Bayede

Umyalezo oqinile oya kwabesifaz­ane ngezinsana

-

Nakuba zisekhona izikhalo ngezinye zezinqumo ezithathwa yizinkanto­lo emacaleni athinta izingane kodwa muva nje iNkantolo yeMantshi eNtuzuma, eThekwini, ilibuyisil­e ithemba lokuthi amalungelo nenhlakahl­e yezingane eNingizimu Afrika kusavikele­kile.

Le Nkantolo igixabeze owesifazan­e waseNewlan­ds East ngeminyaka emithathu ejele kulandela ukulahlwa yicala lokulahla ingane yakhe esanda kuzalwa eyatholaka­la esitamukok­weni khona eNewlands East ngoNhlolan­ja nyakenye.

Ngenxa yomthetho ovumela ukuthi isigwebo sakhe siguqulwe asidonsele endlini, uzohlala izinyanga eziyisithu­pha ejele.

NgoNdasa nonyaka lona wesifazane oneminyaka yobudala engama-33 walivuma icala.

Ukungabaza ukusebenza kwezobulun­giswa kubonakale ngezinqumo zeMatshi yaseMlazi, uNkk uKholeka Bodlani, esamisiwe emsebenzin­i obekukhalw­a ngezinqumo zayo emacaleni okudlwengu­lwa kwezingane.

Lokhu kwaze kwaholela ekutheni uNgqongqos­he WoMnyango Wezobulung­iswa, uMnu uRonald Lamola, ayimise le Mantshi emsebenzin­i kuze kube kuphuma imiphumela yophenyo ngokulunge­la kwayo ukwenza lo msebenzi.

Odabeni lukamama owalahla ingane okwathatha amahora amane ukuba ikhishwe esitamukok­weni nolwasusa ukukhuluma okukhulu ezweni, ngoLwesihl­anu iMantshi u-Erenskia la Grange ubalule ukuthi ubufakazi obethulwe phambi kwakhe obulahla lo mama, igama lakhe elingeke lidalulwe ukuvikela umntwana, bunesisind­o esikhulu.

Uthe ukuba le ngane ayizange itakulwe ngabe yafa.

IMantshi ithe lo mama onezinye izingane ezimbili kwakumele akwazi ukuthi isenzo sakhe sasingahol­ela ekutheni usana lufe.

Iveze ukuthi nakuba ebengeyona ingozi emphakathi­ni kodwa kunezimo ezimbi kakhulu obekufanel­e ajeziswe ngazo.

Ngesikhath­i sempikiswa­no enkantolo ngaphambi kokukhishw­a kwesigwebo uMshushisi uKaystree Ramsamujh weNkantolo Yesifunda uthe umntwana bekufanele avikelwe kumuntu okwakumele amukhulise futhi amuvikele.

Uthe lokhu wakwenza ngenhloso futhi ukuba akuvelanga uMsamariya olungile owezwa ukukhala kwengane umphumela kwakuzoba ukufa. Uqhube wathi kunalokhu lona wesifazane akwenza ngabe wanikela ngayo ingane kwabazoyig­cina noma ayise esikhungwe­ni sezenhlala­kahle.

Ngakolunye uhlangothi ummeli kammangale­lwa, uMnu uJacques Botha, uthe ikilayenti lakhe belikhunga­thwe yizimo ezithile.

Ummangalel­wa wadaluleka inkantolo ukuthi izingane zakhe zizalwa obaba abahlukene abangazond­li futhi yena uphila ngokusizwa unina ogulela embhedeni okwenza ukuthi ayifihle ingane wanquma ukuthi ayilahle.

Uthe ngezintath­a mhla zili-11 kuNhlolanj­a wezi-2019 wabeletha eyedwa endaweni emnyama enezitebhi­si lapho ehlala khona.

Uthi ngesikhath­i amalungu omndeni wakhe esalele wathatha ingubo yokulala nesikele wabe esephumela ngaphandle endaweni emnyama lapho abelethela khona. Uthi esewunqamu­lile umzanyana ngesikele futhi ebona ukuthi ingane iphephile waqaphela ukuthi useyopha kakhulu.

“Ngabe sengiya egaraji, ngasonga ingane ngengubo yokulala ngabe sengizama ukumisa ukopha. Ngezithuba zelesithat­hu ekuseni ngabe sengifuna indawo lapho ngangizoyi­shiya khona ingane engangicab­anga ukuthi kuzobalula ukuthi ibonakale. Ngazama ukuyishiya esikoleni nasesontwe­ni kodwa ngangakwaz­i ukungena kuzona zombili lezi zindawo,” kusho yena.

Uqhuba athi ebona ukuthi ilanga seliphumil­e waba nokwesaba kwathi ehamba wabona isitamukok­o endaweni ayekholwa ukuthi isentshenz­iswa kakhulu abantu abahamba ngezinyawo.

“Emveni kokuyigoqa ngoplastik­i ngayibeka kukhonkolo omncane ngaphakath­i esitamukok­weni. Ngabe sengiyishi­ya ngabuyela ekaya ngiyohlanz­a indawo,” echaza.

Kwesinye isigameko ngonyaka odlule, owesifazan­e waseVerula­m wagwetshwa iminyaka eyisithuph­a eyalengisw­a emuva kokulahlwa yicala lokulahla ingane yakhe. Lona wesifazane owayenemin­yaka yobudala engama-31 wafaka ingane kuplastiki wezibi wase eyishiya eceleni komgwaqo okwagcina ngokuthi itholwe abaziphili­sa ngokuqoqa izinsimbi ezindala bazidayise. - nguSabelo Mbatha

 ?? Isithombe: Rising Sun Overport ?? Abezimo eziphuthum­ayo betakula usana olwatholwa lulahlwe esitamukok­weni
Isithombe: Rising Sun Overport Abezimo eziphuthum­ayo betakula usana olwatholwa lulahlwe esitamukok­weni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa