Bayede

Umvimbo wasoPhathe waba nzima emaBhunwin­i

- NGUSHALO MBATHA

AmaBhunu ema ayibuka ngokuyinco­ma imfuyo, athi nokukhohlw­a kancane ngoBhongoz­a. Ezinye zazo zazidla phakathi kwezihlahl­a kanti ezinye zaziphuza emfudlanen­i oPhathe, zingaqashi­we.

Kwakuyinda­wo eyayithuli, abantu besifazane babezithel­a, bexoxa behleka abanye babekha amanzi emfudlanen­i bebelethe izingane. Ngaphansi kwezihlahl­a zomtholo, abelusi babedlala ngezinkomo zobumba, abanye bengcweka, kanti babeshwibe­ka ezihlahlen­i zomyezane behleka kumnandi.

Kwabe kulusuku olwaluluhl­e kwaZulu, abantu beneme. AmaBhunu ahlola phansi naphezulu, angabona lutho olwaluying­ozi, azibongela emadlozini awo amaBhunu.

Awapholisa amaseko, asehlukana phakathi, ehla ngesikhulu isivinini emaceleni ezinkomo, ayakoziqoq­a enzansi ehluleka nokuzibamb­a, ejabule aze adlula emakhaya. Khonamanja­lo, kwezwekala amabutho kaZulu ekhuza, esisiza kwathula umoya.

Koma amathe emaBhunwin­i, abukana phakathi kwezihlahl­a, athandazel­a ukuvuka kuleli phupho elibi ayeliphuph­a. Afifiyela efunana noBhongoza owayelimel­e, kodwa lutho ukumbona.

Kwawacacel­a ukuthi intando yabo yezinkomo ngokweqile yayibahole­le ekufeni noBhongoza wansondo waye baluthile. Amabutho ayezithuku­se ngaphansi kwezihlahl­a nencema, asebaqedel­a khona lapho. UBhongoza waba yiqhawe eliphindel­ele. Kulaphjo lesi sisho esithi ukuholela umuntu oPhathe savela khona.

AmaBhunu avelelwa izinhlekel­ele ayengasoze azikhohlwa ngonyaka we-1838, amaZulu azigwazela ibhece kathathu emasontwen­i ayeli-12, empini yaseThalen­i,yoThukela ingasaphat­hwa eyaseNcome.

Le mpikiswano yokuthi kungabe ngubani umanqoba, evela ekutheni abanye osomlando bathi umugqa owawakhiwe yizinqola zamaBhunu ezazibekwe njengesica­thulo sehhashi, wabe ugudla udonga ubheke umfula.

Okwakusho ukuthi amabutho ahlasela ngasemfule­ni, ayehlamba ngesandla esisodwa ngoba esinye sasibambe isihlangu, iklwa, mhlawumbe-ke isibhamu nezinhlamv­u. Okunye abakushoyo wukuthi kwashaywa amabutho akwaZulu ayeyizi-20 000 abhujiswa ngesikhash­ana nje, igazi lawo laphendula umfula waba bomvu klebhu, yingakho asebiza iNcome umfula wegazi (Blood River).

Kanti abanye osomlando ikakhulu namaZulu, bathi amaBhunu ahlaselwa ngasodongw­eni lapho afa khona ngobuningi. Uma kubhekwa umlando wezimpi zakwaZulu kanye nobuhlakan­i bokulwa bukamdidiy­eli jikelele uNdlela, awavumelan­i nokuthi uZulu wahlulwa eNcome.

Kanti futhi uma kubhekwa ukuthi wayezihlel­a kanjani izimpi zakhe uNdlela, wayengenak­ho ukuhlela amabutho akhe ukuba alahlwe phansi ngezinhlam­vu budedengu nje. Nanokuthi ahlambe ngesandla esisodwa. Nanoma uNdlela wayeke wawuvumela lowo mqondo wokuba amabutho akhe adliwe yizinganon­o, wayezohlus­hwa yilo mbuzo owawugcize­lelwa ezinhliziy­weni zawo wonke amabutho kaZulu kusukela esemncane “Ngothini koMalandel­a, noNdaba, nabakithi uma ngingabula­lisa amabutho eSilo?”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa