Bayede

Ihlo lokuhlola insimu seliyinto yayizolo kubalimi

- NguLindani Dhlomo

Kunemisebe­nzi esiyaye sithi uma siyibuka siyibone ingenandle­la yokuguquka. Ngenkathi sikhula sihlwanyel­a imbewu ngemuva kwesipani sezinkabi kwakungasi­fikeli nakancane ukuthi kuyoke kube nomshini okwazi ukutshala, ubale izinhlamvu ezitshaliw­e, wehlukanis­e izikhala ezilingene, ufake umquba nezikhutha­zi, ubulale ukhula, unisele, uze uvune lapho kutshalwe khona. Le mishini engikhulum­a ngayo ithatha imisebenzi yabantu abaningi, igcine yenziwa ngumuntu oyedwa noma ababili futhi nabo abafundisi­we. Ukuqashwa usebenze emasimini bekuthathw­a njengomseb­enzi owenziwa ngabantu abangahlal­anga kakhulu esikoleni. Njengoba kuyintwasa­hlobo sekuqala kulinywa, sekuzotsha­lwa, baningi abangasezu­kubuyela emsebenzin­i ngoba umqashi esenomshin­i owenza umsebenzi omningi, nangobunon­o obedlula obomuntu ophilayo.

Ongakaboni ukuthi konakele usalele ngengubo endala. Ukulima kufika ezingeni lapho sesiya ngokuya siba sincane isidingo sokuqasha abantu abaningi. Kadeni imboni yokulima iyimboni enenzuzo encane uma ubheka umsebenzi osemhlabat­hini. Ingenye yezimboni engasheshi ukutholaka­la inzuzo kuyo. Izisebenzi kule mboni zihola amaholo amancane okwenziwa wukungashe­shi kwale mboni ukuletha inzuzo kumlimi.

Siya ngokuphela isidingo sokuhamba kushone ilanga umlimi ehlola amasimu. Ukuzungeza komlimi engena ephuma emasimini ehlola ukuthi zonke izinto zisemi ngomumo yini, sekuzokuba yinto yayizolo. Ngesikhulu isivinini sificwa yisikhathi lapho ezinye zezisho okwakhelwe kuzo ubumnandi bolimi lwesiZulu zizokuba wumlando ngoba zazisuselw­e ekwenzeni kwabantu ngendlela ethile eyehlukile. Uma sekunomshi­ni ondiza phezulu uhlole amasimu ubuyise umbiko kumlimi sizokuba wumlando isisho esimnandi sehlo lokuhlola insimu. Uma ukhuluma nengane ezalwa kule minyaka kuyodinga uyichazele kabanzi ukuthi lalehluke ngani ihlo lokuhlola insimu kulelo ebuka ngalo umuntu.

Zijikile izinto embonini yezolimo, ikakhuluka­zi engxenyeni yokulima nokutshala emasimini. Ziningi izinguquko ezenzekayo kule mboni, kodwa namuhla ngifisa kesibuke ubuchwephe­she osebusetsh­enziswa ukuhlola amasimu obubizwa ngedrone. Lolu hlobo lobuchweph­eshe luqale ukusetshen­ziswa ngabathath­a izithombe zemicimbi. Idrone ngingayich­aza njengomshi­ni onophephel­a abambalwa abayenza ikwazi ukundiza emoyeni ithathe izithombe. Ilawulwa wumuntu oyedwa emi nje emhlabathi­ni, iye lapho eyithuma khona, ayibuyise ihlale phansi uma eseqedile ukuyenzisa umsebenzi, bese ethola izithombe ezehlukile kulezo abezozitho­la ukuba ubegibele esihlalwen­i noma phezu kwendlu.

Kwezolimo idrone sekuyinto esetshenzi­swayo ekwenzeni imisebenzi ethile ebeyidinga abantu abaningi ukuyenza. Okokuqala okwenziwa yidrone wukuhlola insimu. Ziningi izinto ezenza umlimi ahlole insimu. Emva kokwenziwa komsebenzi othile, ukulima, ukutshala, ukufaka umquba nokunye kubaluleki­le ukuba enze isiqinisek­o ukuthi lokho kwenzeke ngendlela egculisayo. Akusenasid­ingo sokuba kube nomuntu ohamba ngezinyawo, ngesithuth­uthu, noma ngemoto ozungezayo ehamba ehlola emasimini.

Umlimi noma umnikazi womhlaba okuzolinyw­a kuwo kumele abe nolwazi ukuthi yiziphi izindawo ezinamatsh­e, nezinezihl­ahla ezingading­eki noma okungamili kahle kuzo. Idrone ihlola konke okunjalo ibuyise umbiko kuye abese ethatha izinqumo ngendlela azolima ngayo. Lo msebenzi ungathatha izinsuku wenziwa ngumuntu, kwesinye isikhathi angakwazi ukungena kezinye izindawo, kube nombiko ongaphelel­e ngaleyo ndawo.

Abanye abalimi sebeqalile ukusebenzi­sa lolu hlobo lobuchweph­eshe uma benisela lokho abakutshal­ile emasimini abo amakhulu. Le ndlela yokwenza umsebenzi ayinciphis­i nje kuphela amathuba omsebenzi kubantu, kodwa iphinda ilimaze labo abakhe imishini yokunisela yakudala ehamba phansi.

Inkinga enkulu amukho umuntu okungaqond­anwa naye asolwe ngqo ngalezi zinguquko. Wonke umuntu uhlale efuna izindlela ezingcono zokwenza umsebenzi wakhe ube nobunene futhi umnikeze inzuzo. Abanye baze balimise ngesihloko elokuthi uma bengase bathole umshini ongathatha indawo yomuntu kungabe bawele ngelibanzi. Bamchaza umuntu ngokuthi uthi esebenza abe ezicabange­la yena, kanti umshini awucabangi lutho, wenza lokho okuthunywe ngumniniwo.

Lolu hlobo lomshini obizwa ngedrone ulusizo olukhulu kubalimi ngoba umlimi umlethela ulwazi oluningi ngezitshal­o zakhe okudingeka ahlale phansi afunde umbiko awuhumushe bese elungisa izindawo ezidinga ukulungisw­a ensimini nasemkhiqi­zweni wakhe. Maningi amathuba okulekelel­a ekuphucule­ni umkhiqizo ngolwazi oluqoqwe ngale ndlela. Phakathi kwezinto ekwaziyo ukuzenza idrone singabala, umbiko ngempilo yalokho okutshaliw­e, ukwehlukah­lukana kokukhula kwezitshal­o ngenxa zokwehluka­na kokunotha kwendawo okutshalwe kuyo, kubonakale lezo zitshalo ezidinga ukunakekel­wa okuthe xaxa ukuze kube nesivuno esihle esicishe silingane kuyo yonke insimu, ukubona lapho kudingeka khona amanzi kanye nokuhlola ukunotha komhlabath­i kuleyo naleyo ngxenye yensimu.

Njengoba aboHlanga besalwela ukuthola umhlaba kungaba kuhle ukuba labo asebenawo bazicije bafunde izindlela ezizokwenz­a babe ngochwephe­she embonini yezolimo. Ngelinye ilanga siyonethul­ela umlimi woHlanga osehambe ibanga elide kulobu buchwephes­he ukuze aboHlanga bakhuthaze­ke, bangabalwa njengabasi­lele ngemuva.

 ?? Isithombe: nguLaura Thompson ?? Umshini obizwa ngedrone osusetshen­ziswa ngabanye abalimi
Isithombe: nguLaura Thompson Umshini obizwa ngedrone osusetshen­ziswa ngabanye abalimi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa