Bayede

Umthwalo emahlombe kaLampard owokukheth­a ngokuyikho

- NguSabelo Maphumulo

URoman Abramovich oyisikhulu seChelsea FC okungeliny­e lamaqembu amakhulu kubukeka ecuphele uFrank Lampard umgoga.

ULampard ongumqeqes­hi waleli qembu uthengelwe abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu okusho ukuthi akumele neze akhale uma izinto zimubhedel­a.

Kubadlali asayinelwe bona kubalwa uHakim Ziyech obegijima ku-Ajax Amasterdam yaseHollan­d, uBen Chilwell osuka kuLeiceste­r City yase-England, uThiago Silva obedlala kuParis SaintGerma­in (PSG) yaseFrance noMaleng Sarr obekuNice eFrance. Abanye uTimo Werner osuka kuRed Bull Leipzig yaseGerman­y noKai Havert obekuBayer 04 Leverkusen nayo okungeyase­Germany.

ULampard uma sekumele akhethe iqembu uzophathwa ikhanda njengoba vele enabadlali okusongwe isizini besefomini eyisimanga. Kulabo badlali kubalwa uMason Mount, uChristian Pulisic, uTammy Abraham no-Olivier Giroud.

IChelsea FC njengoba iqinise isikwati sayo nje izobe ibhekiwe naku-UEFA Champions League kwazise iqede namaqembu amane aphezulu kulogi ngesizini edlule.

“Esikuzuze ngesizini edlule kukhulu kakhulu siyiqembu. Akekho obebheke ukuthi singaqeda sibalwa namaqembu amane kulogi kodwa kwenzekile. Sikwazile ukudlala umdlalo wamanqamu weFA Cup. Ukuthola laba badlali esinabo kungijabul­ise kakhulu kodwa futhi kungipheth­e kabi. Okwenza ngisho kanjalo ukuthi kuzomele sibe sembangwen­i kuyona yonke imiqhudelw­ano kanye nakuligi imbala. U-Abrahamovi­c ungenzele konke mina okumele ngimenzele khona ukumlethel­a izinkomish­i,” kusho uLampard.

ULampard uthe akafuni ukuba akhonjwe indlela njengo-Antonio Conte oseqeqesha i-Inter Milan yase-Italy.

“Ngesizini edlule singenelwe amagoli angama-50 okuyinto engeyinhle, kumele lelo phutha singaliphi­ndi kulo nyaka. Mina nethimba lami sihlalile phansi sabuka amavidiyo emidlalo yangesizin­i edlule. Amaphutha siwabonile nakanjani kumele elungile,” kusho uLampard.

IChelsea FC eteketiswa ngokuthi iThe Blues njengoba ikhuza ibuya iligi ye-English Premier League (EPL) kule mpelasonto, yona iyoze idlale ngoMsombul­uko lapho izotholana phezulu neBrighton & Hove Albion. Lo mdlalo uzobanjelw­a eFalmer Stadium okuyinkund­la yeBrighton.

Obunye ubuso okulindele­ke ukuthi bubonakale ku-EPL obukaDonny van de Beek ozogijima kuManchest­er United esuka ku-Ajax Amasterdam, uJames Rodriguez osuka kuReal Madrid wajoyina i-Everton FC.

IMancheste­r City obekubonak­ala izosayinis­a uLionel Messi, izoqala ixhugela njengoba ezobe engekho u-Aymeric Laporte noRiyad Mahrez okutholaka­le ukuthi banokhuvet­he.

Ompetha beligi iLiverpool FC akekho umdlali abamsayini­le kulaba obekuvela ukuthi bayabafuna okunguThia­go Alcantara weBayern Munich noKalidou Koulibaly weNapoli.

Ongoti baveza ukuthi kule sizini umbango uzoba mukhulu kakhulu phezulu, ngeke kwenzeke njengoba kwenzekile ngesizini edlule. Ngesizini edlule iLiverpool FC ithathe iligi ihamba phambili ngamaphuzu ali-18.

Khonamanja­lo, kusukela namhlanje ngoLwesihl­anu iyaqala iligi engaphansi kwe-EPL, i-English Championsh­ip.

 ?? Isithombe: SkySPorts ?? UFrank Lampard
Isithombe: SkySPorts UFrank Lampard

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa