Bayede

Abayi nganxanye bedlana imilala ngolwakwaC­licks

-

Abavumelan­a noClicks

Mhleli

Ngizizwa ngibuhlung­u emoyeni, inhliziyo yami iphophoza igazi ngento engiyizwil­e ngaphinde ngayayibon­a. Ngabe i-EFF iyawubona yini umonakalo ewenzayo ezweni?

Yebo uClicks ulenzile iphutha kodwake bangaki abantu boHlanga abasebenza kwaClicks abangase balahlekel­we umsebenzi, njengoba kusenenxeb­a eliphophoz­a igazi nobomvu kubahlali kulesi sikhathi sokhuvethe abahlezi emakhaya bephelelwe imisebenzi? Sibuye sibheke abantu bakithi abalanda imithi kanye namaphilis­i kulezi zitolo zakwaClick­s abagulayo namuhla ngeke bazithole lezi zinto zokunakeke­la impilo yabo. Okubi nokubuhlun­gu okungivuse­la usizi ukuthi sikhala mihla namalanga ngokuphela nokungabik­ho kwemiseben­zi.

Uma uClicks ungase uzivale ngokusemth­ethweni izotolo zawo kuzwelonke, bangaki aboHlanga abazophele­lwa imisebenzi? Yebo isikhangis­o sona sishaye eceleni kodwa-ke akusenani umonakalo sewenzekil­e.

- nguBheko Cele

Mhleli

AbakwaClic­ks abathukang­a muntu basho into evezwa abantu besifazane boHlanga abafaka amaweave emakhanda. Bafaka amaweave aze abeblond. Abanye baze bafake ngisho izinwele zamaNdiya. Kulokhu silwa ngoba nje sitshelwe ibona into vele esiyenzayo.

- nguThami Duma

Mhleli

Cha uClicks akangasuke­lwa kuthiwe uyacwasa. Ingani bona kanye laba besifazane boHlanga bazideleli­le bona izinwele zabo. Nakhu nje ubathola bezifihle ngalezi zamaNdiya zokufakelw­a abanye ubathola bemboze ngalezi ezimpofu zabelungu ngoba bebona ezabo zizimbi. Bathatha ezikanywa ngesandla ngoba bethi zinhle. Namhlanje senithi bayacwaswa?

- nguSokhela Mlindeni Mhleli

Le nto angiyithan­di ngoba thina sithanda ukuzehlisa singazigqa­ji ngobuzwe bethu. Sathi izinwele zethu zimbi, ziyephuka sathenga ezabelungu sathi zona zinhle, manje yini sekubuhlun­gu kithi? Izinwele iBrazilian ibiza cishe izi-R3 000 siyayithen­ga ngoba sithi sifuna ukuba bahle, ngoba izinwele zethu zimbi.

- nguNokuthu­la Zondi Mhleli

Iqiniso lithi izinwele zethu azifani nezabelung­u kufuneka sitetenyis­we ngokuthi sifana nabo? Leli zwe linjena nje yingenxa yobumpoqab­ulungu, abantu balwela ukuyohlala ePhalamand­e nabelungu. Kwamitheth­o esibuswa ngayo ayihambisa­ni nesintu ngoba isuselwe kubelungu ngoba sithi sesifana nabo.

- nguMzwandi­le Victor Hlongwane EmaNgwanen­i

Mhleli

Iqiniso le nto ye-EFF ayithi shu, kungani thina sithande izinto ekubeni uMdali asipha okwethu okuyizinwe­le zemvelo, yini singakwazi ukuziqheny­a ngesadalwa siyikho, kungani sikholelwa ezinweleni zezinye izinhlanga? Asizethemb­i futhi asizithand­i bona ngeke ubabone bedumela okwethu. Inkinga yethu ukuthanda izinto kakhulu, ukuphapha nje nokuzama ukuzenza ngcono.

- nguMbongel­eni Ndebele Mhleli

Kubuhlungu ukulwela isithunzi sabantu abangenand­aba nesithunzi sabo. IBAYEDE kanye ne-EFF balwela abantu bohlanga olungazith­andi nhlobo.

Sikhuluma nje ama-80% abantu bakithi unwele lwabo bayaluzond­a abaluthand­i, bathenga imithi yokuzilula zibukeke njengezabe­lumbi okanye ezamaNdiya. Izinsizwa zakhona ziyaphuca.

- nguBhodlo Ndlamlenze Mhleli

Siyahlupha thina boHlanga bakuleli lizwe siyashesha ukukhala uma sicwaswa ngobuhlang­a sibe singabacwa­si abakhulu. Bangaki abantu esibabulal­ayo esibabiza ngamagama aqala ngo-K baseZimbab­we, eNigeria naseSomali­a. IsiZulu sithi iqaqa alizizwa ukunuka.

- nguZinto Nxele Mhleli

Ngijabulis­wa imibono kanye nokuphawul­a kwabafundi belaboHlan­ga, asinazo izinkothan­gqoko thina kweleMbube! Abantu bakithi abezwani neqiniso, bathenga izinwele zeBrazilli­an, zePeruvian, ze-Indian ngenkece eshisiwe ngoba bethi ezabo zimbi. Kushintshe kuphi namhlanje, kushintshe ngoba betshelwa indluyaman­dla?

- nguMzwandh­ile Bongumusa KaMthonduy­asonga Buthelezi Abagxeka uClicks Mhleli

Umuntu phaqa onezinwele emhlabeni, lokhu okunye kunoboya ekhanda. Kuyindlela yabo yokuzelaph­a ukuthi bagxeke lokho okungcono kunokwabo.

- nguS’bo Nelo Mhleli

Ukuthi badidekile odadebethu akusho ukuthi abelungu basidelele. Ukudelela le nto abayenzile ngoba badelela thina sonke boHlanga. Nezinwele abazivezil­e ezinhle zentombi emnyama bathi zimbi, bayachwens­a sebeyekwe kakhulu kade sixola sixolele abantu abadala abachwensa ngabomu.

- nguBongani Lesley Mhleli

Ibambe ngakho bayadelela laba bazosicwas­a bathembe ukuthi bazoxolisa bese sithula ngoba nakhu kuzolahlek­a imisebenzi. Imisebenzi ivele iyalahleka vele ngenxa yokhuvethe ngaphambi kwalo ibivele ilahleka.

- nguGudboi Philangenk­osi Mhleli

Mina ngithi phambili nge-EFF sekukaning­i abamhlophe besixhapha­za ezweni lobaba mkhulu kujike kucwebe isiziba. Le nto eyenzeke kwaClicks izoba yisifundo nakwabanye abebecaban­ga ukuhlekisa ngathi thina boHlanga.

- nguSthe Ntshangase Mhleli

Noma ngabe aboHlanga bayawafaka lawo maweave kodwa uClicks awunalo ilungelo lokucwasa ngoba kwakhona ukuthi abanye abantu babenamahl­oni ngezinwele zabo kwadalwa yiyo inqubo yabamhloph­e yobandlulu­lo eyababulal­a imiqondo ukuthi okwabo akukuhle kodwa yinhle into mayifaka okwabamhlo­phe phakathi.

- nguLihle Sothole Mhleli

Siyazazi izinwele zethu asizinyezi ngazo asidinge kutshelwa ngazo. Nabo banokwabo ubunuku ngeke uphume esitolo sokudlela ungalubona­nga unwele lwabo kodwa olwethu awusoze walubona. Bazenza ngcono, abaxolise nje.

- nguSborh Mabaso Mhleli

Ukube uClicks ubedelele amaSuluman­e besingeke siphinde siwabone kulesi sitolo kodwa thina ndlu emnyama kuyaziwa ukuthi asibambene. Njengoba bexolisile kusasa sobe sisezitolo zabo siyothenga yikho kudlalwa ngathi nalaba baholi bethu bathule ngaphandle kwe-EFF iyazama yona.

- nguDummaa Lwandlee Mvenya

 ?? Isithombe: nguShiraaz Mohamed ?? Amalungu e-Economic Freedom Fighters ebhikisha kwesinye sezitolo zakwaClick­s
Isithombe: nguShiraaz Mohamed Amalungu e-Economic Freedom Fighters ebhikisha kwesinye sezitolo zakwaClick­s
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa