KWEZINYE IZINGXENYE
EzaseSahara:
Bangaphezu kwamashumi ayisishagalombili abafuduki baseAfrika abatakulwe ehlane laseSahara ngemuva kokubanjwa inkunzi ngabantu ababebakhokhele ukuthi babashushumbisele ezweni iLibya. Abashayeli balahla amaloli amane ayephethe laba bafuduki ababeqhamuka emazweni iNigeria, iTogo, iMali kanye neGhana ngemuva kokuba bebone izimoto zamasosha zisondela ngakubo.
EzaseNigeria:
Ngokusho kwenyunyana yodokotela, amalunugu ayo aseqale isiteleka sesibili kulo nyaka mayelana namaholo nezimo zokusebenza ngesikhathi lapho leli zwe libhekene nokusabalala kokhuvethe. Isiteleka siqale ngoMsombuluko lapho odokotela abayizi-16 000 bezibandakanye kuso kwathi abayizi-26 000 bangasingenela.
EzaseMali:
Abaholi besifunda saseNtshonalanga Afrika banikeze umbutho wezempi ohola leli lizwe umhlahlandlela othi kufanele kushaye umhla zili-15 kuMandulo leli zwe selinoNdunankulu kanye noMengameli omusha woguquko.
EzaseSomalia:
Kufe abathathu kwalimala abayisikhombisa ekuhlaseleni ngokuzibulala endaweni yokudlela eMogadishu, eSomalia. Okhulumela uMnyango Wezokwazisa kuleli zwe uMnu u-Ismail Mukhtar Omar uthe idelakufa lingene endaweni yokudlela iBlue Sky eseduze kweMogadishu National Theatre ngoLwesithathu ngaphambi kokuba liziqhumise ngebhomu. Uthe leli delakufa belivele lihlose ukubulala abantu abebehleli kule ndawo phakathi kwabo okukhona nosemusha ngokweminyaka yobudala. Akekho osephumele obala ukusho ukuthi ngobani abenze lokhu. Iqembu labahlomile eliyamaniswa ne-al-Qaeda, i-al-Shabab lijwayele ukuhlasela abantu nohulumeni eMogadishu okuyindawo ebeliyilwula kwaze kwaba likhishwa amabutho aseSomalia ayesekwa ngamsosha e-African Union ngowezi-2011.
Ezase-Ethiopa:
Isifunda esisenyakatho yaleli zwe iTgray kuleli sonto siqhubeke nokhetho lwezifunda okube yindlela yaso yokuphikisana ikakhulu naloyo onguNdunankulu, uMnu u-Abiy Ahmed, othe lolu khetho alukho emthethweni kodwa wathi uhulumeni ngeke aphendule ngodlame. Leli lizwe bekufanele libambe ukhetho lukazwelonke nolwezefunda ngenyanga kaNcwaba kodwa lwagcina luhlehlisiwe ngenxa yokhuvethe. Abezepolitiki abaphikisayo kulesi sifunda basola uNdunankulu u-Ahmed ngokuzama ngazo zonke izindlela ukulula isikhathi sakhe sokubusa. Lesi senzo salesi sifunda singesinye sezenziwe emizamweni yokugadla ku-Ahmed.
EzaseTunisia:
Amaphoyisa ajahe adubula kwashona abathathu okusolwa ukuthi bangamasosha enkolo yamaSulumane ngemuva kokuthi behlasele amaphoyisa amabili kwagcina sekushone elilodwa edolobheni elisogwini iSousse.
EzaseCongo:
Amaphoyisa asenhlokodolobha yaleli zwe iKinshasa aphoqeleke ukuthi asebenzise isisi esikhalisa unyembezi ukuze ahlakaze ababhikishi abebebalelwa enkulungwaneni, ababefuna ukuthi kuxoshwe inxusa laseRwanda abalisola ngokuthi liphika ukubulawa kwabantu ngesihluku ngeminyaka ye-1998 kuya kweyezi-2003 ngesikhathi sempi yaseCongo.
EzaseLibya:
Ubuyiselwe esikhundleni sakhe uNgqongqoshe Wezangaphakathi eLibya uMnu uFathi Bashagha ngemuva kokumiswa ngeledlule ngenxa yesiteleka esibekhona kuleli zwe ngenxa yezimo zokuphila zomphakathi ezingekho esimweni esigculisayo. Uhulumeni waseLibya umbuyisele uBashagha ngemuva kokumiswa kwakhe ngeledlule. Isitadimende esifakwe enkundleni yezokuxhumana siveza ukuthi ubuyiselwe ngemuva komhlangano wamahora amahlanu. Njengesigayigayi sedolobha elisogwini okuyisizinda somkhosi waseMisrata, uBashagha waziwa kahle kakhulu ngabeseka isigungu sikahulumeni samazwe angaphandle njengoba wavala wavimba ukuhlaselwa amasosha aseTripoli. Yinto eyaziwayo ukuthi kade kwaba nokungezwani phakathi kweTripoli neMisrata ngenxa yokuthi amaqembu aseTripoli adunga ababhikishi ngezibhamu yize uBashagha wafunga ukuthi uzomela ababhikishi.
EzaseBurkina Faso:
Izikhukhula zishiywe kukhalwa eBurkina Faso, njengoba zidlule nemiphefumulo yabantu abali-13 zalimaza abanye abali-19. Lokho kwenzeke ngemumva kwemvula enamandla enethe izinsuku zilandelana ezweni lonke, kuhlanganisa nenhlokodolobha yakuleli zwe. Izimvula ezinamandla azihlaselanga eBurkina Faso kuphela zigadle ezifundeni zaseSahel eNtshonalanga naseCentral Afrca, ngesonto eledlule zihlasele eNiger, eSenegal naseCameroon, okuholele kuzikhukhula ezesabekayo ezibulale inqwaba futhi zashiya izinkulungwane zabantu bengenamakhaya. “UMnyango Wezezimali eBurkina Faso uzokhipha imali eyizigidi zamadola aziyizinkulungwane ezinhlanu ($ 9.06 million) ukusiza izisulu zezikhukhula,” kusho omele uhulumeni u-Mnu u-Abdoul Karim Sango. “Le mvula idale umonakalo omkhulu ezweni lethu,” kusho uSango.