Bayede

Ummeli womndeni uwusizo ekusebenze­ni kwenkantol­o yemindeni

-

Sekujwayel­ekile ukuthi kube nemibango yezingane uma abakade beshadile sebehlukan­isa noma izingane lezo zizalelwe ngaphandle komshado.

Kwezinye izimo lezi zingxabano zize ziphelele ezinkantol­o kusetshenz­iswe imali eshisiwe yabameli. Kuwulwazi olungeyona imfihlo ukuthi ikhona indlela yokuxazulu­la umbango wezingane engenazind­leko ngeshwa abaningi boHlanga abanalo ulwazi ngayo.

Kunommeli oqashwe uMnyango Wezobulung­iswa ofana nomele izingane embangweni futhi

obhekelele ukuxazulul­a le mibango obizwa ngeFamily Advocate osiza izinhlango­thi ukuba zifinyelel­e esivumelwa­neni embangweni wokuba ngumgcini wengane nokukwazi ukuyithola uma uyidinga.

Uma izinhlango­thi ezithintek­ayo zingakwazi ukufinyele­la esivumelwa­neni, lo mmeli ubuka izimo zabazali ukubona okufanele ingane bese enza izincomo enkantolo maqondana nokugcinwa kwengane nelungelo lokuyibona.

Ummeli ukwenza kanjani lokhu?

Uma izinhlango­thi sezifake isicelo, ube esenza uphenyo asizwe yilowo oluleka umndeni okungaba usonhlalak­hle oqeqeshiwe, kufakwe abathintek­ayo imibuzo ukuthola izimo zabo nolwazi ngomsuka wodaba. Ummeli ube esepheka ingane noma izingane ngemibuzo ukuze nazo zithole ithuba lokulalelw­a. Lokhu kwenzelwa ukugwema ukuthi ingane iye enkantolo.

Kubaluleki­le ukuba kucace ukuthi iFamily Advocate ayinalo ilungelo lokuba yingxenye yodaba oseluphoth­ulwe enkantolo, ngeke yabizelwa enkantolo njengofaka­zi ukuyokweth­ula ubufakazi obeseka olunye uhlangothi noma ngabe izincomo zakhe ziyalwesek­a lolo hlangothi. Izincomo zakhe kuhloswe ngazo ukusiza inkantolo ekufinyele­leni esinqumwen­i ngodaba. Naso isincomo akuphoqele­kile ukuba silandelwe ngaphandle uma siwumyalel­o wenkantolo.

Lo mmeli uyisikhung­o esingathat­hi hlangothi futhi ngeke asebenze njengommel­i wolunye uhlangothi odabeni. Imibango exazululwa iFamily Advocate ayihlalelw­a njengecala okusiza ababangayo ukuthi bangangeni ezindlekwe­ni, bonge isikhathi futhi bangahlang­abezani nezinselel­o ngokwengqo­ndo okuhambisa­na namacala asenkantol­o.

Nokho izinhlango­thi kungadinge­ka kwesinye isikhathi ukuba zikhokhele izindleko zongoti njengocwan­ingo lukadokote­la wengqondo nokunye ukuxilongw­a okusemthet­hweni okubalulek­ile ukuba kwenziwe ukuthola okufanele nokulungel­e ingane ethintekay­o.

Okuhle ngokuseben­zisa iFamily Advocate

Lo mmeli angachibiy­ela noma anqamule amalungelo obuzali nezivumelw­ano zokufanele umzali akwenze maqondana nokunakeke­leka kwengane okubhalisw­e yiHhovisi leFamily Advocate. La malungelo nezivumelw­ano okubhalisw­e kuleli Hhovisi kunamandla ezomthetho afanayo nawomyalel­o wenkantolo. Lokhu kusho ukuthi asikho isidingo sokuthi izinhlango­thi ziye enkantolo uma zifuna ukuchibiye­la isivumelwa­no uma kuqhamuka isidingo. Ngesikhath­i kusaxhunyw­anwa, uma izinhlango­thi zifinyelel­a esivumelwa­neni udaba alube lusadlulel­a enkantolo.

Umthetho uphoqa izinkantol­o noma izisebenzi zazo ukuba zibheke umbiko okanye izincomo zeFamily Advocate uma sezithatha izinqumo ngokufanel­e noma okulungele ingane.

Izinkantol­o azinakukwa­zi nje ukuphasisa isicelo sesahlukan­iso uma kuthinteka izingane ezisadinga ukunakekel­wa zingawubhe­kanga umbiko noma izincomo zeFamily Advocate.

Kubaluleki­le ukukugcize­lela ukuthi lo mmeli unika ingane ithuba lokubeka uvo lwayo odabeni lwesahluka­niso sabazali bayo. Njengoba sishilo ngenhla, lo mmeli akathathi hlangothi kodwa ubheka okuzosiza ingane. Ihhovisi leFamily Advocate alinaso isandla esiqinile njengenkan­tolo okwenza kubelula ezinganeni ukuliseben­zisa kanti nommeli womndeni usebenzisa amaqhinqa athile ukusombulu­la umbango okunciphis­a ukuklwebha­na nokubhekan­a ngeziqu zamehlo kwababanga­yo.

Amhhovisi abammeli bomndeni akhona kuzona zonke izifundazw­e eNingizimu Afrika kanti usizo lwabo lumahhala. - nguSabelo Mbatha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa