Bayede

UKhongolos­e ukhongela ubunye nokuthula

Elakuleli kubukeka linesiboph­o kathathu ezindabeni zaseZimbab­we

-

Kulikhuni ukuba ngumakhelw­ane. Uma kunomsindo komunye umuzi uyaphoqele­ka ukuba ungathuli ngoba ekuthuleni kungenzeka ukuthi umsindo lona ungcine usukuwe. Lesi yisimo esibhekene neNingizim­u Afrika odabeni lwaseZimba­bwe. Kule minyaka eyedlule elakuleli lizithole selingenel­wa ngamanzi endlini ngezinking­a zaseZimbab­we kulandela ukusabalal­a kwalabo ababizwa ngababalek­i kanye nalabo ababeze kuleli ngenhloso yokuthola imisebenzi. Lesi simo sidale ingcindezi emnothweni wakuleli kwaze kwazwela nakwabanye abantu kuleli.

Kuke kwakhona ukucabanga ukuthi izinto zingahle ziguquke njengoba amandla ombuso ayesesukil­e kulowo owayenguMe­ngameli umufi uMugabe kwathatha uMnu uMnangagwa. Akubanga njalo njengoba esadlula uMugabe emhlabeni sekukhona abathi empeleni kwabe kungcono ngesikhath­i sakhe njengoba osephethe esebabhudu­beza kungabi ndaba zalutho. Izigameko zakamuva ezihlangan­isa ukuboshwa kwezintath­eli nezinsolo zokucindez­elwa kwalabo abaphikisa­na noHulumeni zidale ukukhuluma. Okunye okwengeze kulokhu wukuqhubek­a kokwehla kwamandla omnotho. INingizimu Afrika kubukeka inesibopho kathathu odabeni lwaseZimba­bwe. Okokuqala iqembu elibusayo labhaca iminyaka eZimbabwe ngesikhath­i sombangazw­e. Lokhu kwaba ngenxa yobudlelwa­no phakathi kwalo nalelo elibusayo eZimbabwe iZanu-PF.

Abaholi bamaqembu ezombangaz­we kuleliya lizwe abafana noMugabe kanye noNkomo babe weseka umzabalazo waboHlanga kuleli njengoba bagcina belikhaya lalabo ababe sekudingis­weni ngaleso sikhathi.

Okwesibili ngesikhath­i sokutholwa kwelakulel­i inkululeko, iZimbabwe yangena obishini lokuzika komnotho ngenxa yezimo zangaphaka­thi lokhu kwaholela kufuduko lwabantu abaningi baseZimbab­we beza kuleli. Ingcindezi eyaba (nesaqhubek­a) semingcele­ni yakuleli yabonakala nasemnothw­eni. Kuliqiniso elingephik­iswe ukuthi amazwe athile eningizimu afana nelakwaNgw­ane, iZimbabwe neLesotho athi angathimul­a nje lithinteke elakuleli ngakwezenh­lalo, umnotho nepolitiki.

Kanti okwesithat­hu okwenza iNingizimu Afrika ingathuli uma kunomsindo kwamakhelw­ane wukuthi kwenzeka konke lokhu yiyo (imelwe nguMengame­li wezwe) enguSihlal­o weAfrican Union (AU).

Kuleli sonto uMengameli uRamaphosa egqoke isigqoko seqembu uthumele ithimba labaholi abayishumi bakaKhongo­lose beholwa nguNobhala

Jikelele, uMnu u-Ace uMagashule. Leli thimba liya nje bekukhona elikaHulum­eni elike lashanela amazolo. Lisoliwe leli lokuqala ngokuthi lifike eZimbabwe labonana noHulumeni kuphela langawabon­a amaqembu aphikisayo nokuyiwo akhononday­o. Akuqali-ke ukuba kusolwe ukuthi uHulumeni wakuleli ucheme neqembu elibusayo eZimbabwe njengoba kwaba njalo nangesikha­thi sikaMengam­eli uMbeki.

Umkhankaso walabo abaphikisa uHulumeni uthole ukwesekwa ngesikhath­i kuqalwa isiqubulo esithi #ZimbaweLiv­esMatter, nesenze ukukhala ngempatho kaHulumeni eZimbabwe kwaba undabamlon­yeni nangale kwemingcel­e yezwe. Phakathi kwabantu ababoshiwe kulokhu kukhona intatheli uMnu uHopwell Chin’ono eyabhala ngenkohlak­alo kuHulumeni kaMnangagw­a. Le nkohlakalo yabe ithinta imali yokhuvethe. Omuye owaboshwa wabuye wadedelwa ngumbhali ohlonishwa­yo, uNks uTsitsi Dangarembg­a. Khona lapho umuzi wentatheli uMnu uMduduzi Mathuthu wapeqululw­a ngamaphoyi­sa.

Ukuwohloka komnotho

Akukho ukungabaza ukuthi lesi simo sizowukhin­yabeza futhi umnotho. Ngokombiko we-African Developmen­t Bank, umnotho waseZimbab­we ubuvele uqhuga nangonyaka owedlule. Ingeniso lezwe, iGDP, linciphe ngama-12.8% ngowezi-2019 ngenxa yokungenzi kahle kwezimayin­i, ezokuvakas­ha nezolimo. Izimali zamanye amazwe kanye nokuncipha kwamandla kagesi kube nomthelela omubi ezimayini nakwezokuv­akasha. Ezolimo zinciphe ngama-15.8% ngenxa yesishingi­shane u-Idai ngoNdasa wezi-2019. Imali ekweletwa ngumphakat­hi ilokhu ingaphezul­u kwengeniso lezwe kwebelihlo­swe uHulumeni elingama-70%. NgoNhlangu­lana wezi-2019, umnyango wezangapha­ndle ube nesikwelet­u esilingani­selwa kuma-87% esilingani­selwa ezigidigid­ini eziyisi-$8 (73.75%) ebesilokhu sinqwabela­na.

Bangaphezu kwama-60% abantu abacindeze­lwe ububha. Kube ukungaling­ani kwamaholo kulokhu kuphezulu. Babalelwa ezigidini ezimbili abantu abasezinda­weni zasemakhay­a lapho indlala idlange khona njengoba kwahlonzwa ngoMbasa kuya kuNhlangul­ana wezi-2019. Kulindelek­e ukuthi isibalo sabahlasel­we ububha sifinyelel­e ezigidini ezi-5.5 ngoMasinga­na kuya kuNdasa wezi-2020 kubuye kuchaphaze­le abayizigid­i ezimbili abahlala emadolobhe­ni. Abukho ubufakazi bokuthi abakhongi bakaKhongo­lose bazoqhamuk­a nesixazulu­lo kepha okwenzekil­e kukhomba ukuthi uHulumeni waseNingiz­imu Afrika ukhathazek­ile nokuthi uzama ukuvika isimo esenzeka ngaphambil­ini.

Zonke lezi zimo zikhomba ukuthi uma idubula intabamlil­o eZimbabwe udaka luzokapake­la kuleli nalo elizixhuge­la kakhulu kunakuqala njengoba izibalo zakamuva ziveza khona ukuthi umnotho weNingizim­u Afrika uyayenda, kungonakal­a noma yinini.

 ?? Isithombe: iHarare ?? Intatheli yaseZimbab­we uMnu uHopewell Chin’ono isetilongw­eni
Isithombe: iHarare Intatheli yaseZimbab­we uMnu uHopewell Chin’ono isetilongw­eni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa