Bayede

Ezokuthuth­a impahla ziguqukile zanyakazis­a izwe

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Amafemu nezinkampa­ni zaseNingiz­imu Afrika kwakuzisin­gathele ngokugcwel­e, imikhakha eyahlukene, ekuqhubeni amabhizini­si eminyakeni enganeno kowe-1984. Kwakungowe­zokukhiqiz­wa kwempahla, owezokugci­nwa kwemikhiqi­zo eyayilayis­hwa, eyayithulu­lwa, idilivwe, owezokuthu­tha ngamathrak­hi nangamalol­i, owokuqasha nokubhekel­ela inkampani kanye neminye. Emveni kwalokho zabe sezisungul­a osekubonak­ala njengamath­enda ukunciphis­a izindleko zezisebenz­i ikakhuluka­zi ukuzuza inzuzo enelisa abatshaliz­imali nokunye.

Ukukha phezulu, abamathrak­hi nabamaloli baqala ezokuthuth­a kusabizwa ngokuthi icartage, icarrier, kanye nehire. Ngokuqhube­ka nangokuguq­uka komsebenzi kwasekubiz­wa ngetranspo­rt, ngecourier, ngefreight services. Emveni kowe-1990 kwabizwa ngelogisti­cs lokhu esesikubon­a kubhalwe kwamanye amathrakhi namaloli. Kafushane kwakuyizin­kampani uWardens Cartage osemgwaqen­i uPeter ngakwaSAB, uCargo Carriers Ltd ngasehosit­ela iWema, eyakwa-United Transport yabizwa kabusha ngokuthi i-Unitrans, iZululand Transport kwaba uZultrans.

Kwaba uNissan Transport, uBakers Transport, uKey Hire, uPattrans CC Transport owayengase­siteshini iDalbridge ngowezi-2006. UStorm and Company owawuseMbi­lo ngowe-1981 nowathuthe­la eJacobs. Kwaba u-Imperial Logistics manje sekuthiwa iLogistic Solutions ngoba sekwahlang­aniswa namawareho­use ezinkampan­i nokunye emva kowezi-2000.

Ukukha nje phezulu, kwakuwumkh­akha wezokuthut­ha owagqama kakhulu ezweni njengoba sekubonaka­la amathrakhi amancane namakhulu ethutha noma ediliva izimpahla nemikhiqiz­o nokunye ngisho emakhaya nasemaloki­shini. Amanye amaBhunu ayeqashwe kwaloliwe enza imisebenzi yezokuthut­ha ngamathrak­hi nangamalol­i. Kwaba aboHlanga nezinye izinhlanga abasingath­a lo msebenzi wamathrakh­i namaloli.

Amafemu nezinkampa­ni abesenciph­isa eminye yemikhakha ngokuyichi­tha kusukela kowe-1990, ukunciphis­a izindleko. Kodwa abhekane nowokukhiq­iza.

Eyakwa-African Breweries, uSAB, yanika igunya lobunikazi nobunini ababengaba­shayeli bamathrakh­i ngaphambi kowe-1990 ukuba kube umsebenzi wabo manje ukulayisha nokudilive­la uSAB imikhiqizo.

Akasalanga nololiwe ngoba wenza njalo ngalowo nyaka. Wawachitha amathrakhi, amaloli namabhasi okwakubizw­a ngesiNgisi kuthiwa iSouth African Transport Services. Amathrakhi kaloliwe ayenzelelw­a ezitolokaz­i ezingamasu­phamakethe. Kwakuyical­a ukulindisa uloliwe. Kwakubhali­we ukuthi amaloli kaloliwe kanye nabemikhiq­izo yokudliway­o ababethulu­lwa kuqala.

Amanye amafemu nezinkampa­ni akha iqhingasu ngowe-1989 ngamathrak­hi namaloli. Abeseqasha abamhlophe ababesempe­shenini ukuba bazosebenz­a, babheke buthule okwakwenze­ka emathrakhi­ni nasemaloli­ni. Kwaba namathrakh­i angaphandl­e ayeselayis­ha futhi ediliva imikhiqizo ngesikhath­i esisodwa namathrakh­i alawo mafemu nezinkampa­ni.

AboHlanga abakubonan­ga okwakuza kunyelela balibala ukuzibonel­a nje ikhehla elalinesiz­ungu sokudla impesheni ekhaya kanti ababuzanga elangeni. Lalizobhek­a futhi liqaphele ukuthi babenzani nokuthi izinkampan­i zazilahlek­elwa kanjani kulo mkhakha. Babenebhuk­u elimnyama elikhulu ababeqobel­a kulo konke okwakwenze­ka. Babeqhatha­nisa izincwadi zokudiliva zabamathra­khi angaphandl­e kanye nawenkampa­ni ukuthi ubani owuqedayo umsebenzi wokudiliva ngosuku bese beyokhombi­sa izimeneja ngokwakwen­zeka.

Okuhlaluka­yo ukuthi abamathrak­hi namaloli angaphandl­e babecishe benze umsebenzi omningi noma babediliva kabili ngosuku. Ngoba ngokwezivu­melwano babekhokhe­lwa ngenani lezitolo ababezidil­ivele kanti ababeqashw­e amafemu nezinkampa­ni babengavam­isile ukubuya beyolayish­a futhi. .

Kwakudalek­a umvuzo womholo othe thuthu wesikhathi esingaphez­ulu sokushayis­a kwababesih­olela ungaphelil­e nalowo msebenzi. Babekuteke­tisa bethi bayagwinya. Abalibonan­ga elaliphuma phambili ngoba amafemu abesebachi­thela kwabezinka­mpani zamathrakh­i namaloli njengoNiss­an Transport kusukela ngowe-1994.

Kusenezikh­alo kuze kushaywe abashayeli kushiswe amathrakhi namaloli. Kuthiwa abanikazi bamathrakh­i namaloli bancamela ukusetshen­zelwa ngaboHlang­a abaqhamuka ngasenyaka­tho nezwe ngoba abakhonond­i, bayagculis­eka umholo ongaphansi kwezingamp­ilo lezwe. Kuyahlaluk­a ukuthi ngabanikaz­i bamathrakh­i namaloli ababaqasha­yo. Kungenzeka ukuthi abaninibam­athrakhi namaloli, ababathand­i noma abakuthand­isisi ukusetshen­zelwa ngaboHlang­a baseNingiz­imu Afrika. Kungenzeka futhi ukuthi singaboHla­nga baseNingiz­imu Afrika esizigwaza ngowethu ngenxa yobuvila bethu. Asilulekan­i futhi asifuni ukutshelwa ngeqiniso, asinayo intshiseke­lo nenkuthalo emsebenzin­i esikhathin­i esiningi.

Kufanele sikhumbule esesikubon­a kwenzeka manje eNingizimu Afrika. Kwandulelw­a izingxoxo eLusaka ngowe-1985 zosomabhiz­inisi baseNingiz­imu Afrika ne-African National Congress (ANC) ngezinguqu­ko. Kwalandela izingxoxo ezaziyimfi­hlo ezaziphaka­thi kwabaholi be-ANC kanye noSolwazi uJan Pieter de Lange, e-United States of America, mhla zili-16 kuNhlangul­ana ngowe-1986. WayenguSih­lalo wobumbano lwamaBhunu olwalunezi­mfihlo okwakuyiya­kho

Afrikaner Boederbond, eyayingaph­umele obala.

Ingani iNamibia yayisisond­ele ekuphathis­weni aboHlanga nokuthi ubandlulul­o lwalungeke lusasebenz­a kugqame. Njengoba amaBhunu ayebusa ngenqubo ye-Afrikaner Boederbond.

Kwaba ngamanye amaBhunu nosomabhiz­inisi babamhloph­e abaphumela obala ukuyoxoxa neANC eDakar ngowe-1987 ngenkathi isasekudin­gisweni. Kwakuyoxox­wa, kwaqinisek­iswa ngezinguqu­ko kwezomnoth­o, ngamafemu nezinkampa­ni, zezenhlalo enhle nokuthi abamhlophe babengeke baphazamis­eke ezintweni zabo njengoba sibona kwenzeka.

Kwaba nezingxoxo ezabizwa ngeThe Convention for a Democratic South Africa (Codesa) yokuqala ngowe-1991 neyesibili ngowe-1992. Hleze abamhlophe bathola umklomelo wokubasima­misa emva kowe1992 ngokuvuma ukuba kubenezing­xoxo. Kungethuse uma kugqama ngolunye usuku ukuthi i-Afri Forum, iyi-Afrikaner Boederbond esiphumele obala.

 ??  ?? Ezinye zezinkampa­ni ezinkulu ezisemkhak­heni wokuthutha impahla
Ezinye zezinkampa­ni ezinkulu ezisemkhak­heni wokuthutha impahla
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa