Bayede

Bamakhele uzungu lokuqola ngegama lakhe uManzini

- NguCelani Sikhakhane

Sekuvele ukuthi kuqolwa ngegama lomholi weSouth African Communist Party (SACP) esifundeni iHarry Gwala (Thembisile Hani), uMnu Nhlanhla Zungu, izitshuden­i ezisanda kuphuma emanyuvesi ikakhuluka­zi lezo ebezenza izifundo zobuthishe­la.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi abanye balaba begasele ehhovisi loMnyango Wezemfundo esifundeni iHarry Gwala eMzimkhulu lapho uZungu aphinde asebenze kulona njengeMene­ja beyofuna ulwazi lokuthi baqala nini ukusebenza nakuziphi izikole njengokwes­ethembiso.

UZungu uthi ezinye zalezi zitshudeni zikhala ngokuthi sezikhokhi­swe imali ebalelwa ezi-R3 000 kuya phezulu, zithenjisw­a ukuthi ngeke ziyenze inhlolokho­no ngoba sezikhokhi­le kodwa zizonikwa amagama ezikole ezizoseben­za kuzo.

Kuthiwa zifika ehhovisi zifune uZungu. “Imina ngedwa uZungu osebenza kuleli hhovisi okusho ukuthi ukhona osebenza ngegama lami,” usho kanje. Uthe okubuhlung­u ukuthi abanye balaba abaqoliwe siyabonaka­la isimo senhluphek­o yabo nokuthi kungenzeka ukuthi imali abayikhokh­isiwe bebeyibole­kile bathembisa ukuyikhokh­a uma sebesebenz­a.

UManzini uphoqeleke ukuthi abize isithangam­i sabezindab­a ukuzama ukukhuza nokuxwayis­a abantu ngalo mkhuba ngoba kuyezwakal­a ukuthi ususabelel­e nakwezinye izifunda.

“Kusobala ukuthi lo muntu unobuhlaka­ni ngoba asazi ukuthi uzithola kanjani izingcingo zalezi zingane nokuthi azazi ukuthi bezifundel­a ubuthishel­a,” kusho uZungu. Uthe kumanje udaba baluxoxa nezikhulu zamaphoyis­a njengoba belungisel­ela ukuvula icala kubhekwe ukuthi kalikho yini ithimba elingompet­ha ekulandele­ni amacala enkohlakal­o efana naleli ukuze kucushwe umsolwa avalelwe.

“Siyabaxway­isa abantu ukuthi kawukho umsebenzi kaHulumeni odayisayo, wonke umuntu unelungelo lokufaka isicelo sakhe emisebenzi­ni kaHulumeni ngale kokukhokhi­swa imali,” kwexwayisa uZungu. Uthe lokhu ngeke akuhlangan­ise nepolitiki njengoba abanye bezocabang­a ukuthi kunabathil­e abafuna ukungcolis­a igama lakhe.

“Yinkohlaka­lo nje le ewusizi ngoba enye ingane efike kumina u…(eyigagula ngegama) bekubonaka­la ukuthi umuntu odonsa kanzima kodwa nakhu usezoqolwa imali ebingenza okuningi ngayo,” usho kanje.

Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnu uMuzi Mahlambi, uthe abantu abayibambe ekuthini uMnyango oqasha abantu ubakhokhel­e amaholo, hhayi ukuthi kukhokhelw­e wona.

“Siyabanxen­xa abantu futhi kade sakusho lokhu ukuthi uma umuntu ethola ucingo olukhuluma ngokuthi kufanele akhokhe imali akavele anxaphe nje avale ucingo kumbe azame ukuxhumana nabezomthe­tho ukuze kuboshwe lowo muntu,” kusho uMahlambi.

Uthe kunemigudu elandelway­o umuntu uma efuna ukufaka isicelo somsebenzi eminyangwe­ni kaHulumeni, ayithengwa emakhoneni.

Kuso lesi sithangami obekukhulu­ma kuso uZungu kugxekwe inkohlakal­o edla lubi kuleli.

 ?? Isithombe: Timeslive ?? Umholi we-SACP esifundeni iThembisil­e Hani uMnu uNhlanhla Zungu
Isithombe: Timeslive Umholi we-SACP esifundeni iThembisil­e Hani uMnu uNhlanhla Zungu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa