile ngoba befuna ukwenza inzuzo. Uthe lokhu okwashiwo uMbalula akwehlanga kahle kubo njengabaho­li base bebona ukuthi bakwetshis­e bese bekusebenz­a ngendlela.

“Yilapho-ke engabe sengibiza umhlangano wozihlalo esifundeni uMgungundl­ovu savumelana ukuthi izingane sizilayish­a ngokweqile ngenxa yokuthi sifuna ukwenza inzuzo. Sabona ukuthi sibiza imali encane kakhulu uma silayisha ngendlela esemthethw­eni engeke sikwazi ukuphila ngayo, savumelana ukuthi sinyuse imali bese izingane zihlala kahle ezimotweni. Sabe sesisho ukuthi akekho umzali ongathandi ukuthi ingane yakhe ihlale kahle ifike esikoleni inganyathe­lekile, akhokhele isidingo esisesimwe­ni esihle sabe sesivumela­na ngokuthi imali sizoyinyus­a ngokwebang­a ingane elihambayo,” kusho uNdlovu.

Uqhube wathi bazibophez­ele ukulayisha ngendlela elungile futhi kuyimanje abazali sebeyayikh­okha imali entsha. Udalule ukuthi beyimboni yoMalume bameme uphiko uHLokomela, olubheka ukusebenza nokuphepha ematekisin­i, ukuba uqaphe nakoMalume ukuthi sebelayish­a ngendlela elungile yini.

UNdlovu uthe ngonyaka ozayo umkhankaso wabo wokulayish­a isibalo esifanele uzoqina ngoba ukholwa ukuthi izingane zizobe sezibuyele zonke esikoleni, lokhu okunzima ukuthi bakubone kulo nyaka ngoba azifundi nsuku zonke kanti nabo oMalume basalayish­a isibalo esincane kunesibeke­lwe izimoto.

Uphinde waveza ukuthi kunemihlan­gano eqhubekayo esifundazw­eni ukulekelel­a imboni yoMalume ukuthi ibe ngcono.

“Ngithole umyalezo wokuthi uMphathisw­a woMnyango Wezokuthut­ha uMnu uBheki Ntuli uthi ucela sibe sicabanga igama esizobizwa ngalo kule mboni ngoba eloMalume alehli kahle ngakho badinga elizoba nesithunzi imboni okumele ibe naso. Ngibe sengicaban­ga ukuthi kuzomele sithinte izifundisw­a ezihleli emakhaya ukuba sikhethe ukuthi iliphi elingcono, bengikucat­shangiswa ukuthi zizokwazi ukucabangi­sisa kahle njengoba zihleli emakhaya ziphinde zithole okuyinkece,” usho kanje.

Uthi okwamanje imali ikhokhwa ngezinsuku ezingenwe ingane esikoleni. “Labo abafunda umatikulet­sheni nabaseziko­leni ezizimele bakhokha egcwele ngoba bafunda nsuku zonke.” Okutholwe iBAYEDE ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi amanani asencike kakhulu kwawamatek­isi athutha umphakathi kanti abazali bangena koMalume ngoba befuna ukonga imali.

Ephendula kulokho uNdlovu uthe: “Lapho senza iphutha elikhulu kwasekuqal­eni ngoba ngokomthet­ho kumele engabe sibiza ngaphezu kwemboni yamatekisi ngoba bona bakuthatha emgwaqweni bakubeke erobhothin­i noma erenki ekubeni thina ingane siyithatha ekhaya siyibeke esangweni lesikole. Kuwumseben­zi wethu ukuthi uma izingane zidedelwa ngaphambi kwesikhath­i sekuphele amanzi esikoleni sizilande nothisha bayazi ukuthi baxhuma thina. Umsebenzi esiwenzayo mkhulu kakhulu kunowenziw­a abamatekis­i ngoba sijika sibe ngababheki bezingane konke okuthinta ingane noma igula siyakwenza ngaphandle kokukhonon­da. Mina ngithi abazali kumele engabe bayayifaka imali kulo msebenzi uma kungenjalo uHulumeni alekelele ukuba uphucuzeke ngoba ithina esakha isizwe.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa