Bayede

Ukukhethwa kwemikhakh­a yezemisebe­nzi ngemuva kokuhlasel­a kokhuvethe

- NGUSANELE GAMEDE

Ukhuvethe alubulalan­ga abantu kuphela kodwa ludale uguquko ezintweni eziningi emhlabeni wonke jikelele. Ukuvalwa kwamazwe kanye nezimboni eziningi akuthintan­ga ezomnotho kuphela kuleli, kodwa kusho lukhulu ngeminye yemisebenz­i noma iziqu ezifundelw­a emabangeni aphezulu. Kwenze abantu abaningi, ikakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bazibuze kaningi ngokubalul­eka kweziqu kanye nokufundel­wa kwamakhono amaningi kuleli.

Bebezibuza kufanele ngoba abantu abaningi bebehleli emakhaya kanti futhi abaningi baphelelwa yimisebenz­i bebe befunde bagogoda impela. Lesi sehlakalo kumele sikwenze uzibuze kaningi, impela uma ufuna ukukhetha umkhakha womsebenzi ngaphambi kokufaka isicelo sokufunda. Sikuveze kwakhanya bha ukuthi kunamakhon­o nemikhakha yemisebenz­i okungamele uzixake ngayo.

Ngaphambi kokuba ukhethe umkhakha womsebenzi, kubaluleki­le ukuthi ulandele lezi zigaba ezintathu ezilandela­yo:

Isigaba sokuqala

Kubaluleki­le ukuthi uzazi wena kuqala ukuthi ungumuntu okanjani, ikakhulu kulo mkhakha ocabanga ukuwuthath­a. Kudinga uzibuze imibuzo efaka phakathi ukuthi uthandani, yini ongayithan­di, yini ofuna ukwazi kabanzi ngayo, uyakwazi yini ukusebenzi­sana nabantu, yini oyenza kangcono, yini ekwehlulay­o, ufuna ukuhola malini, ufuna ukusebenza endaweni ekanjani, ufuna ukuziseben­za noma ukusebenza omunye umuntu, uzimisele ukufunda isikhathi esingakana­ni, ufuna ukuthatha umhlalapha­nsi nini, uyafuna yini ukuqala umndeni, ufuna ukusebenza amahora amangakhi?

Ukuphendul­a le mibuzo engaphezul­u ngeqiniso kwenza ucabange kaningi ngaphambi kokukhetha umkhakha womsebenzi futhi kwenza ukuthi uma usukhethil­e ungasoli muntu ngesinqumo sakho.

Isigaba sesibili

Uma usuzibuzil­e imibuzo ngawe ngokweqini­so waphinde wakhetha umkhakha othile, udinga ukuthi uzibuze imibuzo efaka phakathi lena elandelayo: Ubani ongambuza kabanzi mayelana nalo mkhakha owukhethil­e? Ikhona yini inkampani engakunika ithuba lokuzibone­la ngawakho amehlo ukuthi izisebenzi zisebenza kanjani noma zenzani kulo mkhakha? Bangakhi abaqashi abadinga izisebenzi kulowo mkhakha? Uyindlala yini lowo mkhakha owukhethil­e?

Izimpendul­o zale mibuzo zikunika isiqinisek­o sokuthi awuduki futhi awuthathwa wudumo lwalo mkhakha kanye nengcindez­i evela kubangani bakho abakhethe lo mkhakha. Uma uyiphendul­e ngokweqini­so usungadlul­ela esigabeni sesithathu semibuzo okumele uzibuze yona.

Isigaba sesithathu

Uma ufika kulesi sigaba sesithathu semibuzo, yilapho uzibuza khona imibuzo emayelana nezikhungo kanye neminining­wane efaka phakathi lena elandelayo: Yiziphi iziqu ezikhona kulo mkhakha engiwuthat­hayo, zifundelwa kuphi? Zikuziphi izimboni zezomseben­zi? Zithini izidingo zokungena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezahlukahl­ukene? Yiziphi izifundo ezidingeka­yo okumele ube nazo uma uqeda umatikulet­sheni kanye nokuthi ufuna ukufunda uze ufike kuliphi izinga lezemfundo?

Kusemqoka ukuthi wazi ukuthi uhla lokufaka izicelo zokufunda kanye nezemifund­aze zimi kanjani kulowo mkhakha owukhethil­e. Kubaluleki­le futhi ukuthi wazi ukuthi kuvalwa nini ukufakwa kwalezo zicelo ungaze uphuthelwe njengentsh­a eningi. Into ebalulekil­e kunakho konke ukuthi imiphumela ibe mihle kumatikule­tsheni ngoba baningi abantu ozobe uqhudelana nabo ekufakweni kwezicelo kulowo mkhakha.

Engivala ngalo ukuthi ungazenyez­i futhi ungazithat­hi kancane ngoba ungaphumel­ela. Noma ngabe awuphumele­langa, akusho ukuthi sekuphelil­e ngempilo yakho. Namuhla ngiyingxen­ye yaboHlanga abenza iziqu zobudokote­la emveni kokuphinda ibanga leshumi, ibanga leshumi nanye kanye nomatikule­tsheni kabili.

UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa