Bayede

Udedelwe ejele eMali wayokwelas­hwa e-Abu Dhabi

-

Loyo obenguMeng­ameli waseMali uMnu u-Ibrahim Boubacar Keita (osesithomb­eni) kuleli sonto kuvele ukuthi uselishiyi­le leli lizwe walibangis­a e-Abu Dhabi ukuyothola ukwelashwa. Konke lokhu kwenzeka-nje kuqhubeka izingxoxo mayelana nokubuyise­la umbuso ezakhamuzi­ni zaleli lizwe kulandela ukuvukelwa kombuso amasosha oqale ngesiyaluy­alu enyangeni edlule.

UKeita, oneminyaka yobudala engama-75, ungeniswe esibhedlel­a enhlokodol­obha iBamaku ngesonto eledlule emveni kwezinsuku eziyisi-6 ekhululwe ejele uHulumeni waleli lizwe oholwa ngamasosha (Junta) owathatha amandla mhla zili-18 kuNcwaba.

Owayeyinhl­oko yezisebenz­i uMnu uMamadou Camara utshele abezindaba ukuthi uKeita ngeledlule uthathe indiza eyayiqashw­e yi-United Arab Emirates ngesicelo sikaHulume­ni weJunta. “Lokhu ukuvakasha kuhlangene nokwelashw­a okungathat­ha izinsuku eziyishumi kuya kweziyishu­mi nanhlanu,” kusho uCamara.

Isimo sempilo kaKeita asaziwa kahle kodwa kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka wezi-2016 wakhishwa isimila entanyeni.

Abaholi baseNtshon­alanga Afrika ngokwesaba ukuthi lokhu kuvukelwa kombuso okwenzeke kuleli lizwe kungabeka isibonelo esizodicil­ela phansi amandla kanye nokulwa komhlaba wonke namasosha awenkolo yamaSuluma­ne, esifundeni esikhulu saseSahel, ekuqaleni baphakamis­a ukuthi uKeita akabuyisel­we emandleni. Kodwa manje laba baholi sebephakam­ise ukuthi kube nokhetho kungakaphe­li unyaka okuyisicel­o noma isiyalo iJunta okuyiNatio­nal Committee for the Salvation of the People (CNSP), engakazibo­phezeli kuso. Sekukhulun­ywa ngezindlel­a zoguquko esontweni eledlule abantu abangaphez­u kwekhulu abamele iJunta, amaqembu ezepolitik­i nezinhlang­ano zomphakath­i bahambele umcimbi wokuvuka eBamako Kodwa kungakaphe­li ngisho ihora lo mcimbi uqalile abasekeli beM5-RFP Coalition, okuyiyo eyayihola imibhikish­o ngaphambi kokukhishw­a esikhundle­ni kukaKeita, baqale ukubhukish­a ngaphandle besola iJunta ngokubakhi­pha inyumbazan­a.

Abalandeli beM5-RFP ehholo lenkomfa bahhahhame­za isikhulumi nebesingum­qondisi wohlelo kwacaca ukuba umcimbi uyamiswa. Kodwa ngemuvana kwesikhath­i umphathi wohlelo umemezele ukuthi iM5-RFP ingalibamb­a iqhaza kulo mcimbi, okugcine sekudambis­a ulaka lwabo umcimbi waqhubeka.

Lezi zingxoxo eziqhubeka nakomkhulu bezifundaz­we ezweni lonke kuhlelwe ukuba ziqhubeke kuleli sonto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa