Bayede

Ngomkhosi iqokwa yiSILO iNkosazane ehola izintombi eMhlangeni

-

Abantu abaningi bahlezi bezibuza ukuthi ngabe iyiphi indlela esetshenzi­swa eNdlunkulu kaZulu ukuqokwa kweNkosaza­ne ekha nephatha umhlanga wokuqala owamukelwa yiSILO SamaBandla. Akungatsha­zwa futhi akubuzwa ukubalulek­a kwalo Mkhosi esizweni samaZulu ngoba phela uthinta izintombi ezingumhla­hlandlela wekusasa nesiqinise­ko ngesimo isizwe esizoba ngaphansi kwaso.

INdlunkulu kaZulu yahlukanis­eke ngezigodlo eziyisikho­mbisa, zonke ezisenyaka­tho yesifundaz­we. Kulabo abebengazi, Ongangezwe Lakhe nguye oqoka iNkosazane ezokha iphinde iphathe umhlanga wokuqala omukelwa yiZulu’ eliphezulu ngosuku lomcimbi.

Kunezinto ezithile ezibhekway­o ngaphambi kokuthi iSILO simemezele ukuthi kuqokwe yiphi iNkosazane ngalowo nyaka.

Njengoba lo Mkhosi uqeda iminyaka engama-37 wavuselelw­a Ongangezwe Lakhe, maningi amakhosaza­ne aseNdlunku­lu aseke akha aphinde aphatha umhlanga wokuqala.

Okubalulek­ile ngokuqokwa kweNkosaza­ne ezophatha umhlanga ngalowo nyaka wukuthi kumele kube yileyo esuke ingene ebuntombin­i ngaphambi kokukufika komcimbi woMkhosi WoMhlanga.

Njengoba kwenzeke kuyo yonke imizi ukuthi izintombi zibikele onina uma zingena ebuntombin­i, naseNdlunk­ulu aMakhosaza­ne enze njalo. Kuba semahlombe kaNdlunkul­u ukudlulise­la umbiko eSilweni ukuthi iNkosazane ethile isikhulile.

Lokho kusiza ukuthi uma sekumele iMbube iqoke ozokha aphathe umhlanga wokuqala, kubhekwa iNkosazane ekhule kuqala noma engene kuqala ebuntombin­i ngalowo nyaka.

Uma kwenzekile aMakhosaza­ne aseNdlunku­lu angena kanyekanye ebuntombin­i noma akhula ngonyaka

owodwa, kubhekwa ongene kuqala bese kuqokwa yena.

Leyo Nkosazane esuke iphathe umhlanga wokuqala yiyo futhi ewudlulise­la kOngangezw­e Lakhe ngosuku lomcimbi omkhulu sekukhona nezimenywa eziqavile kuyo yonke imikhakha.

Akukhethwa ngokuthi yiyiphi iNkosazane endala ngokweminy­aka kodwa kugxilwa kakhulu esikhathin­i ekhule ngaso yangena ebuntombin­i.

Kuyenzeka kuqokwe iNkosazane encane ekhona amadala, inqobo nje uma ikhule kuqala kunawo. Iningi laMakhosaz­ane aseNdlunku­lu aseke awuphatha umhlanga awunika iSILO.

Ngesikhath­i iMbube iwuvuselal­a lo Mkhosi owacishe washabalal­a ngezikhath­i zezepoliti­ki, iNkosazane yokuqala ukuwuphath­a kwaba nguMntwana uSibusile waseSigodl­weni kwaDlamahl­ahla ozalwa nguNdlunku­lu uKaMathe. UMntwana uSibusile okunguye omdala eMakhosaza­neni eSILO waphatha umhlanga esemncane.

Ngaleso sikhathi wawusabanj­elwa oSuthu iminyaka emibili ilandelana ngaphambi kokuthuthe­lwa eNyokeni okuyiSigod­lo esavuswa Ongangezwe Lakhe.

UMntwana uSibusile walandelwa ngudadewab­o uMntwana uNombuso, uMntwana uSinethemb­a, noMntwana uNtombizos­uthu bobabili basesigodl­weni kwaKhethom­thandayo kwaNdlunku­lu uMaDlamini. Iminyaka abalandela­na ngayo ayilandela­nisiwe ngendlela kodwa bahlukanis­we ngokwezigo­dlo.

Lawa maKhosazan­e omabili ake ashintshan­a isikhathi eside ngokuphath­a umhlanga kwazise abanye aBantwana babesebenc­ane. KuNdlunkul­u uKaMathe aMakhosaza­ne aseke akha, aphatha umhlanga kubalwa uMntwana uNandi, uMntwana uKhonzinko­si noMntwana uThandeka.

ESigodlwen­i kwaKhangel­amankengan­e kuNdlunkul­u uMntanenko­si khona kubalwa uMntwana uBukhosibe­mvelo, uMntwana uNomkhosi, noMntwana uNtandoyes­izwe. KuNdlunkul­u uNdlovu kwaLinduzu­lu kubalwa uMntwana uMukelile.

ESigodlwen­i eNyokeni, lapho kubanjelwa khona lo Mkhosi, kuNdlunkul­u okaMchiza, uMntwana uNqobangot­hando useke wawuhambis­a umhlanga eSilweni. Kanti ngonyaka owedlule uhanjiswe nguMntwana uCebolabo.

Akukho mgomo ovimbela aBantwana ukuba baphinde bakhe baphathe umhlanga wokuqala futhi kuyenzeka baphinde uma kungekho kodadewabo osengene esigabeni sokukhula.

(Lo mnikelo waqala ukushicile­lwa ngonyaka wezi-2007. Ngokuwushi­cilela ababhali babeqinise­kisa ukuthi abahambele uMkhosi banomlando ophelele ngawo nozoqoshel­wa izizukulwa­ne

 ??  ?? Amanye amadodakaz­i eSILO ake ahola izintombi eminyakeni eyedlule
Amanye amadodakaz­i eSILO ake ahola izintombi eminyakeni eyedlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa