INgonyama uShaka iyaxolela ngeleNdlovukazi uNandi
Lwaqala udaba lukaMphithikazi, kubonakala ukuthi iNgonyama ifuna ukumudla nezibi. Kuthe uma ezinye zezinduna zibona ukuthi akasoze adabule ngalelo cala lakhe. Kwaba nothile okusolakala ukuthi wanyonyoba wayobikela iNdlovukazi uNandi ukuthi kubi enkundleni, kayiphuthume iyoshwelezela uMphithikazi.
Kuthe lapho iSilo sesiphakathi nokuqula leli cala, sekubonakala ukuthi isiphikelele ekulinqumeni, kwaqhamuka iNdlovukazi kuwona lowo mnyama. Bayizwa isimhasha ngezibongo zakhe isidilika phezulu ithi:
Uteku lwabafazi bakwaMgabhi Ababetekula behlezi emloveni
Bethi uShaka akayikubusa Kayikuba Nkosi
Kanti yilapho ezakunethezeka khona INgonyama uShaka yabonakala sengathi ifika lapho idideka khona. Yabuka iNdlovukazi yayigqolozela ezinhlamvini zamehlo. Yasho yehluleka ukuzibamba izwa ulimi olumnandi lweNdlovukazi olubethebethe, yakhumbula izinsuku zakudala lapho eyayimhasha khona ngokuthi ngumlilwana wayo. ISilo sasho sehluleka ukuzibamba, sabonakala sesimamatheka, sikhangwa ubuhle bentombi kaMbhengi weNguga.
INdlovukazi yamncengela uMphithikazi ukuba angabulawa. Nebala iLembe lalihlonipha izwi leNdlovukazi, labeselithi uMphithikazi angabe esabulawa. Kwaba ukuphunyuka kwakhe emlonyeni wengweny. Yalimisa ngembaba iNgonyama elokuthi usindele iNdlovukazi. Ukuba kayivelanga yazomcelela uxolo, ngabe limshonele. Omunye owasinda emlonyeni wengwenya ngokushwelezelwa yiNdlovukazi nguMntwana uXhoko kaNdaba, oyikhanda lesizwe sakwaBiyela. Umntwana uXhoko icala lakhe kwaba ukusindisa abathakathi ababesuke sebenukwe yizangoma iNgonyama uShaka isithe kababulawe. Kwakuthi uma umthakathi esenukiwe yizangoma, bese iNgonyama ikhipha izwi ilibhekise kuMntwana uXhoko ithi akahambe ayobabulala esiweni samanqe kwaNkatha. UMntwana uXhoko waqala wababulala abokuqala, kodwa kwathi uma ebona abantu beSilo sebenukwa imihla namalanga yizangoma, wabona lona weSilo ukuthi isigcino kuzophela isizwe sikaPhunga noMageba.
Wagcina engasababulali uma sebegwetshiwe. Wayebathatha kube sengathi uyobabulala, anele asithele eSilweni abashushumbise njalo ayobakhisa eduze komfula iMfule, endaweni yakwaNomponjwana. Kuhambe kwahamba, kwathi uma iSilo uShaka sibiza amabutho esigodlweni kwaBulawayo uMntwana uXhoko aqhamuke namaviyo esabekayo. Lalifika elakhe ibutho lenze umsebenzi omkhulu ngesikhathi esincane. Kwagcina sekuthi uma iNgonyama imemezela ukuthi izikhulu zezwe kazizokwethula insonyama yaseNdlunkulu, uMntwana uXhoko kuthiwa wayeqhamuka nomkhulu umhlambi wezinkomo. ISilo sagcina sesimbuza manje umkhulu waso ukuthi uzithathaphi lezi zinkomo ezingaka? Kuthiwa zayima emthumeni kuMntanenkosi uXhoko ukuthi uzophuma ngaliphi embuzweni weSilo. Phela iSio kasifihlelwa lutho ngoba sona siyizwangomoya. Ekugcineni wazidela amathambo uMntwana, walikhipha lonke iqiniso. Kwathi lapho iNgonyama ikuzwa lokho ayeziphendulela ngakho, yakhuza yababaza umhlola owenziwa nguMntwana phakathi kweze likaZulu. Yambuza izizathu ezenza ukuba avikele abathakathi sebeqede isizwe sikaMalandela. UMntwana waphendula wathi: “Chabo Ngasitha, ngabona ukuthi uzoze uqede isizwe sakho ngenxa yezangoma, noma sekubonakala ukuthi kazisakhulumi lona iqiniso phakathi kwezwe.” Waqhubeka uMntwana wathi: “Ngangibathatha ngamunye ngiyobakhisa lena phezu komfula iMfule ukuze bakuzalele khona amabutho akho.”
Nalapho kwabonakala ukuthi ukuziphendulela koMntwana uXhoko kungeze kwamphephisa olakeni lweSilo. INgonyama yathi “Xhoko ungavikela, ubiyele abathakathi sebeqede isizwe sikaBaba, uthi wenzela mina, kepha ungangitsheli?” Kwathi ukuba zibone izinceku ukuthi nakhu kuzokwehla inhlekelele kulimale uMntanenkosi ngenxa yokuphephisa kwakhe abathakathi, kwasuka enye kwasengathi iyochitha amanzi, kanti isiyomkhalela eNdlovukazini uNandi. INdlovukazi yalungena nayo lolu daba loMntwana uXhoko ngokuthi ibhekise ukukhuluma eSilweni ithi: “Nalapho ebabiyele khona uXhoko kusengabakho Malandela.” Kwathi lapho iNgonyama uShaka izwa la mazwi eNdlovukazi, yase imxolela uMntwana uXhoko yathi kuye “Usuzoba nguBiyela ngoba nakhu uBiyela abathakathi wabasindisa ekufeni.” Kwathi bonke abantu bendlu yoMntwana uXhoko base bebizwa ngokuthi ngabakwaBiyela kusukela ngalelo langa. INgonyama uShaka yayimhlonipha kakhulu unina oyizalayo, kwakwala noma ngabe ithukuthele kangakanani, kepha izwi lakhe lokuyala nokuyeluleka lalingaweli phansi. Impumelelo yokubusa kwayo yayixhaswe kakhulu yiNdlovukazi. Okuningi okwakenziwa yiNgonyama yayikuthathisele esikhupheni kuNdlovukazi. Iqhaza layo iNdlovukazi libonakala lize licace ekukhothameni kweNdlovukazi. Ukuba kayisheshanga yahamba emhlabeni, mhlawumbe ngabe iSilo uShaka kabaphuthumanga basakhela uzungu lokuba basibulale. INdlovukazi yayilokhu imxwayisile umtanayo ngobungozi babafowbo, uMhlanganani, uDingane kanye noMbopha, kepha iSilo sakuthatha kalula. Kungaphawulwa lokho ngoba kwakuyothi uma kusolakala okuthile, izinhloli zeNdlovukazi zigijime ziyoyiluma indlebe, bese iyalunqanda lolu laka olwase luhlelwa.
ISilo uShaka abakwabo basakhela ugibe nje, baluchela esizweni ngokuthi iSilo esabulala iNdlovukazi esiyizalayo. Bathi-ke abantu ibingabacabangela kanjani, ingababulali uma ikwazi ukubulala unina oyizalayo? Ngale nkathi iSilo sasikhiphe izwi lokuthi kabajeziswe bonke labo abangakukhaleli ukukhothama kweNdlovukazi. Kwabulawa abantu abaningi ngelanga elilodwa. Base bekujika abakwabo bathi neNdlovukazi yiso iSilo, ngakho sizobaqeda bonke abeNdlunkulu kanye nesizwe sikaMalandela.