Bayede

Izihlalo zingazinye nalowo ubeka isinqe eNquthu

- NguCelani Sikhakhane

Usuphenduk­e ihlaya uMasipala iNquthu ngezigigab­a eziqhubeka­yo okuvela ukuthi umdonsiswa­no wamakhanse­la ohlanganis­a nabaholi be-Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazw­eni usudale ukuthi kungaziwa ukuthi ubani oyiMeneja noyiMeya njengoba lezi zikhundla sekufakwe kuzo abantu ngababili.

Kuleli sonto kuthiwa kutheleke izikhulu ezintsha zithi seziyiziMe­neja zalo Masipala okwenzeke abazipheth­e bekhona.

Izolo uMphathisw­a Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, uMhlonishw­a uSipho Hlomuka, ufike wehlisa ezikhundle­ni iMeya nezikhulu okuthiwa zingene ngenkani emahhovisi.

Lokhu kuthiwa kudalwe umdonsiwan­o okhona phakathi kwamakhans­ela nabaholi abajutshwe kulo Masipala iPolitical Oversight Committee (POC) ye-IFP abasolwa ngokukhiph­a umyalelo wokuphoqa amakhansel­a ukuba athathe isinqumo sokuthi iNhloko Yezimali, iMeneja kaMasipala nabanye abaqondisi besule ezikhundle­ni kuqashwe abanye.

Amakhansel­a kuthiwa awayizwa kahle eyalo myalelo okugcine ngokuthi kubonakale sekufike izisebenzi ezintsha ezizothath­a lezi zikhundla maqede kwagqekezw­a amahhovisi.

Ubuholi be-ANC eNquthu buthe akusaseben­zeki ngoba izimeneja sezimbili, izinhloko zezimali ezimbili nezimeya ezimbili. UMnu uJoe Motloung noMnu uLucky Moloi be-ANC bathe lokhu kubadumazi­le ngoba uMasipala “usuphenduk­e irenki yamatekisi ngendlela okwenzeka ngayo izinto”.

UMoloi uthe yize bengasho ukuthi izimeneja ezikhona aziqhubeke nezikhundl­a zazo kodwa ababoni ukuthi lokhu okwenzekay­o kunobulung­iswa.

“Lokhu kuyasikhat­haza ngoba i-IFP isiphethe uMkhandlu njengerenk­i yamatekisi. Imigomo elawula uMkhandlu ayisalande­lwa, kunalokho sekuvele kuqokwe iMeneja entsha kaMasipala kungaladel­wanga migudu efanele. Sebephendu­le iNquthu kwaba kwamazenze­le. IMeya ekhona yaqokwa kungaladel­wanga migudu kodwa namhlanje ithatha zonke izinqumo ezijulile ngoMkhandl­u. Le Meneja entsha asiyazi kodwa esimaziyo uGumbi ngoba waqashwa ngokuvumel­ana koMkhandlu Wamakhanse­la,” kusho uMoloi.

Abaholi abasolwa ngalezi zinkinga zaseNquthu uMnu uXolani Ngwezi noMnu uXolani Dube onguNobhal­a weIFP KwaZulu-Natal.

Ngesonto eledlule uNgwezi utshele elaboHlang­a ukuthi akulona iqiniso lokhu ngoba ukungenele­la kwabo bekumayela­na nokusiza ngemuva kokuba uMasipala usebenzise budedengu izigidi zamarandi.

Udaba lwezikhulu oselususe umsindo luqalwe emuva kokhetho loHulumeni Bendawo obelungowe­zi-2016 nokuyilaph­o okuthiwa obeyiMeya, uMnu uMabilabil­a Kunene, wathatha isinqumo sokuvusele­la izinkontil­eka zazo engaxhuman­anga noMkhandlu. Luyiswe eNkantolo yaseMgungu­ndlovu walunqoba uMnyango lwabe seludlulis­wa amakhansel­a ephikisana nesinqumo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa