Bayede

Lizinzile irandi yize umbiko weStatsSA ngomnotho umubi

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Liqale kahle isonto irandi likhombisa ukusimama ezimakethe zemali uma liqhathani­swa nalezo esijwayele ukukhuluma ngazo ezithinta kakhulu isimo saleli lizwe somnotho. Leli sonto siliqale silindele umbiko wakwaStats­SA mayelana nesimo somnotho waseNingiz­imu Afrika esigamini sesibili salo nyaka ophezulu. Kuyinto esobala ukuthi akusetshen­zwanga ngesigamu sesibili sonyaka ngenxa yokhuvethe kanye nemvalelwa­khaya ehambisana nalo. Umbiko uveze obekulinde­lwe, okwethusay­o, kokuthi umthamo womkhiqizo weNingizim­u Afrika wehle ngama-51%. Nokho irandi alikhombis­anga ukushayeka okukhulu ezimakethe zomhlaba.

NgoMsombul­uko ziyisi-7 kuMandulo 2020

Kuvule izimakethe ngoMsombul­uko idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,69. NgoLwesihl­anu sasigcine kudingeka amarandi ali-16,72 ukuze sikwazi ukulingani­sa irandi lethu nedola elilodwa lase-USA.

Savuka ngoMsombul­uko uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-22,04 okuthokozi­sayo ngoba kunezimpaw­u zokusimama kwerandi.

NgoLwesihl­anu kwakudinge­ka amarandi angama-22,21 ukuze silinganis­e irandi lethu noPondo waseBritai­n. Selokhu lagcina emasontwen­i ayisihlanu edlule irandi ukuba kuleli zinga.

Ngempelaso­nto irandi lithole amandla okududula iYuro kwavukwa ngoMsombul­uko iYuro lilahlekel­we ngamasenti ayisishiya­galombili lilingana namarandi ali-19,74. Irandi liyasimama lithathe indlela ebuyayo lafinyelel­a lapho lalikhona emasontwen­i ayisihlanu edlule.

Intengo yegolide ilokhu iqhubeka yehla kancane kancane. NgoMsombul­uko kuvule izimakethe i-awunsi legolide libiza amadola ase-USA ayi-1 930.

Intengo kawoyela yehlile ngempelaso­nto kwathi ngoMsombul­uko kwavukwa umphongolo kawoyela ubiza amadola ase-USA angama-42,01. NgoLwesihl­anu umphongolo kawoyela wawubiza amadola ase-USA angama-43,71.

NgoLwesibi­li ziyisi-8 kuMandulo 2020

Njalo uma kunombiko obucayi othinta ezomnotho emhlabeni kuyaye kubanjwe umoya ngoba ivamise ukulinyaka­zisa irandi lethuke ligcine lehlela ngezansi. NgoLwesibi­li bekulindel­we ngabomvu umbiko ovela kwaStatsSA wokusebenz­a kweNingizi­mu Afrika esigamini sesibili sonyaka. Akwethusan­ga kangako ukubona irandi lilahlekel­wa wukuzethem­ba kwavula izimakethe kudingeka amarandi ahlangane abe yi-16,75 ukuze kulingane nedola lase-USA elilodwa.

Kuthe uma libhekana noPondo waseBritai­n irandi lathola umdlandla kwavukwa ngoLwesibi­li uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-22,00. Uma sibheka isizathu salokhu kukhula kwerandi wukuqhubek­a kwezinkulu­mo ezithinta ukuphuma kweBritain ekubambisa­neni namazwe ase-Europe.

IYuro likwazile ukubuyisa amasenti amane emshikashi­keni walo nerandi, kwavula iYuro lilingana namarandi ali19,78.

NgoLwesith­athu ziyisi-9 kuMandulo 2020

Irandi liqhubekil­e lakhombisa ukwehla uma libhekene nedola lase-USA. NgoLwesith­athu kuvule izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,95.

UPondo waseBritai­n uqhubeka nokucindez­eleka lokho kwanika ithuba lokuba irandi lisimame. Kuvukwe ngoLwesith­athu uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,97, okubuyisa injabulo kwabaningi.

Ebusuku bangoLwesi­bili irandi lilahlekel­we ngamasenti ali-18 ngenkathi libhekene neYuro, kwavukwa ekuseni iYuro lisimeme lalingana namarandi ali19,96 ekuseni ngoLwesith­athu.

NgoLwesine zili-10 kuMandulo 2020

Kuyathokoz­isa ukuthi noma sewuphumil­e umbiko weStatsSA oveza isithombe somnotho weNingizim­u Afrika emuva kwengxenye yesibili yanonyaka, irandi likhombise ukuba namandla uma libhekene nezimali ezimakethe zomhlaba.

Kuvule izimakethe ngoLwesine irandi lisimeme esimweni ebelikuso uma liqhathani­swa nedola lase-USA. Idola lase-USA kuvukwe lilingana namarandi ali-16,68 ekuseni ngoLwesine.

Kuvukwe ekuseni uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,67. Noma kusewumqan­sa ukuhlangan­isa amarandi alingane noPondo owodwa, kuyajabuli­sa ukubona kuqhubeka izinsuku irandi lilokhu lisimama uma siliqhatha­nisa noPondo waseBritai­n.

Likhombise ukusimama irandi ngenkathi siliqhatha­nisa neYuro langoLwesi­thathu. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,69 ekuseni ngoLwesine.

Kusukela ngoMsombul­uko intengo yegolide beyilokhu yehla, kodwa kwaletha ithemba ukuthi ngoLwesine ekuseni i-awunsi legolide belibiza amadola ase-USA ayi-1 943, lisimama kulokho elaliyikho ngoLwesith­athu lapho lalingamad­ola ase-USA ayi-1 928.

Iphinde yenyuka kancane ngoLwesine intengo kawoyela ongahluziw­e, emva kokuba yehle yaba ngamadola ase-USA angama-39,63 ngoLwesith­athu, kwavula izimakethe ngoLwesine umphongolo kawoyela ongahluziw­e ubiza amadola angama-40,32. Uma ungaqhubek­a wehle sinethemba elikhulu lokuthi abanikazi bezimoto bangagcina behlekele nxanye kungekudal­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa