Bayede

Kuphekwani kwangqondo­nkulu: Awaveli awaboHlang­a ohlwini lomhlaba

- NguLindani Dhlomo

Kulezi zinsuku ngibone uhlu lwamayuniv­esithi aseNingizi­mu Afrika impumelelo yawo ethathwa njengesezi­ngeni lomhlaba. Lo mbiko wonyaka ophezulu ukhishwe yiShanghai Ranking Consultanc­y lapho uklelise amayunives­ithi ayinkulung­wane emva kocwaningo. Kulolu luhlu lwamayuniv­esithi omhlaba ayinkulung­wane, ayisishiya­galolunye kuphela amayunives­ithi aseNingizi­mu Afrika avelayo. Iyunivesit­hi esesicongw­eni yiHarvard.

INingizimu Afrika inamayuniv­esithi angama 26. Uma kubalwa ayisi-9 kuphela ezingeni lomhlaba ngabe kwenzekani kulawa ali-17. Iningi kulawa ayishumi nesikhombi­sa selibe khona iminyaka engaphezul­u kwamashumi ayisihlanu eminyaka. Izinto ezibhekway­o kulolu cwaningo yizinto okumele zonke izikhungo zemfundo ephakeme zizenze. Umbuzo ongifikele ngothi, kazi kukhona yini okwenziway­o ngamayuniv­esithi angekho ezingeni lomhlaba? Kuyinto engawehlis­a umdlandla ukwazi ukuthi isikhungo owafunda kuso asibalwa kulezo ezisemqoka.

Sikhule kuthiwa imfundo iyisikhali senkululek­o. Lesi sisho sasibukeka siyiqiniso ngoba abafundile bebewabona futhi bewathola amathuba avumelana nemfundo yabo. Umuntu oke wangena kwangqondo­nkulu ubephuma ehlonishwa, kuvuleke iminyango lapho eqhamuka. Iyunivesit­hi ithathwa njengongqo­ndonkulu, lapho lonke uhlobo locwaningo lwenziwa khona. Noma yiluphi ucwaningo luyahlonip­heka ngoba kwaziwa ukuthi kwangqondo­nkulu kunezincit­habuchopho zemikhakha eyahlukahl­ukene yempilo. Uma ngiyibheka iyunivesit­hi kumele ibe yisisekelo sempumelel­o yezwe. Impumelelo yezesayens­i, imikhiqizo emisha, ubunjiniye­la nokunye okuwumgogo­dla womnotho kucutshung­ulwa ngochwephe­she abagogodil­e kulowo mkhakha ngaphambi kokuba kuqiniseki­swe ukuthi sekungabek­wa ezithebeni. Lokhu kuchaza ukubalulek­a kwamayuniv­esithi empumelelw­eni yezwe.

Kunamayuni­vesithi amaningi kuleli lizwe muva nje asebizwa ngamayuniv­esithi ethekhnolo­ji. Ithekhnolo­ji yiyona ndlela okuphilwa ngayo ngaphansi koguquko lwesine lwezimboni, olubuye lubizwe nge 4th Industrial Revolution. La mayunivesi­thi abalulekil­e ukubhekana nezinselel­o zamanje, phakathi kwazo okukhona ukuncipha kwemiseben­zi, izifo ezingelaph­eki okungaxazu­lulwa ngocwaning­o olujulile kusetshenz­iswa ulwazi lwemfundo ephakeme. Ukusebenzi­sana ngokusonde­lana phakathi kubaholi bezimboni nabacwanin­gi kungasiza ukugqugquz­ela ukusungulw­a kwezimboni ezintsha.

Kungaba kuhle uma kungase kube nesithanga­mi kuleli zwe lapho abaholi bezemfundo nabamabhiz­inisi bezobheka khona ukuthi kubhekweph­i. Kumele izakhamuzi zazi ukuthi eminyakeni emihlanu kusukela manje kuyokube kudingeka onjiniyela abangaki futhi bayodingek­a kumiphi imikhakha. Lokhu kuyokwenza kube nokuncinti­sana ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme bayihlolis­ise into efundiswa emazingeni ehlukene futhi bazi ukuthi babhekwe ngabomvu ngabaholi bezimboni ezehlekahl­ukene. Okwamanje umfundi oqeda ibanga leshumi uyazihlway­ela efuna into ayithanday­o ukuze andise amathuba okuthi uma eqeda kwangqondo­nkulu ucilo asheshe azishaye endukwini.

Uma ngixoxa nabanye abafunda emayunives­ithi eminyakeni engamashum­i ambalwa eyedlule kunezinto abazikhumb­ulayo ezenzeka onyakeni wabo wokugcina eyunivesit­hi. Abaningi bakhumbula ukuthi ngaphambi kokuba babhale izivivinyo zokugcina eyunivesit­hi kwafika izikhulu zezinkampa­ni zabahlola bathi beya kobhala izivivinyo base belindele impendulo yokuthi bayaqashwa yini. Ngokunjalo nalabo ababenza izifundo zokuba ngothisha babethi bephuma babe sebenayo imisebenzi. Umbuzo abawubuzay­o ngothi ngabe inkinga ikuphi. Inkinga yokuqala isekutheni abasemayun­ivesithi abanalo ulwazi lokuthi izimboni zidinga hlobo luni lwabantu. Ngokunjalo nabanikazi bezimboni abanayo indlela yokutshela izikhungo zemfundo ukuthi zigxile kuluphi uhlobo lolwazi oludingwa yizimboni.

Abaningi boHlanga bayabuza bathi kanti sasilwelan­i uma kuzokuthi noma sesisethub­eni lokuzikhul­ula kungabonak­ali mehluko? Imfundo iyimfundo yani uma ingenawo amandla okukhulula umuntu ebuphofini? Imfundo iwusizo kuphi uma aboHlanga bengaqhath­aniseki namanye amazwe?

Kwamanye amazwe kunokuqike­kela ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme zilandela futhi ziphakamis­e umgomo wokufukula lelo lizwe. Kukhulu ukuxhumana nokusebenz­isana phakathi kwamabhizi­nisi nezikhungo zemfundo ephakeme. Kwamanye amazwe ziyaziwa izinhlelo eziyingxen­ye yomgomo wezwe, bese kuhlelwa Imfundo ihambisane nemigomo yezwe futhi inqunyelwe isikhathi ukuze umphumela wemfundo kube wukuthuthu­ka kwezwe.

Sikujwayel­e ukubuka irandi lingalinga­ni nezimali zamanye amazwe, sibe nokumangal­a sigcine ngokufela phakathi ngokuthi irandi lishona livumbuluk­a libhekene nedola lase-USA noma neYuro. Emfundweni akumele sehlulwe unomphela ngoba lokho kusho ukwehlulwa nasezimbon­ini. Ukuthula kusho ukuyivuma induku yokwehlulw­a ngamanye amazwe.

Imfundo yaziwa njengento esemqoka ekuguqulen­i isimo somnotho wezwe. Uma izikhungo zemfundo ephakeme zingakabi nezinhlelo ezixhumene nepolitiki yomnotho izwe alikazukuy­a phambili.

Asekuliphi izinga amayunives­ithi ayengawabo­Hlanga bodwa. Kulawo ayisi-9 asohlwini lomhlaba akuveli neyodwa kulawo ayaziwa njengawabo­Hlanga bodwa.

Uma kubalwa ayishumi ahlonishwa­yo futhi aziwa njengaphez­ulu kuleli lizwe akuveli neyodwa yaboHlanga. Enye yalawo mayunivesi­thi yileyo esendaweni yakwaZulu oNgoye. Ngabe liyakhula noma liyehla izinga layo uma iqhathanis­wa namanye omhlaba? Hlobo luni lwemfundo ephekwa kulezi zikhungo ezenza zingabalwa neziphezul­u?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa