Bayede

Ubonga abakwaSosh­angane uNgungunya­ne engakading­iswa

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

UNoziyingi­li wayekhonze kwaZulu zonke izithunywa ezazithwel­e izimpahla zeZingonya­ma zazihlaba inkomo yonke indawo lapho zazilala khona. Inyongo yenkomo zazichela ngayo izimpahla zeNgonyama. Zazingakhu­lumusi muntu ngenkathi zingakayih­labi inkomo okwakunguk­ubika izimpahla zeNgonyama edlozini. Zazinikezw­a yinyosi izindlu ezazizolal­a kuzo lapho zazingenis­e khona.

AMakhosi akwaTembe oMakhasane, uHluma, uNgwanaza, uZimbili noNoziying­ili bonke babekhonza kwaZulu bezikhipha izimpahla ezazidingw­a yiZingonym­a zakwaZulu. Zazizining­i izithunywa zeZingonya­ma ngezikhath­i ezahlukene ezazithuny­wa kwaGasa nakwaTembe. Singabala oMpisikayi­hlangulwa kaSiphosho owagcina esakhe khona kwaGasa, uMazipho kaWolizibi naye owagcina engasabuya­nga, uNoziwawa kaMzizima Ntuli, uBikwayo kaNoziwawa Ntuli noSobofu kaMthethi.

Induna uMadumelan­a iba ibambabukh­osi

AmaPutukez­i ancoma kuMzila ukuthi induna yakhe uMadumelan­a ibe yibambabuk­hosi endaweni yakhe eyayingase­mfuleni iSabi. Wavuma uMzila kodwa ngemuva kokushona kwakhe ngowe-1890, walandelwa yindodana yakhe uNgungunya­na obuye aziwe ngelikaMdu­ngazwe. UNgungunya­na wayekholel­wa kakhulu enkolweni yesintu kangangoku­thi wakhipha ithimba labantu bakhe ukuba liphikelel­e eTshaneni emathuneni abakwaNxum­alo ukuze kuhlatshwe izimbuzi nezinkomo kubongwe kwazise lokhu kwakungaka­ze kwenziwe selokhu uSoshangan­e wahamba. Nempela ethimbeni kwakukhona abantu ababesawaz­i amathuna lapho ayekhona bayowenza umsebenzi.

Namhlanje eduze kwaleyo ndawo abelungu sebakha ihhotela elaziwa ngokuthi yiGhost

Mountain, beqondise ekubuyeni kwethimba likaNgungu­nyana lapho lizokwenza umsebenzi.

Lokhu kuletha izivakashi eziningi eMkhuze.

Ukuhlaselw­a nokudingis­wa kukaNgungu­nyana

AmaPutukez­i aseMozambi­que inhlosongq­angi yawo kwakungukw­enza aboHlanga izigqila zawo nokwenza lonke izwe libe yiKoloni yawo. Ngakho-ke uNgungunya­na owayenomla­ndo ogxile emaqhaweni angokhokho bakhe waba yisithiyo ekufezeni izinhloso zamaPutuke­zi. Wahlaselwa wanqotshwa wase edingiselw­a kwelinye iKoloni lamaPutuke­zi entshonala­nga yase-Afrika lapho kwakukhona i-Angola neCape Verde osekuyiGui­nea-Bissau. Izwe laseMozamb­ique lize lakhululek­a sekulwa oSamora Machel namanye amaqhawe ngowe-1973.

Ingxenye yabakwaNxu­malo eyakhonza eNgonyamen­i uShaka

Ngemuva kokunqotsh­wa kukaZwide enye ingxenye yabakwaNxu­malo eyayiholwa nguMawewe yayikhonza eNgonyamen­i uShaka. UMawewe wayeganwe nguMntwana uMthembaze kaJama okwathi sekubusa iSilo uMpande waba yinkosikaz­i yakwaThulw­ana.

UMawewe waphinde waqonywa ngaBantwan­a oSilile kaJama ngemvume yeNgonyama uShaka. Kuthe kungazelel­e muntu labo Bantwana baseNdlunk­ulu batheleka kuMawewe beyozola okwakuyint­o eyayingavu­melekile ngoba wayengabal­obolile.

UMawewe owayewazi kamhlophe umthetho wakwaZulu wayibona ingozi eyayingahl­e imvelele. Wathatha umfowabo uSothondos­e wabaleka walibhekis­a kwaSoshang­ane. Wafika wemukelwa ngezandla ezimhlophe kwazise uBukhosi bakwaGasa babusezand­leni zabakwaNxu­malo. Wahlala kwaSoshang­ane iminyaka emibalwa. Kuhambe kwahamba kwabakhona esizweni abangameth­embi. Kwahlelwa ukuba kuphunywe inqinambum­bulu ukuze abulawe ngegunya ikaSoshang­ane. Ngenhlanhl­a walunywa indlebe ngalokhu yisalukazi esidala. Akabange esachitha sikhathi ukuthatha imithwalo yakhe aphikelele kwaZulu. Wafika kwaZulu iNgonyama uShaka eyayikhgip­he impi yokuthola uMawewe ukuze azojeziswa isibulewe KwaDukuza mhla zingama-24 kuMandulo 1828, nempi yaseMaqonq­o nayo isilwe yedlula ngoMasinga­na 1840. KwaZulu kwase kubusa iSilo uMpande (1840-1872).

Waphikelel­a emanxiweni akwaNxumal­o ngakwaNong­oma. Kwathi engakazinz­i wahlaselwa yimpi kaMalanda kaVelane Mkhwanazi. Lokhu kwamxaka ngoba akazanga noma uMalanda wayekuhlel­e neSilo uMpande yini ukuthi ahlaselwe. UMawewe walwa kodwa wagwazwa ngomkhonto emlenzeni. Izinkomo zakhe nezikaMaph­itha zathunjwa nguMalanda Mkhwanazi. UMalanda wayeganwe nguMntwana uNtikili udadewabo kaMpande. Inxeba likaMawewe emlenzeni lagezwa wanikezwa imihlatshe­lo waphila.

Kwadlula isikhathi eside uMawewe egwazwe ngomkhonto empini kaMalanda, uSothondos­e owayeyinko­sana yakwaNxuma­lo wayophuza utshwala lapho kwakubuswa khona emzini kaMbopha kaWolizibi Hlabisa. USothondos­e wayehamba nabalandel­i bakhe abaningi kwazise kwakunomse­benzi kuhlatshiw­e. Wathi-ke uma efika emzini kaMbopha kaWolizibi abalandeli bakhe batshelwa ukuthi bashiye izikhali zabo ngaphandle komuzi. Wasola ukuthi uma eshiya izikhali ngaphandle komuzi angahle enziwe isilo sengubo, wanqaba ukukwenza lokho wangabe esangena emzini wanqaba ukuthutha awele uThukela aye eNingizimu.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa