Ubonga abakwaSoshangane uNgungunyane engakadingiswa
UNoziyingili wayekhonze kwaZulu zonke izithunywa ezazithwele izimpahla zeZingonyama zazihlaba inkomo yonke indawo lapho zazilala khona. Inyongo yenkomo zazichela ngayo izimpahla zeNgonyama. Zazingakhulumusi muntu ngenkathi zingakayihlabi inkomo okwakungukubika izimpahla zeNgonyama edlozini. Zazinikezwa yinyosi izindlu ezazizolala kuzo lapho zazingenise khona.
AMakhosi akwaTembe oMakhasane, uHluma, uNgwanaza, uZimbili noNoziyingili bonke babekhonza kwaZulu bezikhipha izimpahla ezazidingwa yiZingonyma zakwaZulu. Zaziziningi izithunywa zeZingonyama ngezikhathi ezahlukene ezazithunywa kwaGasa nakwaTembe. Singabala oMpisikayihlangulwa kaSiphosho owagcina esakhe khona kwaGasa, uMazipho kaWolizibi naye owagcina engasabuyanga, uNoziwawa kaMzizima Ntuli, uBikwayo kaNoziwawa Ntuli noSobofu kaMthethi.
Induna uMadumelana iba ibambabukhosi
AmaPutukezi ancoma kuMzila ukuthi induna yakhe uMadumelana ibe yibambabukhosi endaweni yakhe eyayingasemfuleni iSabi. Wavuma uMzila kodwa ngemuva kokushona kwakhe ngowe-1890, walandelwa yindodana yakhe uNgungunyana obuye aziwe ngelikaMdungazwe. UNgungunyana wayekholelwa kakhulu enkolweni yesintu kangangokuthi wakhipha ithimba labantu bakhe ukuba liphikelele eTshaneni emathuneni abakwaNxumalo ukuze kuhlatshwe izimbuzi nezinkomo kubongwe kwazise lokhu kwakungakaze kwenziwe selokhu uSoshangane wahamba. Nempela ethimbeni kwakukhona abantu ababesawazi amathuna lapho ayekhona bayowenza umsebenzi.
Namhlanje eduze kwaleyo ndawo abelungu sebakha ihhotela elaziwa ngokuthi yiGhost
Mountain, beqondise ekubuyeni kwethimba likaNgungunyana lapho lizokwenza umsebenzi.
Lokhu kuletha izivakashi eziningi eMkhuze.
Ukuhlaselwa nokudingiswa kukaNgungunyana
AmaPutukezi aseMozambique inhlosongqangi yawo kwakungukwenza aboHlanga izigqila zawo nokwenza lonke izwe libe yiKoloni yawo. Ngakho-ke uNgungunyana owayenomlando ogxile emaqhaweni angokhokho bakhe waba yisithiyo ekufezeni izinhloso zamaPutukezi. Wahlaselwa wanqotshwa wase edingiselwa kwelinye iKoloni lamaPutukezi entshonalanga yase-Afrika lapho kwakukhona i-Angola neCape Verde osekuyiGuinea-Bissau. Izwe laseMozambique lize lakhululeka sekulwa oSamora Machel namanye amaqhawe ngowe-1973.
Ingxenye yabakwaNxumalo eyakhonza eNgonyameni uShaka
Ngemuva kokunqotshwa kukaZwide enye ingxenye yabakwaNxumalo eyayiholwa nguMawewe yayikhonza eNgonyameni uShaka. UMawewe wayeganwe nguMntwana uMthembaze kaJama okwathi sekubusa iSilo uMpande waba yinkosikazi yakwaThulwana.
UMawewe waphinde waqonywa ngaBantwana oSilile kaJama ngemvume yeNgonyama uShaka. Kuthe kungazelele muntu labo Bantwana baseNdlunkulu batheleka kuMawewe beyozola okwakuyinto eyayingavumelekile ngoba wayengabalobolile.
UMawewe owayewazi kamhlophe umthetho wakwaZulu wayibona ingozi eyayingahle imvelele. Wathatha umfowabo uSothondose wabaleka walibhekisa kwaSoshangane. Wafika wemukelwa ngezandla ezimhlophe kwazise uBukhosi bakwaGasa babusezandleni zabakwaNxumalo. Wahlala kwaSoshangane iminyaka emibalwa. Kuhambe kwahamba kwabakhona esizweni abangamethembi. Kwahlelwa ukuba kuphunywe inqinambumbulu ukuze abulawe ngegunya ikaSoshangane. Ngenhlanhla walunywa indlebe ngalokhu yisalukazi esidala. Akabange esachitha sikhathi ukuthatha imithwalo yakhe aphikelele kwaZulu. Wafika kwaZulu iNgonyama uShaka eyayikhgiphe impi yokuthola uMawewe ukuze azojeziswa isibulewe KwaDukuza mhla zingama-24 kuMandulo 1828, nempi yaseMaqonqo nayo isilwe yedlula ngoMasingana 1840. KwaZulu kwase kubusa iSilo uMpande (1840-1872).
Waphikelela emanxiweni akwaNxumalo ngakwaNongoma. Kwathi engakazinzi wahlaselwa yimpi kaMalanda kaVelane Mkhwanazi. Lokhu kwamxaka ngoba akazanga noma uMalanda wayekuhlele neSilo uMpande yini ukuthi ahlaselwe. UMawewe walwa kodwa wagwazwa ngomkhonto emlenzeni. Izinkomo zakhe nezikaMaphitha zathunjwa nguMalanda Mkhwanazi. UMalanda wayeganwe nguMntwana uNtikili udadewabo kaMpande. Inxeba likaMawewe emlenzeni lagezwa wanikezwa imihlatshelo waphila.
Kwadlula isikhathi eside uMawewe egwazwe ngomkhonto empini kaMalanda, uSothondose owayeyinkosana yakwaNxumalo wayophuza utshwala lapho kwakubuswa khona emzini kaMbopha kaWolizibi Hlabisa. USothondose wayehamba nabalandeli bakhe abaningi kwazise kwakunomsebenzi kuhlatshiwe. Wathi-ke uma efika emzini kaMbopha kaWolizibi abalandeli bakhe batshelwa ukuthi bashiye izikhali zabo ngaphandle komuzi. Wasola ukuthi uma eshiya izikhali ngaphandle komuzi angahle enziwe isilo sengubo, wanqaba ukukwenza lokho wangabe esangena emzini wanqaba ukuthutha awele uThukela aye eNingizimu.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.