Bayede

Imibono ngemizamo yokuqeda ngebhange i-Ithala

-

Mhleli

Isiphukuph­uku kuphela esingaboni ukuthi le nto kaKhongolo­se iwubuqili obuphindiw­e, baqhuba yona inqubomgom­o yokusihlup­hekisa yobukhoman­isi, besenza izichuse nethuluzi nonopopi babo abayohlale bedansela bona. I-ANC umsangano ukuba kuya ngami njengoba sivela amaqenjini ahlukene ngabe siyahlanga­na sibe yimbumba sichithe lezi zikhohlaka­li zamasela ngevoti.

Lapha KwaZulu-Natal ingakhulun­ywa indaba yalezi zigebengu zikaKhongo­lose. Ngifisa bangabi nayiqembu eliphikisa­yo kulesi sifundazwe sethu, ivele iphele nje indaba yayo. Balibulele baliqedile izwe laba bantu, nemithetho yokubuswa kwezwe ungathi yenzelwe ukuqeda konke ngoZulu ngoba nakhu kuliwa noShenge. Siyayazi imisebenzi emihle kaShenge, isintu sethu esizigqaja ngaso ubesiqhaka­mbisa ngaso sonke isikhathi. Ngibona ukuthi singamaZul­u siphuma kuzona izinhlanga­no zethu ezihlukene­yo zezombusaz­we, ake sibe nenguyazan­a ukuthi silwa kanjani naleli chilo. Singathuli sisonge izandla sibukele la maqola azibiza ngabaholi ebulala izwe nobuzwe namasiko ethu.

- nguSibusis­o Mbatha Mhleli

Asingalawu­lwa imizwa uma siphawula kulolu daba. Okuqaphele­kayo ukuthi alibazuzis­i okufanele bazuze ngokuba khona kwalo kodwa seliphendu­ke umkhoma lapho osopolitik­i nabasondel­ene nabo bezixebule­la khona. Bathenga izikebhe zokutetemu­ka, amabhanoyi ngingabala okuningi. Kugcwele inkohlakal­o ethusayo e-Ithala. Selokhu ngaba khona angikaze ngibone umuntu osemazinge­ni aphansi owathola usizo e-Ithala kuphela nje ilaba abaxhumene nosopoliti­ki, bashaya ngezingqov­ungqovu zezimoto. UMdali kuphela oyosiphend­ulela kukho konke okwenziwa kithi osopolotik­i.

- nguSabelo Senkosi Mhleli

Lesi yisikhathi sokuba uZulu ahlangane avikele isithunzi sakhe kula mankentsha­ne e-ANC, ngikusho kahle lokhu ngoba ngingomuny­e obewavotel­a kodwa sengibonil­e ukuthi akusibo abantu bokuthenjw­a laba. Kabanandab­a namuntu nangekusas­a lesizukulw­ane esizayo kuphela bazibheke bona, abangani babo nemindeni yabo. Njengalokh­u baba nesandla esikhulu ekudicilel­eni phansi iVBS okwakungey­aboHlanga, sebeyaphin­da bafuna ukuqeda nge-Ithala. Yini ethuthukis­a owoHlanga kwezomnoth­o abake bayiphatha yaphumelel­a?

- nguSizwe Qwabe Mhleli

Eminyakeni embalwa edlule kwake kwaba nezinsolo zokuthi omunye woNdunanku­lu waboleka imali kuleli bhange wangabe esayibuyis­a. Thina boHlanga asikwazi ukuba nezinto zethu sizithuthu­kise yikho besithatha kancane abelungu. Siyizehlul­eki noClicks yikho benza nje ngoba bayazi asinakho okungokwet­hu okusimeme.

- nguMphumel­eli Blessing Zulu Mhleli

I-ANC ilwa ngazo zonke izindlela ukuqeda izinto ezafika noMntwana waKwaPhind­angene. Ukube kuya ngami bekufanele iKwaZulu-Natal izimele kushintshw­e negama.

- nguMxolicy Mxolicy

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa