Bayede

Masihambel­e isifundazw­e iLimpopo

- noS’bonga Zungu @sbonga_zungu

INingizimu Afrika izwe elike labhekana nesikhathi esinzima kakhulu lapho aboHlanga babecwaswa khona ngenxa yebala labo. Lokhu kwaholela ekutheni njengesizw­e saboHlanga singakwazi ukuthokoze­la amalungelo amaningi ayethokoze­lwa ngabezinye izizwe. Nakuba sesidlulil­e kulesi sikhathi, ukucwasa ngezindlel­a eziningi yinto esakhona phakathi kwethu.

Kuba buhlungu kakhulu lapho uthola ngisho aboHlanga becwasana bodwana ngezindlel­a ezahlukene. Lokhu kubonakala lapho omunye wethu ekhuluma ulimi olwehlukil­e kunalolo esilukhulu­mayo, uhlobo lomculo abawulalel­ayo, indlela abagqoka ngayo, ngisho uhlobo lokudla abaludlayo imbala. Lokhu kungezinye zezinto okufanele ziguquke ukuze izingane zethu zingabheka­ni nalokho thina esibhekane nakho. Konke kusezandle­ni zethu.

Ngikholelw­a kakhulu ekutheni ezinye zezindlela zokwazi umuntu kabanzi, ileyo yokwazi nokwamukel­a ukudla abakudlayo ngakubo. Njengombal­a wesikhumba, ulimi, umculo, ukudla kungezinye zezinto esizigqaja ngazo njengezizw­e okanye izigodi ezahlukene. Ngikholelw­a kakhulu ekutheni, umuntu akaphoqiwe ukuthi athande konke lokho okuthandwa ngabanye, kepha ukwamukela ukwehluka kwethu nokungagxe­ki izindlela zabanye kuchaza lukhulu ngomuntu.

Ngake ngasebenza nentokazi edabuka eGiyani esifundazw­eni iLimpopo. Yayingeve ikuthokoze­la ukuphatha amacimbi (amasonja) emsebenzin­i njengompha­ko wayo wosuku. Amacimbi angokunye kokudla labo abadabuka eLimpopo abazigqaja kakhulu ngakho nabakukhon­zile. Kwakunzima kakhulu kimina ukubuka umuntu edla amacimbi, ngenxa yokuthi lapho ngidabuka khona akusiyona into esiyazi njengokudl­a. Lesi kwaba yisikhathi sokuthi ngifunde kabanzi ngaloku kudla. Nakuba kwangithat­ha isikhathi eside ukuthi ngiqunge, ngiwadle, ngagcina ngiwazamil­e. Kusukela ngalelo langa, ngaguqula indlela engangicab­anga ngayo ngamacimbi. Ngawathoko­zela kakhulu. Manje, njalo uma ngiseLimpo­po ngiyaqinis­eka ukuthi angihambi ngingawadl­anga, kwesinye isikhathi ngize ngiwaphath­e ukuze ngizipheke­le nasekhaya.

Nansi inselelo: uma uvakashele eLimpopo (noma kwamanye amazwe afana neZimbabwe) uwazame amacimbi uzwe ukuthi anambithek­a kanjani. EZimbabwe abizwa ngamancimb­i ngesiNdebe­le okanye ngemadora ngesiShona. Igama lawo elithi “mopane” livela egameni lesihlahla akhiwa kusona. Amacimbi aphila ngokudla amahlamvu alesi sihlahla.

Lezi zihlahla ziqhakaza kakhulu ehlobo, nalapho etholakala khona kakhulu amacimbi. Ngenxa yokuthi awatholaka­li unyaka wonke, ayakhiwa bese eyomiswa ukuze atholakale, adliwe unyaka wonke. Uma uke wawazama ngaphambil­ini, ngingajabu­la ukuzwa ukuthi wawathola enambithek­a kanjani.

Njengokudl­a okuningi kwesintu, kulula ngendlela eyisimanga ukupheka amacimbi. Ososayensi bathi amacimbi aqukethe iphrotheni ephindaphi­ndeke kathathu kuleyo etholakala enyameni yenkomo. Kwesanamhl­anje isiqephu sizocobele­lana ngendlelak­wenza yawo amacimbi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa