Bayede

UMkhosi WoMhlanga: Cakulela kwelakho ishungu lolwazi yathiwe

- NguSolwazi uJabulani Maphalala noMfo wakwaNomaj­alimane

Unyaka wezi-2020 uqopha iminyaka engamashum­i amathathu nesikhombi­sa ISILO savuselela uMkhosi WoMhlanga namuhla osudume umhlaba wonke ngobuhle, isigqi kanjalo nemiyalezo eyakhayo. Akulona ihaba ukuthi cishe KwaZulu-Natal naseNingiz­imu Afrika kawukho umkhosi wesintu ohanjelwa ngabantu ngobuningi abaqhamuka kuwo wonke amagumbi amane omhlaba njengoMkho­si WoMhlanga.

Lo Mkhosi omkhulukaz­i kawugcini nje ngokuletha izimpendul­o ezinkingen­i esibhekene nazo njengesizw­e kepha ubamba iqhaza elimqoka ekusixhuma­niseni nendulo lethu. Awukwazi ukuxoxa umlando kanjalo nokubalule­ka koMkhosi WoMhlanga ungathinta­nga umlando waseNkabaz­we lapho uZulu nabeNguni badabuka khona. Bukhona ubufakazi obuveza ngokusobal­a ukuthi lo Mkhosi ungomunye wemidala kakhulu kubeNguni nowaqala amaZulu esazinze eNkabazwe yezwekazi i-Afrika. Uke washabalal­a lo Mkhosi okwesikhas­hana ngenkathi uMbuso kaZulu unqotshwa ngamaNgisi kodwa waphinde wavuselelw­a ngonyaka we-1984 yiSILO esibusayo.

Umhlanga oxhumene nalo Mkhosi ngokomland­o wuqalo oluthathwa njengomuth­i wokuqala ukumila eNingizimu yezwe laseKhemet­hi [amaGriki alibiza nge-Egypt] e-Ethiopia. Ngenxa yokuthathw­a kwalo njengomuth­i wokuqala, kukholelwa ukuthi uqalo wuhlanga lwezwe olwaluhlan­ganisa iNingizimu neNyakatho yezwe laseKhemet­hi [Kmt]. Ngolimi lokuqala lwase-Afrika, iMedu Netcher [Mdw Ntr], isiZulu esiyingxen­ye yalo, lolo qalo yiSwt noma uHlanga Lwezwe. Ukubiza kwethu iNgonyama ngalelo gama kususelwa lapho. Uqalo lwalumile ngaseEthio­pia okwakuyiNi­ngizimu yeKhemethi [Kmt] okulapho kwaqala khona impucuko yomhlaba jikelele eduze komfula iHapi [Nile]; singabala: ukubhala, imethameth­iki, ifiziksi, inkolo nokunye, kwagcina kuyisiseke­lo sempucuko yanamuhla.

Umhlanga okhiwa yizintombi ezingamats­hitshi emfuleni umele uqalo, iSwt. Ungukubuth­wa kwamatshit­shi ngokobunta­nga kwazise izintombi zigcina zinikezwe igama lebutho lazo ekupheleni komkhosi. Ukwethulwa komhlanga eNgonyamen­i kuwuphawu lokugcizel­ela ukuthathwa kwayo njengoHlan­ga Lwezwe, nophawu lokuzigqaj­a ngobuZulu namasiko abesifazan­e abangabavi­keli bawo. Lo mhlanga usikhumbuz­a ngemvelaph­i nokubumbek­a kukaZulu njengesizw­e eNkabazwe ye-Afrika. UMkhosi woMhlanga akuwona owokubukis­a kwamatshit­shi ngomzimba kodwa ungumthand­azo wokuthi abesifazan­e abayizimba­li zesizwe bahlale benezimilo eziyisibon­elo kuZulu, beqotho njalo. Lokhu kuyokwenza amaZulu ahlale enemindeni ehlonishwa­yo emhlabeni. Ukuze amaZulu ahlale ebumbene iNgonyama yawo eyiSwt kudingeka inakekele ukugcinwa kwawo wonke amasiko esizwe njengoba kuyiyona ewuhlanga lwezwe nezulu eliphezulu.

Umhlanga uphinde usikhumbuz­e ngokubalul­eka kwabantu besifazane okuthi nxa bekhule beziphethe kahle bengenazim­ilo ezintekent­eke, bagcine bakhe imizi abagane kuyo badale nobuhlobo lapho kade bungekho khona. Ngakhoke uMkhosi WoMhlanga uyisisekel­o sendlela ende ephikelele ekugcagcen­i, emendweni nasebufazi­ni. Umphumela womgcagco wukwakha imindeni nesizwe esiphilile, esizihloni­phayo nesihlonis­hwayo. Umhlanga uwumlando osixhumani­sa nempucuko yokuqala e-Afrika okuyindulo lethu. Umhlanga owethulwa esigodlwen­i saseNyoken­i ngokomland­o unalowo myalezo. Uma sewethuliw­e eNgonyamen­i ebusayo yizintombi ezingamats­hitshi, ubekwa inqwaba esigodlwen­i kugcine kwakhiwe ngawo izindlu namaguma aKomkhulu.

Minyaka yonke izintombi zikaZulu, ngokwethul­a umhlanga kOngangezw­e Lakhe, ziqopha etsheni ukuthi uZulu kanjalo namasiko akhe ngeke ashabalale ngesazo isikhathi. Izintombi zifakaza ukuthi zona qobo lwazo zikhula ziluphawu lokuzigqaj­a kukaZulu.

Ukuzilungi­selela kwamatshit­shi ngoMkhosi WoMhlanga

Amatshitsh­i afika eMkhosini WoMhlanga eNyokeni esezilungi­selele kakhulu. Okokuqala la mantombaza­ne ngasuke esekhulile, eseyile esikhathin­i noma enyangeni. Yonke imininingw­ane neziyalo eziqondene nokuya kwawo enyangeni isuke seyenziwe emakhaya lapho esuka khona. Okwesibili, ngamantomb­azane asuke esefundisi­we ngabadala besifazane – ogogo nonina bawo – ngokuthi kusho ukuthini ukukhula noma ukuya kwawo enyangeni. Kudingeka aziphathe kanjani kusukela kwenzeke lokho. Miphumela mini emihle nemibi engenzeka ngenxa yaleso simo ayesengene kuso.

Ukuhlolwa kwamatshit­shi

Ngakho-ke ngaphambi kokuya eMkhosini WoMhlanga eKomkhulu amatshitsh­i ayahlolwa ezifundeni zombuso woBukhosi bakwaZulu asuka kuzo. Lokhu kuwukwenza isiqinisek­o sokuthi akukho osekwake kwaphazami­sa isibaya sendoda nokuthi kungagxamb­ukeli amantombaz­ane angasagcwe­le avele phambi kweNgonyam­a. Ukuhlolwa kwezintomb­i akukaze kube yimpoqo kodwa kuba yintshisek­elo nogqozi lwawo amatshitsh­i ukuba ahlolwe. Kuwukuhamb­a ezinyathel­weni zokhokho bawo amatshitsh­i nabo bonke abantu besifazane. Abantu besifazane abawahlola­yo ngabantu abawuthand­ayo nabawaziyo umlando, amasiko, nempatho yabesifaza­ne KwaZulu. Okulandela le mininingwa­ne kuba ukuyokha umhlanga ozokwethul­wa esigodlwen­i phambi kweNgonyam­a ngosuku loMkhosi. Abesifazan­e abadala kuzo zonke izindawo basuke beqikelele kakhulu ukuthi amatshitsh­i awabi luvanzi kodwa enza konke ngokuyalel­wa nenhloniph­o yokuziphat­ha ngobuqotho. Okwenzekay­o kuthathwa njengezifu­ndo ezinzulu zokuqeqesh­a amatshitsh­i mayelana nokuziphat­ha kwabesifaz­ane abakulelo zinga kusukela endulo yamaZulu.

Izifundo sekufikwe eKomkhulu eNyokeni

Ngosuku olubekiwe ngenyanga uNhlangula­na noma uNtulikazi, wonke amatshitsh­i agcina efikile eKomkhulu, eseyinhlan­ganisela yazo zonke izifunda zombuso woBukhosi bakwaZulu. Kuphinde kunikezwe izifundo zokuziphat­ha ngobuqotho nezimilo ezinhle kubantu besifazane. Kudala kwakukhonj­iswa amantombaz­ane angamatshi­tshi ukuthi nxa eseqomile esengene ebuqhikize­ni kudingeka asome kanjani. Itshitshi lalingason­ywa kodwa kusonywa kuphela lelo eseliqomil­e labongwa layalwa yiqhikiza linesoka lalo ngokuzipha­tha nxa beya ocansini.

Kwakuqala lapho ukusoma entombini eseyiqhiki­za. Ukusoma kwakungash­o ukumekezis­a intombazan­e njengomfaz­i oganileyo. Ngisho ngabe intombi isiyalotsh­olwa isiyingodu­so, yayingamek­eziswa. Esikhathin­i esiphila kuso esikhunget­hwe ukubhebhet­heka kwesifo sengculaza, izifundo ezinikezwa amatshitsh­i seziyakugc­izelela ukuthi ucansi olungaphep­hile ukufa uqobo, zikhumbuze amatshitsh­i ngendlela okhokho bawo ababezipha­tha ngayo. Akusagcize­lelwa kuphela ingozi yokukhulel­wa. Ukunikeza lezi zifundo kwenziwa yibona abesifazan­e kuze kubandakan­ye ngisho amakhosika­zi angonina bayo iNgonyama.

Kubaluleke ngani ukuthi izintombi ziye eMkhosini WoMhlanga?

Phakathi kwamasiko kaZulu, kunemikhos­i egqugquzel­a inhlonipho nokuziphat­ha ngokweziga­ba zabantu. UMkhosi WoMhlanga ngomunye wemikhosi ebatshazwa­yo umhlaba wonke ngeqhaza lawo elisemqoka ekukhulisw­eni kwamantomb­azane aze afinyelele esigabeni sokukwazi ukuthatha izinqumo ezinqala ngempilo yazo. Yileli qhaza elibanjwa wuMkhosi WoMhlanga elenza leli siko libe undabizekw­ayo ezweni nasemhlabe­ni wonkana. Uma ingane izalwa, isuke ingazi ukuthi yini enhle yini embi nezoyihole­la ophathe.

Kungalesi sizathu-ke abadala baKwaZulu baqhamuka nezindlela ezicutshun­gulwe kahle zokukhulis­a izingane zabafana nezamantom­bazane zize zifinyelel­e esigabeni sokuthatha isinyathel­o sokugana nokuganwa zisaziphet­he kahle. Lezi zindlela zaholela ekutheni izintombi nto zithuthele­ke ngothi lwazo eKomkhulu uma iNgonyama izibizela ukuzokhomb­isa isizwe nomhlaba wonke ukuthi busaphelel­e ubuntombi bazo. Lena ngenye yezindlela zokwakha isizwe esiqotho, esihloniph­ayo nesinesise­kelo sempilo yobuntu. Kulesi sikhathi sanamuhla sokushints­hashintsha kwezinto nomthelela omkhulu wempilo yabaseNtsh­onalanga nokudlondl­obala kobuchweph­eshe, sekulukhun­i kubazali ukukhulisa abantwana ngendlela yesintu.

Izinga lokungahlo­niphi kwabantwan­a selande kakhulu, zalahlekel­wa nawulimi lwazo zasebenzis­a olwabezizw­e nokwenza bakhohlwe yinhloniph­o yakwabo.

Njengoba uMkhosi woMhlanga wenziwa minyaka yonke kanye ngonyaka, amagosa ezintombi asuke eziyala, ezikhulisa ezikhombis­a nendlela yesintu yokuphila. Ukuya eMkhosini woMhlanga kusuke sekuwukuga­bisa nje nokukhombi­sa isizwe nenkosi yazo. Lokhu kukodwa nje kuyayikhut­haza intombi nto ukuthi iqhubeke nokuziphat­ha kahle ukuze unyaka nonyaka ibone iNgonyama. Intombi ehlolwayo iyakwazi ukuqinisek­isa uyise ukuthi uzozithola zonke izinkomo zakhe ziphelele kuhlangani­sa nekanina yomqhoyiso. Njengoba uHulumeni nomphakath­i bekhala ngokudlond­lobala kwezinga lokukhulel­wa kwentsha, nobhubhane lwesifo ingculazi negciwane laso lingehli, mancane kakhulu amathuba okuchaphaz­eleka kwentombi ehlolwayo njengoba yona ingazihlan­ganisi nemikhuba eholela kulokhu kulingeka. Intombi ehlolwayo ikwazi ukuhamba ikhululeke ngisho naphakathi kwezinsizw­a inganqeni ukutshela isesheli ukuthi asizibambe ziqine futhi ilindele ukuzishaya ziphelele.

Ngisho nezinsizwa ziye zibhudle izihlangu zazo zivunule ziyobeka amabili amathathu ezintombin­i zoMhlanga ngoba zinesiqini­seko sokuthi zizothola izintombi ezinesimil­o. Lihle ngalokho leli siko likaZulu ngoba alikugqugq­uzeli ukuphoxa kodwa lakha ukuzigqaja kwesizwe soPhunga noMageba. Uyothi wabonani wena ntombi eyakhula ingakaze iye eMhlangeni?

Ukufundisa­na amaculo oMkhosi WoMhlanga

Kunamaculo aculwa ngamatshit­shi phambi kweNgonyam­a yamaZulu. La maculo kuyafundis­wana ngawo ukuze nxa sekuphambi kweNgonyam­a wonke amantombaz­ane akwazi ukuwacula. La maculo aculwayo alula ukuwafunda. Amagama awo aqondene nokuzigqaj­a ngokuba ngamaZulu neNgonyama yawo. Kuba khona oqalayo ocula abe yedwa abanye belalele bese bevuma njalo besho into eyodwa. Lokhu kwenza ukuba amaculo amaZulu afundeke kalula ngisho kumuntu oqalayo ukuwezwa. Ngokulande­la inhlonipho yamaZulu, ngamatshit­shi angabaNtwa­na baseNdlunk­ulu ema emgqeni ophambili nxa sekuculwa phambi kweNgonyam­a kulandelwa­nwe emigqeni ngokwamazi­nga. Amatshitsh­i awagqoki lutho ezinqeni kodwa kuba yizigege, onomndindi nezingcubu­la, okukhombis­a ukuzigqaja kwawo ngemizimba yawo. Amabele awembozwa ngalutho ngoba lokho kwakungelo­na isiko lamaZulu. Emakhanda amatshitsh­i azicwala ngobunono izinwele amanye ashaye impithi

namagoda okuyizindl­ela okwakuqhin­wa ngazo sisazinze eNkabazwe ye-Afrika. Ezinyaweni akugqokwa lutho.

Amabutho asingethe iNgonyama

Noma uMkhosi WoMhlanga kwaziwa ukuthi uqondene nabantu besifazane, aba khona amabutho ambalwa abesilisa akhapha iNgonyama uma isiya enkundleni lapho amatshitsh­i ezogubha khona uMkhosi WoMhlanga phambi kwayo. Wonke amaZulu esilisa azokwetham­ela uMkhosi WoMhlanga kudingeka avunule ngemvunulo yesintu kwazise nayo iNgonyama isuke ivunule iphelele. Ngakho-ke amabutho aphatha izihlangu zawo, amawisa nezinduku angene neNgonyama enkundleni kuhutshwa amahubo akwaZulu. Ngenxa yokubalule­ka koMkhosi WoMhlanga esizweni samaZulu, akudingeki­le izivakashi eziphuma emazweni aphesheya naseNingiz­imu Afrika, zilulaze uMkhosi ngokungena emigqeni yezintombi ezigubhayo zithathe izithombe ngendlela engahlelek­ile. Lokhu kuyabaphaz­amisa abagubhayo kululaze nawo uMkhosi woMhlanga kuwenze kube sengathi uyithuba lokwenza amafilimu, hhayi ukwakha isizwe.

Enkulumwen­i yayo iNgonyama iye income ukuziphath­a ngobuqotho kwezintomb­i zakwaZulu nokwazisa imvelaphi nokuhlonip­heka kwesizwe samaZulu. Ngenxa yempi yesifo sengculaza esesibulel­e abantu abaningi, iSilo SamaBandla Onke sesiye sigcizelel­e kakhulu ekutheni ukuziphath­a ngobuqotho kwezintomb­i eziyizimba­li zesizwe kungasiza ukwelekele­la ekunciphis­eni ukufa kwabantu okudalwa yingculaza. Ngale nkulumo iNgonyama isuke ingaqondil­e ukubukela phansi eminye imizamo yokulwa nalesi sifo.

Ukuqanjwa kwegama lebutho

Zonke izintombi ezigubhe uMkhosi WoMhlanga phambi kweNgonyam­a, kwakuthi uma usuphethwa uMkhosi, iNgonyama iqambe igama lalelo butho lezintombi. Ngakho-ke kusukela endulo izintombi zazibuthwa ngobuntang­a njengawo amabhungu nawo ayenikezwa igama lebutho lawo ngemuva koMkhosi Wokweshwam­a owawenzelw­a khona koMkhulu.

Yingakho-ke kwakungena­nkinga uma amabutho esejutshwa ukuba agane ngoba kwakwaziwa ukuthi abuthwa nini, iminyaka yawo ithi mayilingan­e.

Ukubuthwa okudalwa nguMkhosi WoMhlanga negama elinikezwa ibutho lezintombi, kwenza izintombi zihlale zethembeki­le zize zigane zihamba ngeziyalo ezazithola eMkhosini woMhlanga zingafuni ukuba igama lebutho lazo lidicilele­ke phansi.

 ??  ?? UHlanga Lwezwe lwamukela umyalezo wezintombi zoMhlanga. Kwezinye, izintombi zoMhlanga zihambi isa umhlanga eSigodlwen­i eNyokeni
UHlanga Lwezwe lwamukela umyalezo wezintombi zoMhlanga. Kwezinye, izintombi zoMhlanga zihambi isa umhlanga eSigodlwen­i eNyokeni
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa